Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 3 k. 3
  • Ukunqoba Inselele Yakudala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunqoba Inselele Yakudala
  • I-Phaphama!—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2016
  • Izindaba Ezinhle Ngezilimi Ezingu-500
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Incwadi “Ekhuluma” Izilimi Eziphilayo
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Ukuqoqa Abantu Bazo Zonke Izilimi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 3 k. 3
Abantu bezinhlanga nezizinda ezihlukahlukene

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UKUNQOBA INSELELE YOKUNGAFANI KWEZILIMI

Ukunqoba Inselele Yakudala

UKUHLUKAHLUKA nobuningi bezilimi ezisemhlabeni—manje ezingaba ngu-7 000—kungenza izinto zibe nzima kwezokuvakasha, ezohwebo, ezemfundo nakwezokuphathwa kwezwe. Bekulokhu kunjalo kusukela endulo. Ngokwesibonelo, cishe ngo-475 B.C.E., lapho kubusa iNkosi u-Ahashiveroshi (okungenzeka nguXerxes I), abasePheresiya basakaza izinqumo ezingokomthetho kuwo wonke umbuso, “kusukela eNdiya kuze kube seTopiya, izifunda zombuso eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa, kulotshelwa isifunda ngasinye sombuso ngokwendlela yaso yokuloba nesizwe ngasinye ngokolimi lwaso.”a

Namuhla, izinhlangano eziningi—ngisho nawohulumeni—ngeke ziyilokothe into enzima kangako. Kodwa ikhona inhlangano eye yakwenza ngempumelelo lokhu. OFakazi BakaJehova bakhiqiza omagazini, okulalelwayo, ama-video nezincwadi eziningi—kuhlanganise neBhayibheli—ngezilimi ezingaphezu kuka-750. Lokhu kuhlanganisa nezilimi zezandla ezingaba ngu-80. OFakazi bakhiqiza nezincwadi zabangaboni zeBraille yamazinga ahlukahlukene.

Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova abatholi nzuzo engokwezimali ngomsebenzi wabo. Eqinisweni, bonke abahumushi babo nezinye izisebenzi abakhokhelwa. Kungani bezikhandla kangaka ekuhumusheleni ezilimini eziningi kangaka futhi bakwenza kanjani lokho?

a Bheka u-Esteri 8:9 eBhayibhelini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela