Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 1 kk. 10-11
  • Kungani Sihlupheka, Siguga Futhi Sifa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Sihlupheka, Siguga Futhi Sifa?
  • I-Phaphama!—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abazali Bethu Bokuqala Yibo Ababangela Ukuba Sihlupheke
  • Imimoya Emibi Iyanezela Ekuhluphekeni Kwethu
  • Ngezinye Izikhathi Yithi Esizibangela Ukuhlupheka
  • Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”
  • Kungani Kukhona Ububi Nokuhlupheka?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Induduzo Induduzo Kwabahluphekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Kungani Kunosizi Olungaka?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ukuhlupheka
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 1 kk. 10-11
Abantu abahluphekayo badonsa kanzima ukuze bathole abakudingayo.

Kungani Sihlupheka, Siguga Futhi Sifa?

UMdali wethu usibheka njengezingane zakhe. Ngakho akafuni sihlupheke. Kodwa ukuhlupheka kugcwele yonke indawo. Kungani?

Abazali Bethu Bokuqala Yibo Ababangela Ukuba Sihlupheke

“Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, ngaleyo ndlela ukufa kwasakazekela kubantu bonke.”​—ROMA 5:12.

UNkulunkulu wadala abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, benezingqondo nemizimba engenasono. Wabanikeza nekhaya eliyipharadesi emhlabeni​—elibizwa ngokuthi yingadi yase-Edeni. Wabatshela ukuthi bangadla kuzo zonke izihlahla ezisengadini, ngaphandle kwesisodwa. Kodwa u-Adamu no-Eva bakhetha ukusidla isithelo saleso sihlahla esenqatshelwe futhi lokho kwakuyisono. (Genesise 2:15-17; 3:1-19) Ngemva kokuba bengalalelanga, uNkulunkulu wabaxosha kuleyo ngadi futhi ukuphila kwabo kwaba nzima. Ngokuhamba kwesikhathi, baba nezingane, nazo zaphila kanzima. Bonke baguga futhi bafa. (Genesise 3:23; 5:5) Siyagula, siguge futhi sife ngenxa yokuthi siyinzalo yalowo mndeni.

Imimoya Emibi Iyanezela Ekuhluphekeni Kwethu

“Lonke izwe lisemandleni omubi.”​—1 JOHANE 5:19.

“Omubi” okukhulunywa ngaye ubizwa ngokuthi uSathane. Uyisidalwa somoya esingabonakali esavukela uNkulunkulu. (Johane 8:44; IsAmbulo 12:9) Kamuva nezinye izidalwa zomoya zavukela futhi zalandela uSathane. Zibizwa ngokuthi amademoni. Le mimoya emibi isebenzisa amandla ayo ukuze ikhohlise abantu futhi ibenze bangamlaleli uMdali. Ithonya abantu abaningi ukuba benze izinto ezimbi. (IHubo 106:35-38; 1 Thimothewu 4:1) USathane namademoni kuyabajabulisa ukuzwisa abantu ubuhlungu nokubenza bahlupheke.

Ngezinye Izikhathi Yithi Esizibangela Ukuhlupheka

“Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”​—GALATHIYA 6:7.

Sonke siyahlupheka ngezindlela ezihlukahlukene ngenxa yesono esasithola kubazali bethu bokuqala nangenxa yokuthi abantu abaningi esiphila nabo bathonywe uSathane. Kodwa ngezinye izikhathi abantu bazibangela bona ukuhlupheka. Kanjani? Lapho benza izinto ezimbi noma izinqumo eziwubuwula, bavame ukuvuna imiphumela emibi. Ngakolunye uhlangothi, lapho abantu benza izinto ezinhle, bavuna imiphumela emihle. Ngokwesibonelo, umyeni nobaba othembekile osebenza kanzima futhi owuthandayo umndeni wakhe, uzovuna okuningi okuhle, enze nomndeni wakhe ujabule. Kodwa ogembulayo, ophuza kakhulu noma ovilaphayo angenza yena nomndeni wakhe bahlupheke. Ngakho, senza ngokuhlakanipha uma silalela uMdali wethu. Ufuna sivune izinto eziningi ezinhle, kuhlanganise ‘nokuthula okuchichimayo.’​—IHubo 119:165.

Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”

“Ezinsukwini zokugcina . . . , abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali,  . . . abangalaleli abazali, . . . abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle.”​—2 THIMOTHEWU 3:1-5.

Namuhla, abantu abaningi baziphatha njengoba imiBhalo yabikezela. Indlela abaziphatha ngayo iwubufakazi bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zaleli zwe. ImiBhalo yabikezela nokuthi isikhathi esiphila kuso sasiyobonakala ngezimpi, ukusweleka kokudla, ukuzamazama okukhulu komhlaba nezifo. (Mathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:10, 11) Lezi zinto zibangela ukuhlupheka okukhulu nokufa.

Ngikutholile Ukuthula Kwangaphakathi

“Ngakhubazeka lapho ngineminyaka engu-19 futhi ngatshelwa ukuthi lokhu kuwumphumela wento embi engayenza ngingakazalwa. Ngenxa yalokhu, ngacindezeleka. Abantu bangitshela ukuthi ukuhlupheka kwabantu kubangelwa uNkulunkulu. Ngangingeke ngimthande uNkulunkulu onesihluku kangaka. Ngabe sengihlola iBhayibheli, ngafunda ukuthi uMdali usikhathalela kakhulu nokuthi isidalwa somoya esibizwa ngokuthi uSathane yisona esiyimbangela yokuhlupheka kwabantu. Ngafunda nokuthi maduze uNkulunkulu uzombhubhisa uSathane, alungise nawo wonke umonakalo awenzile. Sengimthanda kakhulu manje lo Nkulunkulu omangalisayo futhi sengithole nokuthula kwangaphakathi.”​—USanjay.

USanjay.

Funda okwengeziwe:

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe olungakusiza ubhekane nokuhlupheka, ngena ku-jw.org/zu uye engxenyeni ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEBHAYIBHELI > UKUHLUPHEKA.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela