Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 2 kk. 4-5
  • Lokho Abanye Abakukholelwayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Abanye Abakukholelwayo
  • IPhaphama!—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AmaHindu
  • AmaSulumane
  • Isiko lamaJuda
  • Ama-Buddha
  • Ama-Confucian
  • Izinkolo ezithile zesintu
  • AmaKristu
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Kungani Kunokuhlupheka Okungaka?
    I-Phaphama!—2011
  • 4. Ingabe Sasidalelwe Ukuhlupheka?
    IPhaphama!—2020
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 2 kk. 4-5
Izimpawu zenkolo zobuBuddha, ubuHindu, izinkolo zesintu, ubuJuda, ubuKristu, ubuSulumane nobuConfucian.

Lokho Abanye Abakukholelwayo

AmaHindu

Uphawu lobuHindu.

abheka ukuhlupheka njengomphumela wezenzo zomuntu, azenze kulokhu kuphila noma okwedlule. Umuntu angafinyelela isimo esibizwa ngokuthi i-moksha​—ukukhululwa emjikelezweni wokuphind’ uzalwe—​ngokufinyelela isimo lapho ingqondo ingasacabangi lutho oluphathelene nezinto zenyama.

AmaSulumane

Uphawu lwamaSulumane.

abheka ukuhlupheka njengesijeziso sesono nanjengovivinyo lokholo. UDkt. Sayyid Syeed, ongumongameli we-Islamic Society of North America, uthi izinhlekelele zisikhumbuza “ukuba sihlale sibonga uNkulunkulu ngazo zonke izibusiso futhi siqaphele ukuthi kumelwe sisize abampofu.”

Isiko lamaJuda

Uphawu lobuJuda.

lithi umuntu uhlupheka ngenxa yezenzo zakhe. Amanye amaJuda athi kuyoba khona uvuko, lapho abantu abahlupheka bengenacala beyoboniswa khona ubulungisa. UbuJuda beKabbalah (amandla angaqondakali) bufundisa ukuthi umuntu uphinde azalwe, okunikeza umuntu amathuba amaningi okuhlawulela izono zakhe.

Ama-Buddha

Uphawu lobuBuddha.

akholelwa ukuthi umuntu ubhekana nokuhlupheka izikhathi eziningi zokuphila, elokhu efa aphinde azalwe kuze kube yilapho izenzo, imizwelo nezifiso zakhe ezimbi zinqamuka. Ukuhlakanipha, imisebenzi emihle nokulawula ingqondo yakhe, kungasiza umuntu afinyelele i-nirvana​—okuyisimo lapho konke ukuhlupheka kungasekho.

Ama-Confucian

Uphawu lobuConfucian.

athi ukuhlupheka okuningi kubangelwa “ukwehluleka komuntu namaphutha akhe,” kusho i-Dictionary of Comparative Religion. Imfundiso yama-Confucian ithi nakuba ukuhlupheka kungancishiswa ngokuziphatha okuhle, kodwa okuningi kwako kubangelwa “izidalwa zomoya ezinamandla kunabantu. Ezimweni ezinjalo umuntu kumelwe amukele lokho lezi zidalwa zomoya ezikunqumile ngaye.”

Izinkolo ezithile zesintu

Uphawu lwezinkolo zesintu.

zithi ukuhlupheka kubangelwa ubuthakathi. Ngokwalezi zinkolelo, abathakathi bangaletha izinhlanhla noma amabhadi futhi imisebenzi yabo ingalawulwa ngokwenza amasiko athile. Ngakho lapho umuntu egula, kuthiwa amasiko athile nemithi yezinyanga kungamelapha noma kumvikele ekuloyweni.

AmaKristu

Uphawu lobuKristu.

athi ukuhlupheka kwabangelwa isono sabantu ababili bokuqala, njengoba kuchazwe encwadini yeBhayibheli kaGenesise. Nokho, amasonto amaningi aye anezela imibono yawo kuleyo mfundiso. Ngokwesibonelo, amanye amaKatolika athi ukuhlupheka komuntu kungaba ‘umnikelo kuNkulunkulu’ wokucela ukuba asize isonto noma enze ukuba lokho kuhlupheka kube insindiso komunye umuntu.

FUNDA OKWENGEZIWE

Bukela ividiyo ethi: Ingabe UNkulunkulu Uyazamukela Zonke Izinkolo? ku-jw.org/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela