Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 3 kk. 4-5
  • Indlela Yokunakekela Impilo Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokunakekela Impilo Yakho
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • NAKEKELA UMZIMBA WAKHO
  • GWEMA IMIKHUBA ELIMAZAYO
  • AMANYE AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA
  • 1 | Vikela Impilo Yakho
    I-Phaphama!—2022
  • Ukukhetha Okuthinta Impilo Yakho
    I-Phaphama!—2003
  • Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala
    I-Phaphama!—1995
  • Isinyathelo 5—Zikhuthaze Wena Nomkhaya Wakho
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 3 kk. 4-5
Indoda idla ukudla okunempilo

Indlela Yokunakekela Impilo Yakho

IBhayibheli aliyona incwadi yezokwelapha. Kodwa linamacebiso angasisiza siphile ukuphila okunempilo. Cabanga ngezinye zezinto ezishiwo yiBhayibheli ezingakusiza uthuthukise impilo yakho.

NAKEKELA UMZIMBA WAKHO

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa.”—Efesu 5:29.

KUSHO UKUTHINI? IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sinakekele impilo yethu. Omunye umbiko ubonisa ukuthi izinkinga eziningi zempilo zibangelwa indlela abantu abakhetha ukuphila ngayo. Ngakho ukukhetha kahle kungasenza siphile kangcono.

ONGAKWENZA:

  • Yidla Ukudla Okunempilo. Khetha ukudla okunempilo uphuze namanzi amaningi.

  • Jima. Ukujima kungathuthukisa impilo yakho kungakhathaliseki ukuthi uneminyaka emingaki, ukhubazekile noma unokugula okungamahlalakhona. Nakuba izihlobo nodokotela bengakusiza ngendlela ongajima ngayo, nguwe okufanele uzimisele ukuze uzuze.

  • Lala Ngokwanele. Abantu abangalali ngokwanele izinsuku eziningi bangase bagule kakhulu. Abantu abaningi abalali ngokwanele ngenxa yokuthi bakhetha ukwenza ezinye izinto ngesikhathi sokulala. Ngakho ngokukhetha ukulala ngokwanele usuke ukhetha ukuphila kangcono.

GWEMA IMIKHUBA ELIMAZAYO

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.”—2 Korinte 7:1.

KUSHO UKUTHINI? Sizoba nempilo engcono lapho sikhetha ukungazisebenzisi izinto ezilimaza umzimba ezinjengogwayi, ezaziwa ngokuba imbangela enkulu yezifo nokufa.

ONGAKWENZA: Khetha usuku ozoyeka ngalo ukubhema, ulubhale ekhalendeni. Ngaphambi nje kwalolo suku, lahla wonke ugwayi onawo, isitsha sokufaka umlotha kagwayi, umentshisi nakho konke okuhlobene nokubhema. Gwema izindawo ezinabantu ababhemayo. Tshela abangane nomndeni wakho ngesinqumo sakho sokuyeka ukubhema ukuze bakusize.

AMANYE AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA

Indoda ifunda iBhayibheli

Ungayithola ikhophi yakho yeBhayibheli ngokuba uxhumane noFakazi kaJehova ohlala ngakini

YENZA IZINTO NGOKUPHEPHA.

“Uma kwenzeka wakha indlu entsha, kumelwe futhi wenzele uphahla lwakho uthango lokuvikela, ukuze ungabeki icala legazi phezu kwendlu yakho ngoba umuntu owayo angase awe kulo.”—DUTERONOMI 22:8.

LAWULA INTUKUTHELO YAKHO.

“Owephuzayo ukuthukuthela ugcwele ukuqonda, kodwa ongenaso isineke uphakamisa ubuwula.”—IZAGA 14:29.

GWEMA UKUDLA KAKHULU.

“Ungabi . . . phakathi kwamakloza.”—IZAGA 23:20.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela