Isethulo
Bewazi yini ukuthi izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova zihunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-750?
Kungani senza kanjalo? Ukuze umyalezo weBhayibheli ufinyelele “zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.”—IsAmbulo 14:6.
Le “Phaphama!” ibonisa indlela esiwenza ngayo umsebenzi wokuhumusha.