Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 2 k. 11
  • 8 Ukuba Isibonelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 8 Ukuba Isibonelo
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUSHO UKUTHINI?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • ONGAKWENZA
  • Ukukhulisa Abantwana Abajabulayo Ezweni Elikhathazekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Uqeqeshe Izingane Zakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Indlela Yokufundisa Izingane NgoNkulunkulu—Yiziphi Izindlela Eziphumelela Kakhulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 2 k. 11
Intombazane inyathela lapho kunyathele khona uyise

Zinjani izinyathelo ofuna izingane zakho zihambe kuzo?

ABAZALI

8 Ukuba Isibonelo

KUSHO UKUTHINI?

Abazali abayisibonelo bayakwenza lokho abakufundisa izingane zabo. Ngokwesibonelo, awukwazi ukulindela ukuba ingane yakho ikhulume iqiniso uma ikuzwa uthi, “Mtshele ukuthi angikho,” uma ungafuni ukukhuluma nothile.

“Abantu bavame ukuthi, ‘Yenza lokho engikutshela kona, hhayi lokho engikwenzayo.’ Lokho akusebenzi ezinganeni. Zifana neziponji ezimunca konke esikushoyo nesikwenzayo, sibona ngazo uma lokho esikwenzayo kungahambisani nalokho esizifundisa kona.”—UDavid.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Wena, oshumayela uthi “Ungebi,” ingabe uyeba?”—Roma 2:21.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Izingane nentsha bathonywa kakhulu abazali kunabanye abantu. Lokhu kusho ukuthi umzali usesimweni esingcono sokuqondisa izingane zakhe, uma ekwenza lokho azifundisa kona.

“Singase sisho into eyodwa kaningi sicabanga ukuthi izingane azizwa, kodwa uma sike sangakwenza lokho esizifundisa kona, ziyashesha ukusitshela. Izingane zinaka yonke into esiyenzayo, ngisho nezinto esicabanga ukuthi azizinakile.”—UNicole.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . akuzenzisi.”—Jakobe 3:17.

ONGAKWENZA

Hlola lokho okwenzayo. Yini wena othanda ukuyibuka kuyi-TV? Umphatha kanjani oshade naye nezingane zakho? Banjani abangane bakho? Uyabacabangela yini abanye? Ngamafuphi, ingabe uyakwenza lokho ofuna izingane zakho zikwenze?

“Mina nomyeni wami asilindele ukuba izingane zethu zenze izinto thina esihlulekayo ukuzenza.”—UChristine.

Xolisa. Izingane zakho ziyazi ukuthi uyawenza amaphutha. Lapho uxolisa koshade naye nasezinganeni zakho, nazo zifunda ukuba neqiniso nokuthobeka.

“Izingane zethu kufanele zibone ukuthi siyaxolisa futhi siyawavuma amaphutha ethu. Uma singaxolisi, ngeke zifunde ukuvuma amaphutha azo.”—URobin.

“Njengabazali, sinethonya elikhulu ezinganeni zethu ngoba zikubona ngaso sonke isikhathi lokho esikwenzayo futhi isibonelo sethu siyithuluzi elihle lokuzifundisa. Usuku nosuku zifunda okuthile endleleni esenza ngayo izinto.”—UWendell.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela