Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 4/8 k. 30-k. 31 isig. 3
  • Ingabe Ikhona Indlela Yokunqoba Imikhuba Emibi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ikhona Indlela Yokunqoba Imikhuba Emibi?
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izifiso Nezenzo
  • Lungenzeka Ushintsho
  • Zuza Emandleni Esejwayezi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • 1. Bhekana Namaqiniso
    I-Phaphama!—2016
  • Ukugwema Ukubuya Kwemikhuba Emibi
    I-Phaphama!—1991
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 4/8 k. 30-k. 31 isig. 3

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Ikhona Indlela Yokunqoba Imikhuba Emibi?

U MLOBI uMark Twain wake washo la mazwi: “Ukuyeka ugwayi kulula kabi. Ngiyazi ngoba sengikwenze izikhathi eziyizinkulungwane.” Akungabazeki ukuthi abantu abaningi bangavumelana namazwi kaTwain abhuqayo. Nakuba bengase baqaphele ngokugcwele ukuthi imikhuba ethile mibi ngokokuziphatha futhi iyingozi, bayazi futhi ukuthi ukulwa nayo nokuyinqoba kunzima kakhulu. Imikhuba ingagxila ngokujulile ngokuhamba kweminyaka futhi kungaba nzima kakhulu ukuhlukana nayo. Ukuzama ukunqanda izinkanuko ezinjalo kungamthena amandla umuntu futhi kumzwise ngisho nobuhlungu.

UDkt. Anthony Daniels, ongudokotela osebenza ejele, uthi izaphula-mthetho zivame ukuthi ziyizigqila ezingenandlela yokuphunyula ezinkanukweni nasezifisweni zazo ezonakele. Zithi uma umuntu eseluthwe yinto ethile, “usuke esexhakathiswe ukulutheka okubi, angenamandla okumelana nako.” Ukube lowo mbono ubuyiqiniso, besingeke silandise uma senza ngokuvumelana nezifiso zethu. Kodwa ingabe kuyiqiniso ukuthi siyizisulu ezingenakuzisiza zezisusa nezifiso ezisenhliziyweni? Noma inganqotshwa yini ngempela imikhuba emibi? Ukuze sithole impendulo eyanelisayo, ake sibone ukuthi iBhayibheli lithini.

Izifiso Nezenzo

IBhayibheli likwenza kucace ukuthi siyolandisa kuNkulunkulu ngezenzo zethu. (Roma 14:12) Futhi, ufuna ukuba siphile ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zokulunga. (1 Petru 1:15) NjengoMdali wethu, uyakwazi okusifanele, futhi izimiso zakhe ziyayilahla imikhuba eminingi evamile kuleli zwe. (1 Korinte 6:9, 10; Galathiya 5:19-21) Nokho, uyacabangela futhi unozwela uma kuziwa kulokho akulindele kubantu abangaphelele.—IHubo 78:38; 103:13, 14.

Yingakho umhubi abhala: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?” (IHubo 130:3) Yebo, uJehova wazi kahle kamhlophe ukuthi “ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.” (Genesise 8:21) Ufuzo, ubuthaka esizalwa nabo, nezimo esiye sabhekana nazo kukwenza kungenzeki ukugwema yonke imicabango nezifiso ezimbi. Ngakho ngothando, uJehova akalindele ukuphelela kithi.—Duteronomi 10:12; 1 Johane 5:3.

Nokho, ukusicabangela kukaNkulunkulu ngale ndlela akusikhululi emthwalweni wokulawula izifiso ezimbi. Nakuba avuma ukuthi naye ngokwakhe wayeshikashikeka nezifiso ezimbi, umphostoli uPawulu akazange ayeke. (Roma 7:21-24) Wathi: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila.” Ngayiphi injongo? Ukuze “mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.” (1 Korinte 9:27) Yebo, ukuzithiba kubalulekile lapho silwa nokuthambekela kwethu nemikhuba emibi futhi sigcine siyinqobile.

Lungenzeka Ushintsho

Ososayensi abacwaninga ngokuziphatha bathi imikhuba emibi, njengemikhuba emihle, iyafundwa futhi ihlakulelwe ngokuhamba kwesikhathi. Uma lokho kuyiqiniso, khona-ke imikhuba emibi ngokuqinisekile ingayekwa! Kanjani? “Cabanga ngezinzuzo zokulahla umkhuba omdala,” kusho abalobi bencwadi ekhuluma ngokulawula ukucindezeleka. Yibe “sewenza uhlu lwendlela ukushintsha ukuziphatha kwakho okungakuthuthukisa ngayo ukuphila kwakho.” Yebo, ukugxila ezinzuzweni zokushintsha ukuziphatha kwethu okungafanele kungasishukumisela ukuba sishintshe.

Cabangela isiyalo somphostoli uPawulu sokuba ‘senziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yethu.’ (Efesu 4:22, 23) Lawo mandla awukuthambekela okubusa izingqondo zethu. Lawo mandla uwashintsha ngokusondela kuNkulunkulu nangokuhlakulela ukwazisa ngezindinganiso zakhe. Ukwazi ukuthi uthokozisa uJehova kukunika ugqozi lokwenza izinguquko ezidingekayo.—IHubo 69:30-33; IzAga 27:11; Kolose 1:9, 10.

Kuyiqiniso ukuthi kuyoba nzima ukulahla imikhuba emibi osekuyiminyaka ibusa ukuphila kwethu. Akufanele siwuthathe kalula umshikashika esibhekene nawo. Ngokuqinisekile siyohluleka ngezinye izikhathi. Kodwa ungaqiniseka ngokuthi izinto zivame ukuba lula ngokuhamba kwesikhathi. Uma uqhubeka wenza umzamo, ukuziphatha kwakho okusha kuyoqhubeka kuba yingxenye yokuphila kwakho.

Umuntu othanda uNkulunkulu angaqiniseka nangosizo kanye nesibusiso saKhe. UPawulu uyathembisa: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa . . . uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi [ukukhuthazela].” (1 Korinte 10:13) Maduze, uJehova uNkulunkulu uzobhubhisa lesi simiso esibi sezinto kanye nazo zonke izilingo zaso ezonakele, izifiso zaso, nezinkanuko zaso. (2 Petru 3:9-13; 1 Johane 2:16, 17) Bonke abantu abangaphelele abasinda kulesi senzakalo ngokuhamba kwesikhathi bangaphulukiswa ngokuphelele phakade kuzo zonke izinkathazo—ezingokomzimba, ezingokwengqondo, nezingokomzwelo. UNkulunkulu uthembisa ukuthi “izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” (Isaya 65:17) Ngokuqinisekile phakathi kwalezi “zinto zangaphambili” kuyoba nezinkanuko kanye nezifiso eziwuhlupho. Ingabe lesi akusona isizathu esihle sokwenza konke okusemandleni ethu namuhla ukuze simelane futhi silwe nemikhuba emibi?

[Ibhokisi ekhasini 31]

UKUNQOBA IMIKHUBA EMIBI

1. Yazi imikhuba emibi futhi uyivume. Zibuze, ‘Ingabe ngiyazuza ngempela ngalo mkhuba? Ingabe uyabacasula abanye? Ingabe uyayithikameza impilo yami, isimo sami sezimali, inhlalakahle, umkhaya wami, noma ukuthula kwengqondo? Bengingaphila kangcono kangakanani ngaphandle kwawo?’

2. Thola okuthile okwakhayo esikhundleni salo mkhuba omubi. Ngokwesibonelo, ingabe uchitha isikhathi esiningi kuyi-Inter­net, mhlawumbe ubuka izinto ezingafanele? Khona-ke, sebenzisa leso sikhathi ufunde okuthile okwakhayo, utadishe, noma uvivinye umzimba.

3. Bheka intuthuko yakho. Usuku ngalunye zinike imizuzu embalwa ucabange ngentuthuko osuyenzile. Uma kwenzeka uhluleka, zama ukuthola ukuthi yiziphi izimo eziholelé kuleyo nkinga.

4. Cela usizo lwabanye. Tshela abangane nomkhaya ukuthi uzama ukunqoba lo mkhuba, ubacele ukuba bakukhumbuze uma kubonakala sengathi usuhlehlela emuva. Xoxa nabanye abaye baphumelela ukunqoba umkhuba ofanayo.—IzAga 11:14.

5. Linganisela futhi ubhekane namaqiniso. Ungalindeli ukuphumelela zisuka nje. Kungase kube nzima ukuyeka imikhuba ethile ehlakulelwe phakathi neminyaka eminingi.

6. Thandaza kuNkulunkulu. Ngosizo lukaNkulunkulu unganqoba noma imuphi umkhuba omubi.—IHubo 55:22; Luka 18:27.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela