Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/15 kk. 12-13
  • Umphefumulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umphefumulo
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe umphefumulo awufi?
  • Ingabe umphefumulo uhlukene nomzimba?
  • Kwenzekani ngomphefumulo lapho umuntu efa?
  • Ingabe Unomphefumulo Ongafi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Lokho IBhayibheli Elikushoyo Ngomphefumulo
    Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?
  • Uyini Umphefumulo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Umphefumulo Uyasinda Ekufeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 12/15 kk. 12-13

UMBONO WEBHAYIBHELI

Umphefumulo

Izinkolo zinikeza imibono ehlukene edidayo mayelana nomphefumulo nokuthi kwenzekani kuwo lapho sifa. Nokho, iBhayibheli linikeza incazelo ecacile.

Ingabe umphefumulo awufi?

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi umphefumulo awufi. Abanye bakholelwa ukuthi umphefumulo uzalwa kabusha, uvele emzimbeni omusha ngemva kokufa komzimba omdala. Abanye bakholelwa ukuthi umphefumulo udlulela kwenye indawo, njengasezulwini noma esihogweni.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli alisho ukuthi umphefumulo awufi. Empeleni, livame ukukhuluma ngomphefumulo njengofayo. UNkulunkulu wasebenzisa umprofethi uHezekeli ukuba alobe ingxenye yeBhayibheli, ebonisa ukuthi umphefumulo ungajeziswa ngokufa. Ngezinye izikhathi, iBhayibheli lisebenzisa inkulumo ethi “umphefumulo ofile” ukuze lichaze isidumbu. (Levitikusi 21:11) Ngokusobala, iBhayibheli alifundisi ukuthi umphefumulo awufi.

“Umphefumulo owonayo​—yiwo oyokufa.”​—Hezekeli 18:20.

Ingabe umphefumulo uhlukene nomzimba?

OKUSHIWO ABANTU

Umphefumulo uyaphila lapho umzimba womuntu uphila, kodwa kube sekuhlukana ngemva kokufa.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli likhuluma ngomama njengozala “imiphefumulo”​—okuwukuthi, abantu abaphilayo nabaphefumulayo. (Genesise 46:18) Empeleni, igama lesiHebheru elisetshenziswe eBhayibhelini elithi “umphefumulo” lingase lihunyushwe ngokuthi “umuntu ophefumulayo.” Ngezinye izikhathi leli gama lisetshenziswa nasekuchazeni izilwane. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lichaza umphefumulo njengonxanela ukudla. (Duteronomi 12:20) Ukube umphefumulo ubuyinto ephilayo ehlukene nomzimba, ingabe bekuzodingeka ukuba udle noma uphefumule? EBhayibhelini igama elithi “umphefumulo” ngokuvamile libhekisela kumuntu ophilayo ophelele, okuhlanganisa umzimba, imizwelo, nobuntu bakhe.

“Wamzalela . . . imiphefumulo eyishumi nesithupha.”​—Genesise 46:18.

Kwenzekani ngomphefumulo lapho umuntu efa?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Njengoba nje imizimba yethu ishabalala lapho sifa, “akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha [eThuneni].” (UmShumayeli 9:10) ImiBhalo isitshela ngokucacile ukuthi lapho umuntu efa ‘uphindela emhlabathini; ngalolo suku imicabango yakhe iyashabalala.’ (IHubo 146:4) Inkulumo ethi, umphefumulo ofile ibhekisela esimweni sokungenzi lutho, kungakho imiBhalo ivame ukufanisa abantu abafile ‘nabalele.’​—Mathewu 9:24.

Indoda nomkayo bami phambi kwebhokisi elivaliwe

KUNGANI KUNENDABA?

Lapho ufelwa abathandekayo bakho, ufuna ukwazi izimpendulo zemibuzo enjengale: Bakuphi? Bakusiphi isimo? Ingabe bayahlupheka? Njengoba iBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi abafileyo abazi lutho, kungasiduduza ukwazi ukuthi abathandekayo bethu abafileyo abasahlupheki. Kungasiduduza nakakhulu ukwazi ukuthi uJehova uthembisa ukuvusa imiphefumulo efile iphinde iphile esikhathini esizayo.​—Isaya 26:19.

“Abafileyo bona abazi lutho.” ​—UmShumayeli 9:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela