Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 6 kk. 14-15
  • Igama LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Igama LikaNkulunkulu
  • I-Phaphama!—2017
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani igama likaNkulunkulu?
  • Lisho ukuthini igama likaNkulunkulu?
  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Kungani Kufanele Sisebenzise Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Isizathu Sokuba Sazi Igama LikaNkulunkulu
    IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade (na)
  • Indlela Ongamazi Ngayo UNkulunkulu Ngegama
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 6 kk. 14-15
[Isithombe ekhasini 15]

Igama likaNkulunkulu livela izikhathi eziningi emibhalweni yesandla yakudala, libhalwe ngezinhlamvu zesiHebheru

UMBONO WEBHAYIBHELI

Igama Likankulunkulu

Lapho abantu abaningi bekhuluma noNkulunkulu, bambiza ngamagama okuhloniphisa anjengokuthi Nkosi, Simakade, Allah noma bamane bathi Nkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu unalo igama. Kufanele yini umbize ngalo?

Ubani igama likaNkulunkulu?

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi abathi bangamaKristu, bazi ukuthi igama likaNkulunkulu uJesu. Abanye bathi ngenxa yokuthi uyedwa uNkulunkulu onguMninimandla Onke, asikho isidingo sokumbiza ngegama. Kanti abanye bathi akulungile ukubiza uNkulunkulu ngegama.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

UJesu akayena uNkulunkulu uMninimandla Onke, ngakho uJesu akulona igama likaNkulunkulu. Empeleni, uJesu wafundisa abantu ukuba bathandaze kuNkulunkulu bathi: “Baba, malingcweliswe igama lakho.” (Luka 11:2) Ngisho naye uJesu wathandaza kuNkulunkulu wathi: “Baba, khazimulisa igama lakho.”​—Johane 12:28.

EBhayibhelini uNkulunkulu uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami; futhi angisoze nganika muntu omunye inkazimulo yami.” (Isaya 42:8) Igama elithi “Jehovah” liyigama lesiNgisi, elihumusha izinhlamvu ezine zesiHebheru (YHWH), ezimelela igama likaNkulunkulu. Lelo gama livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emiBhalweni YesiHebheru.a Livela izikhathi eziningi kunanoma iliphi igama lokumhloniphisa njengelithi “Nkulunkulu,” “Mninimandla Onke,” noma “Nkosi,” futhi livela izikhathi eziningi kunamanye amagama anjengathi Abrahama, Mose noma Davide.

Akukho eBhayibhelini lapho uJehova esinqabela khona ukuba sisebenzise igama lakhe ngenhlonipho. Kunalokho, eBhayibhelini sithola ukuthi izinceku zikaNkulunkulu zazilisebenzisa ngokukhululekile igama lakhe. Zazilisebenzisa lapho zetha izingane zazo amagama, njengegama elithi Eliya, elisho ukuthi “uNkulunkulu Wami NguJehova,” nelithi Zakariya elisho ukuthi “uJehova Ukhumbulile.” Zazinganqeni nokulisebenzisa lapho zizixoxela nje.​—Ruthe 2:4.

UNkulunkulu ufuna silisebenzise igama lakhe. Sikhuthazwa ukuba ‘simbonge uJehova, sibize igama lakhe.’ (IHubo 105:1) Uyajabula lapho ebona “abacabanga ngegama lakhe.”​—Malaki 3:16.

“Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”​—IHubo 83:18.

Lisho ukuthini igama likaNkulunkulu?

Ezinye izazi zikholelwa ukuthi igama lesiHebheru elithi Jehova lisho ukuthi, “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Leyo ncazelo isitshela ukuthi uNkulunkulu angaba yinoma yini noma enze indalo yakhe ibe yinoma yini edingekayo ukuze afeze intando yakhe. UMdali onguMninimandla Onke kuphela ofanelwe yileli gama.

KUSHO UKUTHINI LOKHU KUWE?

Ukwazi igama likaNkulunkulu kuzoshintsha indlela ombheka ngayo. Kuzoba lula ukuba usondele kuye. Vele ungasondela kanjani kumuntu ongalazi igama lakhe? Kwakona nje ukuthi uNkulunkulu ukutshele igama lakhe kusho ukuthi ufuna ube umngane wakhe.​—Jakobe 4:8.

Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyohlale enza ngokuvumelana negama lakhe, afeze zonke izithembiso azenzayo. Yingakho iBhayibheli lithi: “Labo abalaziyo igama lakho bayothembela kuwe.” (IHubo 9:10) Uzomethemba nakakhulu uJehova njengoba ufunda ukuthi igama lakhe lihlobene nothando oluqotho, umusa, uzwela nobulungisa. (Eksodusi 34:5-7) Ave kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi uJehova uyohlale ezigcina izithembiso zakhe futhi akasoze enza into engavumelani nobuntu bakhe.

Kuyacaca ukuthi ukwazi uNkulunkulu uMninimandla Onke ngegama kuyilungelo elikhethekile ngempela. Kungakwenza uthole izibusiso manje nangesikhathi esizayo. UNkulunkulu uthembisa ukuthi: “Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.”​—IHubo 91:14.

“Kuyothi wonke umuntu obiza igama likaJehova asinde.”​—Joweli 2:32.

[Isithombe ekhasini 15]

Igama likaNkulunkulu ngezilimi ezehlukahlukene

a Izinguqulo eziningi zeBhayibheli zilikhiphile igama likaNkulunkulu zafaka elithi “NKOSI,” zalibhala ngamagama amakhulu. Ezinye zilifake emavesini ambalwa kuphela noma zalibhala ngamagama amancane ekugcineni kwekhasi. INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ilifakile igama likaNkulunkulu ezindaweni elalivela kuzo eBhayibhelini lokuqala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela