Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 5 kk. 8-9
  • Ukufundisa Ingane Yakho Ngocansi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufundisa Ingane Yakho Ngocansi
  • I-Phaphama!—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Khuluma Nezingane Zakho Ngezocansi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Fundisa Izingane Zakho Ukuziphatha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Abazali Bangazifundisa Kanjani Izingane Zabo Ngocansi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Bazali—Vikelani Izingane Zenu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 5 kk. 8-9
Umama uneka izingubo ocingweni exoxa nendodakazi yakhe

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Ukufundisa Ingane Yakho Ngocansi

INSELELE

Umfana ubuka izindlela ezihlukahlukene zokuthola ulwazi—iBhayibheli, incwadi nemishini yobuchwepheshe

Emashumini eminyaka ambalwa edlule, abazali babenethuba elikahle lokuba abokuqala ukuxoxa nendodana noma nendodakazi yabo ngocansi. Futhi babengakwazi ukuchaza izinto kancane kancane, kuye ngokweminyaka nezidingo zengane.

Sekushintshile konke lokho. Incwadi ethi The Lolita Effect ithi: “Imiyalezo ephathelene nocansi isitholakala kalula ezinganeni ezineminyaka ephansi kakhulu, kanti ngisho nemithombo yokwaziswa yezingane iya iba nokuningi okuphathelene nocansi.” Ingabe lokhu kuyazisiza izingane noma kuyazilimaza?

OKUFANELE UKWAZI

Ukwaziswa okuyingcaca ngocansi kuthe chithi saka. Encwadini yakhe ethi Talk to Me First, uDeborah Roffman uthi, “izingxoxo, izikhangiso, ama-movie, izincwadi, umculo, izinhlelo ze-TV, imiyalezo ebhalwayo, imidlalo, amabhodi amakhulu okukhangisa namaskrini amafoni nawama-computer agcwele izithombe, ulimi nokunye okusikisela ucansi kangangokuthi [intsha nezingane] eziningi, zinganakile zingaphetha ngokuthi . . . ayikho enye into ebaluleke ukudlula ucansi.”

Ezokuthengisa zinesandla kule nkinga. Abakhangisi nabathengisi badayisa izingubo zezingane zokugqoka ezikhangayo ngokocansi, beziqeqeshela ukunaka ngokungadingekile indlela yokubukeka zisencane. Incwadi ethi So Sexy So Soon ithi: “Abathengisi bayabazi ubuthaka bezingane, futhi bayasizakala ngabo. Zonke lezi zithombe zocansi nemikhiqizo akuhloselwe ukufundisa izingane ngocansi kodwa injongo iwukuzidayisela imikhiqizo.”

Ulwazi alwanele. Njengoba nje kunomehluko phakathi kokwazi ukuthi imoto isebenza kanjani nokuba umshayeli okahle, kunomehluko phakathi kokuba nolwazi ngocansi nokusebenzisa lolo lwazi ukuze wenze izinqumo ezihlakaniphile.

Iphuzu eliyinhloko: Namuhla, kunanini ngaphambili, kudingeka usize izingane zakho ziqeqeshe ‘amandla azo okuqonda’ ukuze zikwazi “ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.”—Hebheru 5:14.

ONGAKWENZA

Thatha isinyathelo. Kungakhathaliseki ukuthi kulukhuni kangakanani, ukukhuluma nezingane zakho ngocansi kuwumthwalo wakho. Wamukele.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 22:6.

Yiba nezingxoxo ezimfushane. Esikhundleni sokuba nengxoxo eyodwa ende ngocansi, sebenzisa amathuba avelayo, mhlawube lapho nihamba nobabili emotweni noma lapho nenza umsebenzi wasendlini ndawonye. Ukuze usize ingane yakho ikhululeke, buza imibuzo edinga imibono yayo. Ngokwesibonelo, esikhundleni sokuthi, “Wena uyazithanda yini izikhangiso ezinje?” ungase uthi, “Uma ucabanga, kungani abakhangisi besebenzisa izithombe ezinje ukuze badayise imikhiqizo yabo?” Ngemva kwempendulo yayo, ungase ubuze, “Wena, uzizwa kanjani ngalokho?”—Isimiso seBhayibheli: Duteronomi 6:6, 7.

Gcina ingxoxo ilingana neminyaka yengane. Izingane ezifunda enkulisa zingafundiswa amagama ayiwonawona ezitho zobulili, nokuthi zingazivikela kanjani kulabo abahlukumeza ngokocansi. Njengoba zikhula, izingane zingafundiswa amaqiniso ayisisekelo ngenqubo yokuzalana. Lapho sezisesikhathini sokuthomba, kumelwe zibe seziyiqonda ngokugcwele indaba yokuziphatha nocansi.

Gxilisa izindinganiso zokuziphatha. Qala ukufundisa ingane yakho—isencane—ngokwethembeka, ubuqotho nenhlonipho. Lapho senixoxa ngocansi, usuke usunesisekelo ongakhela kuso. Okunye, ziveze ngokucacile izindinganiso zakho zokuziphatha. Ngokwesibonelo, uma ukuya ocansini ngaphambi kokushada ukubheka njengento embi, yitshele. Yibe usuchaza ukuthi kungani kukubi futhi kulimaza. Incwadi ethi Beyond the Big Talk ithi: “Intsha ethi iyazi ukuthi abazali bayo abathandi ukuba abantu abasebasha baye ocansini inamathuba amancane okuya ocansini.”

Yiba isibonelo. Phila ngezindinganiso zokuziphatha ozifundisayo. Ngokwesibonelo, ingabe uhlekiswa amahlaya angcolile, ugqoka ngendlela evusa inkanuko noma udlala ngothando? Izenzo ezinjalo zingakululaza lokho ozama ukukufundisa izingane zakho.—Isimiso seBhayibheli: Roma 2:21.

Gcina ingxoxo yakha. Ucansi luyisipho esivela kuNkulunkulu, futhi lapho lujatshulelwa ngaphansi kwezimo ezifanele—emshadweni—lungaba umthombo wenjabulo enkulu. (IzAga 5:18, 19) Yenza ingane yakho iqonde ukuthi ngesikhathi esifanele nayo ingakwazi ukusijabulela lesi sipho, ngaphandle kobuhlungu benhliziyo nokukhathazeka okuhambisana nokuya ocansini ngaphambi kokushada.—1 Thimothewu 1:18, 19. 

IMIBHALO EYINHLOKO

  • “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”—IzAga 22:6.

  • “Kumelwe [ugxilise imiyalo kaNkulunkulu] kubantwana bakho.”—Duteronomi 6:6, 7.

  • “Ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena?”—Roma 2:21.

INDIMA YOMZALI

Naphezu kokucabanga okuvamile, izingane—kuhlanganise nentsha—zithonywa kakhulu abazali bazo kunontanga. “Umuntu wokuqala izingane eziya kuye ukuze zithole isiqondiso nokucaciselwa izinto eziningi ngendlela eziyijwayele nezingayiqonda, kuba umuntu omdala oseduze. Ziya kwenye indawo kuphela lapho zazi noma zinomuzwa wokuthi asizimisele ukusiza noma ukuzenza sitholakale. . . . Okuboniswa iminyaka yocwaningo akumelwe kusimangaze: imindeni exoxayo ngezindaba ezinjengezocansi ikhulisa izingane ezinempilo nezenza izinqumo ezingcono, eziyokwazi kangcono ukuzimela futhi mhlawumbe okubaluleke kakhulu, eziyogwema ukuziphatha okungaba yingozi.”—Talk to Me First.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela