Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 1 kk. 4-5
  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUNGANI LIBALULEKILE?
  • LISITSHELANI LELI GAMA?
  • Igama LikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2017
  • Isizathu Sokuba Sazi Igama LikaNkulunkulu
    IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade (na)
  • Kungani Kufanele Sisebenzise Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IGama Elikhulu Kunawo Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 1 kk. 4-5

Ubani Igama Likankulunkulu?

Lapho ufuna ukwazi umuntu othile into yokuqala ongayenza ukumbuza, “Ubani igama lakho?” Ukube ubungabuza uNkulunkulu lowo mbuzo, ubengathini?

“NginguJehova. Yilelo igama lami.”—Isaya 42:8.

Uyaqala yini ukulizwa leli gama? Ngeke kumangaze lokho ngoba abahumushi beBhayibheli abaningi abavamile ukulisebenzisa igama likaNkulunkulu, kanti abanye abalisebenzisi nhlobo. Ngokuvamile basebenzisa isiqu esithi “NKOSI” esikhundleni segama lakhe. Nokho igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emiBhalweni yolimi okwakubhalwe ngalo iBhayibheli ekuqaleni. Libhalwa ngongwaqa besiHebheru abane abafundeka ngokuthi YHWH noma JHVH, futhi belilokhu liphinyiselwa ngokuthi “Jehova” olimini lwethu kusukela kudala.

Igama likaNkulunkulu ngesiHebheru eMiqulwini YasoLwandle Olufile

UMqulu WamaHubo WasoLwandle Olufile Wangekhulu lokuqala, NGESIHEBHERU

Igama likaNkulunkulu ngesiNgisi enguqulweni yeBhayibheli eyahunyushwa ngu-Tyndale

Inguqulo kaTyndale Yango-1530, NGESINGISI

Igama likaNkulunkulu ngeSpanishi enguqulweni yeBhayibheli iReina-Valera

Inguqulo iReina-Valera Yango-1602, NGESPANISHI

Igama likaNkulunkulu ngesiShayina enguqulweni yeBhayibheli i-⁠Union Version

Inguqulo i-Union Version Yango-1919, NGESISHAYINA

Igama likaNkulunkulu livela kaningi emiBhalweni yesiHebheru nakwezinye izinguqulo zeBhayibheli

KUNGANI LIBALULEKILE?

Leli gama libalulekile kuNkulunkulu. NguNkulunkulu owazinika leli gama. Washo lokhu ngegama lakhe: “Yileli igama lami kuze kube phakade futhi yile ndlela okumele ngikhunjulwe ngayo yizo zonke izizukulwane.” (Eksodusi 3:15) EBhayibhelini igama elithi Jehova livela izikhathi eziningi kuneziqu abuye abizwe ngazo, njengezithi Mninimandla Onke, Baba, Nkosi noma Nkulunkulu. Libuye livele kaningi ukudlula amanye amagama abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini, njengo-Abrahama, uMose, uDavide noma uJesu. Ngaphezu kwalokho, nguJehova ngokwakhe ofuna igama lakhe laziwe. IBhayibheli lithi: “Abantu mabazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.

Leli gama libalulekile kuJesu. Emthandazweni owaziwa ngokuthi uBaba Wethu noma uMthandazo Omkhulu, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba benze lesi sicelo kuNkulunkulu: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Naye uJesu washo la mazwi lapho ethandaza kuNkulunkulu: “Baba, khazimulisa igama lakho.” (Johane 12:28) Ukukhazimulisa igama likaNkulunkulu kwakuyinto ebaluleke kunazo zonke kuJesu, yingakho asho la mazwi emthandazweni wakhe: “Ngibazisile igama lakho futhi ngizolenza laziwe.”—Johane 17:26.

Leli gama libalulekile kulabo abamaziyo uNkulunkulu. Abantu ababekhonza uNkulunkulu endulo babazi ukuthi ukuze bathole isivikelo futhi basinde kwakufanele bathembele egameni lakhe. “Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. Olungile ubalekela kuwo athole isivikelo.” (IzAga 18:10) “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” (Joweli 2:32) IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu laliyobonisa umehluko phakathi kwabamkhonzayo nabangamkhonzi. “Zonke izizwe ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso, kodwa thina siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.”—Mika 4:5; IzEnzo 15:14.

LISITSHELANI LELI GAMA?

Limchaza kahle uNkulunkulu ukuthi ungubani. Izazi zeBhayibheli eziningi ziphetha ngokuthi igama elithi Jehova lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” UJehova uNkulunkulu wabonisa ukuthi lisho ukuthini ngempela igama lakhe lapho ethi kuMose: “Ngiyoba Yilokho Engikhetha Ukuba Yikho.” (Eksodusi 3:14) Ngakho igama likaNkulunkulu aligcini nje ngokubonisa isikhundla sakhe njengoMdali wazo zonke izinto, libonisa nokuthi uNkulunkulu unamandla okuba yinoma yini noma okwenza indalo yakhe ibe yinoma yini edingekayo ukuze afeze intando yakhe. Nakuba iziqu zikaNkulunkulu zichaza isikhundla, igunya noma amandla akhe, yigama lakhe elithi Jehova kuphela elichaza ubuntu bakhe nalokho akwazi ukuba yikho.

Lisitshela ukuthi uNkulunkulu unendaba nathi. Incazelo yegama likaNkulunkulu ibonisa ukuthi unothando oluqotho ngendalo yakhe ehlanganisa nathi. Kanti ngokwenza ukuba igama lakhe laziwe, uNkulunkulu ubonisa ukuthi ufuna simazi. Akudingekanga ukuba simbuze lona ukuze asitshele. Kusobala ukuthi uNkulunkulu ufuna simazi njengoMuntu ongokoqobo esikwazi ukusondela kuye.—IHubo 73:28.

Ukusebenzisa igama likaNkulunkulu kubonisa ukuthi nathi siyamthanda. Ngokwesibonelo, uma ufisa ukuba umngane nomuntu othile ungase umcele ukuba akubize ngegama lakho. Ubungazizwa kanjani uma eqhubeka engalisebenzisi igama lakho? Ngokuhamba kwesikhathi ungaqala ukuzibuza ukuthi lowo muntu uyathanda ngempela yini ukuba umngane wakho. Kunjalo nangoNkulunkulu. UJehova usitshelile igama lakhe futhi usicela ukuba silisebenzise. Lapho silisebenzisa, sisuke simbonisa ukuthi siyathanda ukuba abangane bakhe. Empeleni uyabona ngisho nalapho ‘sicabanga nje ngegama lakhe.’—Malaki 3:16.

Ukufunda igama likaNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala esibalulekile uma sifuna ukumazi. Kodwa akupheleli lapho. Kufanele simazi noMnikazi waleli gama. Kudingeka sazi ukuthi ungumuntu onjani.

UBANI IGAMA LIKANKULUNKULU? Igama likaNkulunkulu uJehova. Libuchaza kahle ubuntu bukaNkulunkulu nalokho akwazi ukuba yikho ukuze afeze intando yakhe

WAVELAPHI UNKULUNKULU?

Abantu abaningi bake bazibuza lo mbuzo. Kungenzeka nawe ungomunye wabo. Mhlawumbe singawubuza ngale ndlela: Uma yonke into ekhona emazulwini nasemhlabeni idalwe uNkulunkulu, yena wadalwa ubani?

Ososayensi bayavumelana ngokuthi konke okukhona emazulwini nasemhlabeni kwaba nesiqalo. Ngokuvumelana nalokho, ivesi lokuqala eBhayibhelini lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”—Genesise 1:1.

Akunakwenzeka ukuthi izinto ezisemkhathini nasemhlabeni zavele zazivelela nje. Ukube kwakungekho lutho ngaphambi kokuba khona kwamazulu nomhlaba, nawo ngabe awekho. Nakuba kunzima ukuyiqonda ngokuphelele le ndaba, kunokuthile okufanele ukuba kwase kukhona okwadala zonke ezinye izinto. UJehova uNkulunkulu, unamandla nokuhlakanipha futhi nguye owadala zonke izinto.—Johane 4:24.

IBhayibheli lithi ngoNkulunkulu: “Zingakazalwa izintaba ungakawuvezi umhlaba nezwe, kusukela phakade kuze kube phakade, wena unguNkulunkulu.” (IHubo 90:2) Ngakho uNkulunkulu ubelokhu ekhona. Kamuva ‘waqala’ ukudala amazulu nomhlaba.—IsAmbulo 4:11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela