Siza Abayizimpumputhe Bafunde NgoJehova
1. UJesu wasibonisa kanjani isihawu kwabayizimpumputhe?
1 Kwakusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuba uJesu afe. Njengoba ephuma eJeriko, izinxibi ezimbili eziyizimpumputhe zamemeza: “Nkosi, yiba nesihe kithi!” Nakuba uJesu eyecabanga ngezinsizi ayesazobhekana nazo, wama, wabiza la madoda futhi wawelapha. (Math. 20:29-34) Singamlingisa kanjani uJesu ekuboniseni isihawu kwabayizimpumputhe?
2. Singafakaza kanjani kumuntu oyimpumputhe lapho sihlangana naye endaweni yomphakathi?
2 Yiba Usizo: Uma uhlangana nomuntu oyimpumputhe, mhlawumbe endaweni yomphakathi, zazise futhi ucele ukumsiza. Ngenxa yokuthi abantu abayizimpumputhe kuvame ukudlalwa ngabo, angase angakwethembi ekuqaleni. Nokho, ukuba nobungane nesithakazelo esiqotho kungamenza akhululeke. Khumbula nokuthi kunezinhlobo ezingefani zokungaboni futhi lokho kunganquma ukuthi lungakanani usizo ongamnika lona. Ngemva kokumsiza, mhlawumbe ungamazisa ukuthi ufundisa ngeBhayibheli. Cela ukumfundela umBhalo, njengeHubo 146:8 noma u-Isaya 35:5, 6. Uma ekwazi ukufunda i-Braille, mbuze ukuthi angathanda yini ukuba nencwadi ye-Braille ezomsiza afunde okwengeziwe ngeBhayibheli. Ungamsiza nangokuthola izincwadi ezilalelwayo kuyi-jw.org. Uma i-computer yakhe inohlelo lokufunda ngokuzwakalayo izinto ezibhaliwe, angase azijabulele izihloko ezikuyi-jw.org nezincwadi ezingadawunilodeka ngohlelo lwe-Rich Text Format (RTF).—Bheka ibhokisi elithi “Lapho Usiza Umuntu Oyimpumputhe . . . ”
3. Singabafuna kanjani abantu abayizimpumputhe ensimini yethu?
3 Funa Abayizimpumputhe: Asivamile ukuthola abantu abayizimpumputhe enkonzweni yendlu ngendlu ngoba abaningi babo abazizwa bekhululekile ukukhuluma nomuntu abangamazi. Ngakho-ke, kudinga umzamo wangempela ‘ukufuna’ abanjalo ukuze sifakaze kubo. (Math. 10:11) Ukhona yini umuntu osebenza naye noma ofunda naye oyimpumputhe? Thatha isinyathelo sokukhuluma naye. Uma ensimini yenu kunesikole sabantu abayizimpumputhe, cela ukubeka ezinye zezincwadi zethu ze-Braille emtatsheni wezincwadi wesikole. Ukhona yini umuntu omaziyo onelungu lomndeni elingaboni? Ensimini yenu, zikhona yini izinhlangano ezenza izinkonzo ezisiza abantu abayizimpumputhe noma ezisiza ezakhiweni abahlala kuzo? Chazela ilungu lomndeni, isisebenzi esiphendula izingcingo noma umqondisi ukuthi oFakazi BakaJehova banesithakazelo esikhulu sokusiza abangaboni futhi ucele ukuletha izincwadi ze-Braille noma ezilalelwayo. Mbonise isithembiso seBhayibheli sokuthi maduze uNkulunkulu uzobuqeda ngokuphelele ubumpumputhe. Ungase uthande nokumbonisa i-video ekuyi-jw.org ethi “Without It, I Would Feel Lost,” ekhuluma ngokuhlangenwe nakho kwendoda eyimpumputhe eye yazuza ngokuba neBhayibheli le-Braille. Ukuchaza injongo yokuvakasha kwakho kungakuvulela indlela yokukhuluma nomuntu oyimpumputhe.
4. Okuhlangenwe nakho kukaJanet kusifundisa ziphi izifundo?
4 Udade ongaboni ogama lakhe linguJanet wavakashela isikhungo esasihlala abantu abayizimpumputhe. Waqala ingxoxo nowesifazane osemusha. UJanet watshela lo wesifazane, “uJesu welapha abantu abayizimpumputhe ukuze abonise lokho ayeyokwenzela bonke abangaboni.” Baxoxa ngesAmbulo 21:3, 4 futhi uJanet wamchazela indlela uMbuso kaNkulunkulu owawuyofeza ngayo lesi sithembiso. Lo wesifazane wathula wabe esethi: “Angikaze ngicabange ngale ndaba njengebhekisela kubantu abangaboni. Iningi labantu ababonayo likholelwa ukuthi abantu bayizimpumputhe ngoba kunokuthile abakwenza noma okwenziwa amadlozi abo.” UJanet wathumelela lona wesifazane i-e-mail eyayine-link yencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, futhi manje bafunda iBhayibheli ndawonye kabili ngesonto.
5. Nakuba singenakukwazi ukwelapha abayizimpumputhe njengoJesu, ukubabonisa isithakazelo kuyoletha ziphi izibusiso?
5 Yiqiniso, asinakubelapha abantu abayizimpumputhe njengoba kwenza uJesu, kodwa singakwazi ukusiza bonke abaye baphuphuthekiswa izingqondo unkulunkulu walesi simiso sezinto, kuhlanganise nabayizimpumputhe ezingokoqobo, ukuba baqonde iqiniso leZwi likaNkulunkulu. (2 Kor. 4:4) UJesu welapha amadoda amabili eduze kwaseJeriko ngoba ‘ewahawukela.’ (Math. 20:34) Uma sibonisa abayizimpumputhe isithakazelo esifanayo, singajabulela ilungelo lokusiza abanye babo ukuba bafunde ngoJehova, lowo ozoqeda ubumpumputhe phakade.