Isethulo
Ukuyeka izejwayezi ezimbi uqale ezinhle kuthatha isikhathi, kodwa kuwufanele yini umzamo?
IBhayibheli lithi:
“Kungcono ukuphela kwendaba kamuva kunokuqala kwayo.”—UmShumayeli 7:8.
Lezi zihloko zixoxa ngezimiso zeBhayibheli ezibonisa ukuthi abantu bangazilawula kanjani izejwayezi zabo ukuze zibazuzise.