Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 1 kk. 10-11
  • ‘Ngeke Kuphele Ukuthula’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ngeke Kuphele Ukuthula’
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “UMBUSO WAKHO MAWUZE”
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Uhulumeni KaNkulunkulu Wokuthula
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Indlela Izidingo Zethu Eziyogcwaliswa Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ukufuna Uhulumeni Okahle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 1 kk. 10-11
Imephu yomhlaba

UHULUMENI OZOYIXAZULULA LE NKINGA

‘Ngeke Kuphele Ukuthula’

Inhlangano yeZizwe Ezihlangene ikhuthaza abantu ukuba babambisane, bahloniphe amalungelo abanye, futhi bavikele nemvelo. Isizathu? Kumagazini i-UN Chronicle, uMaher Nasser wathi “ukushintsha kwesimo sezulu, ubugebengu obuhleliwe, ukungalingani kwabantu, izingxabano ezingapheli, izimo eziphoqa abantu abaningi ukuba bashiye izindawo zabo, abantu abazimisele ukubulala nokufa ngenxa yokushisekela amazwe abo, izifo ezithelelanayo, nezinkinga ezifana nalezi akunamingcele, kuthinta wonke amazwe emhlabeni.”

Abanye baze bagqugquzele ukuba kube khona nohulumeni owodwa, ozobusa wonke umhlaba. Abanye babo kwakungusosayensi u-Albert Einstein owazalwa ngo-1879 washona ngo-1955, noDante umNtaliyane owayeyisazi sefilosofi, imbongi nomholi yena wazalwa ngo-1265 washona ngo-1321. UDante wayekholelwa ukuthi ngeke kube khona ukuthula emhlabeni uma kusenamaqembu ahlukene ezepolitiki. Wacaphuna amazwi kaJesu Kristu athi, ‘umbuso ohlukene phakathi uyawa.’—Luka 11:17.

Ngokushesha ngemva kweMpi Yezwe Yesibili, okwasetshenziswa kuyo amabhomu amabili e-athomu, u-Albert Einstein wabhalela isiShaya-mthetho seZizwe Ezihlangene incwadi, wayifaka ephephandabeni. Wathi: “Inhlangano yeZizwe Ezihlangene kufanele ithathe izinyathelo zokuvikela abantu ngokushesha, ngokubeka uhulumeni owodwa ozobusa wonke umhlaba.”

Nokho, abantu abakha lowo hulumeni bangakwazi yini ukugwema inkohlakalo, bazimisele ngokwethemba ukunakekela izidingo zabantu futhi bangabacindezeli? Noma ingabe nabo bazohluleka njengoba nabanye ababusi behlulekile? Le mibuzo isikhumbuza amazwi ashiwo isazi-mlando saseBrithani, uLord Acton, esabonisa ukuthi amandla enza ukuba abantu bangathembeki, bese ukungathembeki konakalise izinto ngokuphelele.

Noma kunjalo, ukuze abantu babe nokuthula futhi bavumelane lapho benza izinto, kufanele babe nobunye. Kodwa kungenzeka kanjani lokho? Kuyinto engenzeka yini vele? IBhayibheli lithi kungenzeka, futhi kuzokwenzeka. Kanjani? Ngeke kwenziwe ohulumeni abaholwa abantu abanenkohlakalo. Kunalokho, kuzokwenziwa uhulumeni obekwe uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, lowo hulumeni uzobonisa ukuthi nguNkulunkulu kuphela onelungelo lokubusa abantu. Yimuphi lowo hulumeni? IBhayibheli liwubiza ngokuthi ‘uMbuso kaNkulunkulu.’—Luka 4:43.

“UMBUSO WAKHO MAWUZE”

UJesu Kristu wayecabanga ngoMbuso kaNkulunkulu lapho enikeza umthandazo oyisibonelo, onala mazwi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni.” (Mathewu 6:9, 10) UMbuso kaNkulunkulu uyoqinisekisa ukuthi kwenziwa intando kaNkulunkulu emhlabeni, hhayi eyabantu abanobugovu nabafuna amandla okubusa.

UMbuso kaNkulunkulu uphinde ubizwe ngokuthi “umbuso wamazulu.” (Mathewu 5:3) Kungani? Kungenxa yokuthi nakuba uzobusa umhlaba, lo Mbuso uzobusa usezulwini hhayi emhlabeni. Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi ngeke kudingeke ukuba usekelwe ngezimali. Lokho kuyosusa umthwalo omkhulu kubantu!

Njengoba igama elithi “umbuso” libonisa, uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasebukhosini. Lo Mbuso uneNkosi, enguJesu Kristu, enikezwe nguNkulunkulu ilungelo lokubusa. Nakhu iBhayibheli elikushoyo ngoJesu:

  • “Umbuso uyoba semahlombe akhe . . . Umbuso wakhe uyoba mkhulu nokuthula ngeke kuphele.”—Isaya 9:6, 7.

  • “Wanikwa ubukhosi, udumo nombuso, ukuze abantu, izizwe nezilimi zimkhonze. Ubukhosi bakhe bungubukhosi . . . obungayikudlula.”—Daniyeli 7:14.

  • “Umbuso wezwe usunguMbuso weNkosi yethu [uNkulunkulu] nokaKristu.”—IsAmbulo 11:15.

Njengoba uJesu asho emthandazweni wakhe oyisibonelo, uMbuso kaNkulunkulu uzokwenza ukuba intando kaNkulunkulu yenzeke emhlabeni. Lapho sekubusa lo Mbuso abantu bazofunda ukuphatha kahle umhlaba, okuzolungisa umonakalo osuwenzekile kuwo.

Ngaphezu kwalokho, uMbuso kaNkulunkulu uzofundisa abantu imithetho yawo. Bonke abantu bayofundiswa imithetho efanayo. Ngeke kube nemibango noma ukwahlukana. U-Isaya 11:9 uthi: “Ngeke neze kulimaze noma kubangele umonakalo . . . ngoba nakanjani umhlaba uyogcwala ulwazi ngoJehova njengamanzi egcwalisa ulwandle.”

Umhlaba uyoba yilokho inhlangano yeZizwe Ezihlangene efisa ngabe uyikho manje—indawo enokuthula, enezakhamuzi ezizwanayo. IHubo 37:11 lithi: “Bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.” Ngesikhathi esizayo, ngeke siphinde sisebenzise amagama athi “ubugebengu,” “ukungcoliswa komhlaba,” “indlala” nelithi “impi.” Kuzokwenzeka nini konke lokho? UMbuso kaNkulunkulu uzoqala nini ukubusa umhlaba? Uzobusa kanjani? Wena ungakwazi kanjani ukuba khona lapho usubusa? Ake sibone.

IPHUZU ELIBALULEKILE

UMBUSO KANKULUNKULU UNGUHULUMENI OBEKWE NGUNKULUKULU, OZOBUSA UMHLABA. LO MBUSO UZOLETHA UBUNYE NOKUTHULA, UQEDE NEMINGCELE EHLUKANISA ABANTU EBANGELWE EZEPOLITIKI

BABEFUNA KUBE NOHULUMENI OWODWA EMHLABENI

  • UDante

    UDante wayekholelwa ukuthi ngeke kube khona ukuthula uma abantu besahlukaniswe ezepolitiki

  • U-Einstein

    U-Einstein wacela ukuba inhlangano yeZizwe Ezihlangene “ithathe izinyathelo zokuvikela abantu ngokushesha, ngokubeka uhulumeni owodwa ozobusa wonke umhlaba”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela