Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 3 kk. 6-7
  • Bonisa Uzwela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bonisa Uzwela
  • IPhaphama!—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga
  • Lokho Okushiwo YiBhayibheli
  • Indlela Okusiza Ngayo Ukuba Nozwela
  • Ongakwenza
  • Uzwela—Luyisihluthulelo Somusa Nesihawu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Yiba Nozwela
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • Ingabe UNkulunkulu Uyazwelana Nathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Ukuphila Komndeni Nabangane
    I-Phaphama!—2019
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 3 kk. 6-7
Umlungu nomArabhu bahlezi ndawonye endizweni. Bajabule njengoba bexoxa.

Bonisa Uzwela

Inkinga

Uma sigxila kakhulu endleleni abanye abantu abahluke ngayo kithi, singaphetha ngokuthi lowo mehluko uwukushiyeka okuthile. Ngaleyo ndlela, siyobe sibabhekela phansi labo abahlukile kithi. Lapho sesinalo mbono ongemuhle ngabanye abantu, kuyoba nzima ukubonisa uzwela. Ukwehluleka kwethu ukubonisa uzwela kungaba uphawu lwenkinga enkulu, ubandlululo.

Lokho Okushiwo YiBhayibheli

“Jabulani nabantu abajabulayo; khalani nabantu abakhalayo.” —ROMA 12:15.

Kusho ukuthini lokhu? Lo myalo ungafingqwa ngamagama amabili—bonisa uzwela. Ukuba nozwela kusho ukukwazi ukuzibeka esimweni somunye umuntu nokuzizwa ngendlela azizwa ngayo.

Indlela Okusiza Ngayo Ukuba Nozwela

Lapho sizwelana nomuntu, siyayiqaphela indlela esifana ngayo naye. Siyaqaphela ukuthi angase azizwe ngendlela esizizwa ngayo futhi enze ngendlela nathi esenza ngayo. Uzwela luyasisiza sibone ukuthi bonke abantu bawumndeni owodwa, kungakhathaliseki ukuthi bavelaphi. Lapho sigxila kakhudlwana endleleni abafana ngayo nathi, ayoba mancane amathuba okuthi sibe nombono ongemuhle ngabo.

Uzwela luyosisiza ukuba sihloniphe abanye. U-Anne Marie waseSenegal, wake wababhekela phansi abantu ababhekwa njengabadelelekile emphakathini wangakubo. Uyachaza ukuthi ukuba nozwela kwamsiza kanjani: “Lapho ngibona ubunzima ababebhekene nabo labo bantu, ngazibuza ukuthi ngangiyozizwa kanjani ukube kwakuyimi. Ngenxa yalokho, ngabona ukuthi ngangingaphakeme kunalabo bantu, ngoba akukho engangikwenzile ukuze ngibe ngcono kunabo.” Uma sizama ukuqonda ubunzima abanye abantu ababhekene nabo, cishe siyozwelana nabo kunokuba sibagxeke.

Ongakwenza

Uma kunohlobo lwabantu onombono ongemuhle ngalo, zama ukuqonda izindlela enifana ngazo nalabo bantu. Ngokwesibonelo, cabanga ukuthi bazizwa kanjani

Uzwela luyasisiza sibone ukuthi bonke abantu bawumndeni owodwa

  • lapho bedla ukudla nemindeni yabo

  • lapho beqeda ukwenza umsebenzi okhandlayo ekupheleni kosuku

  • lapho behleli nabangane

  • lapho belalele umculo abawuthandayo

Ngemva kwalokho, zama ukuzicabanga usesimweni abakuso. Zibuze:

  • ‘Bengingenzenjani uma othile engenza ngizizwe ngingelutho?’

  • ‘Bengingazizwa kanjani uma abanye bengibeka amabala bengangazi nakungazi?’

  • ‘Ukube bengingomunye wabo, bengingathanda ukuthi bangiphathe kanjani abanye abantu?’

Umlungu nomArabhu babonisana izithombe ezibonisa izinto abafana ngazo, njengomndeni, imidllalo abayithandayo nomsebenzi.

Isibonelo Sento Eyenzeka Ngempela: URobert (eSingapore)

“Esikhathini esidlule, ngangicabanga ukuthi abantu abangezwa ezindlebeni baxakile, abahlakaniphile futhi basheshe bacasuke. Ngakho ngangibagwema. Nokho, ngangingacabangi ukuthi nginobandlululo, ngoba kwakubonakala kungekho muntu olimalayo.

“Ukuzwelana nabantu abayizithulu kwangisiza ngalwa nobandlululo enganginalo. Ngokwesibonelo, ngangicabanga ukuthi abantu abayizithulu bakhubazekile engqondweni, ngoba lapho ngikhuluma nabo babevele bangibuke nje. Ngakho ngazama ukucabanga ukuthi ngangingazizwa kanjani uma ngingamuzwa nhlobo umuntu ozama ukukhuluma nami. Nami ngangingavele ngimbuke nje! Ngisho noma bekungathiwa ngifake ama-hearing aid, ubuso bami bebungase bubonakale sengathi ngithi ‘Angikuqondi okushiwoyo,’ kanti empeleni angizwa kahle.

“Lapho ngizifaka ezicathulweni zomuntu oyisithulu, ubandlululo enganginalo lwavele lwanyamalala.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela