Ukuhlupheka
Incazelo: Ilokho okuzwiwa umuntu lapho ebekezelela ubuhlungu noma ukudumazeka. Ukuhlupheka kungase kube okomzimba, okwengqondo, noma okomzwelo. Ziningi izinto ezingase zibangele ukuhlupheka; ngokwesibonelo, umonakalo owenziwa ngenxa yempi nobugovu bezentengiselwano, izici ezingezinhle zofuzo, ukugula, izingozi, “izinhlekelele ezingokwemvelo,” izinto ezingezinhle ezishiwo noma zenziwe ngabanye, ukucindezela kwamademoni, ukuqaphela inhlekelele ezayo, noma ubuphukuphuku bomuntu ngokwakhe. Ukuhlupheka okungumphumela walezimbangela ezihlukahlukene kuzocatshangelwa lapha. Nokho, ukuhlupheka futhi umuntu angase akuzwe ngenxa yozwela lwakhe ngesimo esibuhlungu sabanye abantu noma usizi aba nalo ngokubona ukuziphatha kokungamesabi uNkulunkulu.
Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?
Ubani ngempela okumelwe asolwe ngakho?
Kumelwe kusolwe abantu ngokuningi kokuhlupheka. Balwa izimpi, benze ubugebengu, bangcolise indawo ezungezile, ngezikhathi eziningi baqhube amabhizinisi ngendlela eqhutshwa ubugovu kunokuba ukukhathalela abanye abantu, futhi ngezinye izikhathi bazitike emikhubeni abaziyo ukuthi ingaba ingozi empilweni yabo. Uma benza lezizinto, bazilimaza ngokwabo nabanye. Ingabe kumelwe kulindelwe ukuba abantu ingabathinti imiphumela yalokho abakwenzayo? (Gal. 6:7; IzAga 1:30-33) Ingabe kunengqondo ukusola uNkulunkulu ngalezizinto ezenziwa ngabantu ngokwabo?
USathane namademoni akhe nabo banecala. IBhayibheli lembula ukuthi ukuhlupheka okuningi kungenxa yethonya lemimoya emibi. Ukuhlupheka abantu abaningi kangaka abasola ngakho uNkulunkulu akuveli nakancane kuyena.—IsAm. 12:12; IzE. 10:38; bheka futhi amakhasi 402-404, ngaphansi kwesihloko esithi “USathane UDeveli.”
Kwaqala kanjani ukuhlupheka? Ukuhlola izimbangela kugxilisa ukunakekela kubazali bethu bokuqala abangabantu, uAdamu noEva. UJehova uNkulunkulu wabadala bephelele wababeka endaweni eyipharadesi. Ukuba balalela uNkulunkulu, babengeke bagule noma bafe. Babeyojabulela ukuphila kobuntu okuphelele phakade. Ukuhlupheka kwakungeyona ingxenye yenjongo kaJehova ngesintu. Kodwa uJehova watshela uAdamu ngokusobala ukuthi ukuqhubeka bejabulela lokho ayebanike khona kwakuncike ekulaleleni. Ngokusobala, kwakumelwe baphefumule, badle, baphuze, balale ukuze baqhubeke bephila. Futhi kwakumelwe bagcine izimfuneko zikaNkulunkulu zokuziphatha okuqotho ukuze bajabulele ukuphila ngokugcwele futhi banikezwe ukuphila okunjalo phakade. Kodwa bakhetha ukuzenzela abakuthandayo, ukuzibekela ezabo izindinganiso zokuhle nokubi, ngaleyondlela-ke bamfulathela uNkulunkulu, uMniki-kuphila. (Gen. 2:16, 17; 3:1-6) Isono saholela ekufeni. UAdamu noEva bazala izingane sebeyizoni, futhi babengenakudlulisela ezinganeni zabo lokho ababengasenakho. Zonke zazalelwa esonweni, zinokuthambekela kokwenza okubi, ubuthakathaka obabungaholela ekuguleni, ifa lesono elaliyophetha ngokuphumela ekufeni. Ngenxa yokuthi wonke umuntu emhlabeni namuhla wazalelwa esonweni, sonke sibhekana nokuhlupheka ngezindlela ezihlukahlukene.—Gen. 8:21; Roma 5:12.
UmShumayeli 9:11 uthi ‘isikhathi nethuba’ nakho kunengxenye kokwenzeka kithi. Singase silimale, hhayi ngoba uDeveli ekubangela ngokuqondile noma ngenxa yokwenziwa yinoma imuphi umuntu, kodwa ngenxa yokuthi sisendaweni ethile ngesikhathi esingafanele.
Kungani uNkulunkulu engenzi okuthile kokukhulula isintu? Kungani sonke kumelwe sihlupheke ngenxa yokuthile okwenziwa uAdamu?
EBhayibhelini, uNkulunkulu uyasitshela ukuthi singakugwema kanjani ukuhlupheka okuningi. Uye wanikeza iseluleko esingcono kakhulu ngokuphila. Uma sisetshenziswa, sigcwalisa ukuphila kwethu ngenjongo, siphumele ekuphileni komkhaya okujabulisayo, sisihlanganise eduze nabantu abathandana ngempela, futhi sisivikele emikhubeni engase ilethe ukuhlupheka okungokomzimba okuningi okungadingekile. Uma singalunaki lolusizo, ingabe kungokufanele ukusola uNkulunkulu ngezinkathazo esizilethela zona ngokwethu nabanye?—2 Thim. 3:16, 17; IHu. 119:97-105.
UJehova uye wenza ilungiselelo lokuqeda konke ukuhlupheka. Wadala abantu ababili bokuqala bephelele, futhi ngothando wenza wonke amalungiselelo ukuze ukuphila kujabulise kubona. Lapho befulathela ngamabomu uNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu wayephoqelelekile ukuba angenele ukuze avikele izingane zabo emiphumeleni yalokho abazali bazo ababekwenzile? (Dut. 32:4, 5; Jobe 14:4) Njengoba sazi sonke, imibhangqwana eshadile ingase ibe nenjabulo ehambisana nokuthola abantwana, kodwa futhi inemithwalo yemfanelo. Isimo sengqondo nezenzo zabazali ziyabathinta abantwana. Nokho, uJehova, ekuboniseni umusa omangalisayo ongasifanele, wathumela iNdodana yakhe ethandekayo emhlabeni ukuba idele ukuphila kwayo njengesihlengo, ukuze ilungiselele inkululeko ngalabo benzalo ka-Adamu abayoba nokholo lokwazisa ngalelilungiselelo. (Joh. 3:16) Ngenxa yalokho, ithuba livulekele abantu abaphila namuhla ukuba babe nalokho uAdamu akulahla—ukuphila kobuntu okuphelele, okukhululekile ekuhluphekeni, emhlabeni oyipharadesi. Yeka ilungiselelo lokuphana lokho okuyilo!
Bheka futhi amakhasi 128-131, ngaphansi kwesithi “Isihlengo.”
Kodwa kungani uNkulunkulu wothando engavumela ukuhlupheka kuqhubeke isikhathi eside kangaka?
Ingabe siye sazuza ngenxa yokuthi uye wakuvumela kuze kube manje? “INkosi [uJehova] ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” (2 Pet. 3:9) Ukuba uNkulunkulu wayebabhubhise ngokushesha oAdamu noEva, ngemva kwesono sabo, ngabe abekho kithina abaphilayo namuhla. Ngokuqinisekile akukhona lokho ebesingakufuna. Ngokungaphezulu, ukuba uNkulunkulu esikhathini esithile kamuva wabhubhisa bonke ababeyizoni, sasingeke sizalwe. Iqiniso lokuthi uNkulunkulu uye wavumela lelizwe elinesono libe khona kuze kube manje liye lasinikeza ithuba lokuba siphile futhi sifunde ngezindlela zakhe, senze izinguquko ezidingekayo ekuphileni kwethu, futhi sizenze sitholakale emalungiselelweni akhe othando okuphila okuphakade. Ukuthi uJehova uye wasinikeza lelithuba kuwubufakazi bothando olukhulu ngaye. IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu unesikhathi esimisiwe sokubhubhisa lesimiso esibi futhi uyokwenza ngokushesha.—Hab. 2:3; Zef. 1:14.
UNkulunkulu angakulungisa futhi uyokulungisa konke ukulimala okungase kufikele izinceku zakhe kulesimiso sezinto. Akuyena uNkulunkulu obangela ukuhlupheka. Kodwa ngoJesu Kristu, uNkulunkulu uyovusa abafileyo, aphulukise abalalelayo kukho konke ukugula kwabo, asimbule yonke iminonjana yesono, abangele ngisho nosizi lwangaphambili ukuba luphele ezingqondweni zethu.—Joh. 5:28, 29; IsAm. 21:4; Isaya 65:17.
Isikhathi esesiye sadlula besidingeka ukuze kulungiswe izimpikiswano ezaphakanyiswa e-Edene. Ngokuqondene nemininingwane, bheka amakhasi 403, 404, no-228-230.
Thina siqu sikhathalela ukuthola inkululeko. Kodwa lapho uNkulunkulu ethatha isinyathelo, kumelwe kube ngenxa yabo bonke abathanda okuhle, hhayi nje abambalwa. UNkulunkulu akakhethi.—IzE. 10:34.
Umfanekiso: Akulona yini iqiniso ukuthi umzali onothando angase avumele ingane ukuba ibhekane nokuhlinzwa okubuhlungu ngenxa yemiphumela enenzuzo engabangelwa yikho? Futhi, akulona yini iqiniso ukuthi “amakhambi asheshayo” okwelapha ukugula okubuhlungu ngokuvamile amane akhe phezulu? Ngaso sonke isikhathi kudinga isikhathi esengeziwe ukuze kuqedwe imbangela?
Kungani uNkulunkulu engamthethelelanga uAdamu ukuze ngalokho avimbele ukuhlupheka okubi okuye kwatholwa isintu?
Ingabe ngempela lokho kwakuyokuvimbela ukuhlupheka noma kunalokho, kwakuyokwenza uNkulunkulu abe necala ngakho? Kwenzekani uma ubaba emane angakunaki ukona kwangamabomu kwezingane zakhe kunokuba athathe izinyathelo eziqinile zokujezisa? Izingane ngokuvamile okokuqala zihileleka ohlotsheni oluthile lokona bese kuba ngolunye, futhi icala elikhulu liba kubaba.
Ngokufanayo, ukuba uJehova wayesithethelele isono sika-Adamu sangamabomu, kwakuyokwenza uNkulunkulu abe nengxenye ekoneni. Lokho kwakungeke kuzithuthukise nakancane izimo emhlabeni. (Qhathanisa nomShumayeli 8:11.) Ngokungaphezulu, kwakuyophumela ekubeni uNkulunkulu angahlonishwa ngamadodana akhe ayizingelosi, futhi kwakuyosho ukuthi sasingekho ngempela isisekelo sethemba lanoma yini engcono. Kodwa isimo esinjalo sasingeke senzeke, ngoba ukulunga kuyisisekelo esingenakuguqulwa sokubusa kukaJehova.—IHu. 89:14.
Kungani uNkulunkulu evumela ukuba izingane zizalwe zinokukhubazeka okungathi sína komzimba nokwengqondo?
UNkulunkulu akakubangeli ukukhubazeka okunjalo. Wadala abantu bokuqala ababili bephelele, benamandla okuveza izingane eziphelele ezifana nabo.—Gen. 1:27, 28.
Siye sazuza ifa lesono kuAdamu. Lelofa lihambisana nengozi yokukhubazeka ngokomzimba nangokwengqondo. (Roma 5:12; ngemininingwane eyengeziwe bheka amakhasi 284, 285.) Lelifa lesono likithina kusukela esikhathini sokukhulelwa esizalweni. Kungalesosizathu iNkosi uDavide yabhala: “Umame wangithabatha esonweni.” (IHu. 51:5) Ukuba uAdamu wayengonanga, wayeyodlulisela izici ezifiselekayo kuphela. (Mayelana nokukhulumela uJohane 9:1, 2, bheka ikhasi 319.)
Abazali bangayilimaza inzalo yabo engakazalwa—ngokwesibonelo, ngokusebenzisa izidakamizwa noma ngokubhema ngesikhathi sokukhulelwa. Yebo, akulona iqiniso ukuthi esimweni ngasinye umama noma ubaba banecala ngokukhubazeka ekuzalweni noma ngempilo ebuthakathaka yengane yabo.
Ngothando uJehova udlulisela ezinganeni izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaKristu. Ngenxa yokucabangela abazali abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka, ubheka izingane zabo ezincane njengezingcwele. (1 Kor. 7:14) Lokhu kushukumisela abazali abesaba uNkulunkulu ukuba baqaphele ukuma kwabo siqu kuNkulunkulu, ngenxa yokukhathelela kothando ngenzalo yabo. Kwabancane asebekhule ngokwanele ukuba babe nokholo futhi babonise ukulalela imiyalo kaNkulunkulu, uJehova udlulisela ilungelo lokuba nokuma okwamukelekayo njengezinceku zakhe. (IHu. 119:9; 148:12, 13; IzE. 16:1-3) Kungokuphawulekayo ukuthi uJesu, owayewukubonakaliswa okuphelele kukaYise, wabonisa isithakazelo esikhethekile ngenhlala-kahle yabancane, waze wavusa ngisho nengane ekufeni. Ngokuqinisekile uyoqhubeka enza lokho njengeNkosi yobuMesiya.—Math. 19:13-15; Luka 8:41, 42, 49-56.
Kungani uNkulunkulu evumela “izinhlekelele zemvelo,” ezibangela umonakalo omkhulu empahleni nasekuphileni?
UNkulunkulu akakubangeli ukuzamazama komhlaba, iziphepho, izikhukhula, isomiso, nokuqhuma kwezintaba-mlilo okuvame kangaka ezindabeni zanamuhla. Akazibangeli lezizinto ukuze ajezise abantu abathile. Ngezinga elikhulu, lokhu kubangelwa ngamandla emvelo abesebenza kusukela ekudalweni komhlaba. IBhayibheli labikezela ukuzamazama komhlaba okukhulu nokuntuleka kokudla osukwini lwethu, kodwa lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu noma uJesu banecala ngakho, njengoba nje nesangoma sezulu singenalo icala ngesimo sezulu esisibikezelayo. Ngenxa yokuthi lokhu kwenzeka kanye nazo zonke izinto ezabikezelwa esibonakalisweni esiyinhlanganisela sesiphelo salesimiso sezinto, kuyingxenye yobufakazi bokuthi izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu ziseduze.—Luka 21:11, 31.
Ngokuvamile abantu banecala elikhulu ngomonakalo owenzekayo. Ngayiphi indlela? Ngisho noma benikezwe isixwayiso esanele, abantu abaningi bayenqaba ukusuka endaweni eyingozi noma bayehluleka ukuthatha izixwayiso ezidingekayo.—IzAga 22:3; qhathanisa noMathewu 24:37-39.
UNkulunkulu angawalawula amandla anjalo emvelo. Wanikeza uJesu Kristu amandla okuthulisa isiphepho oLwandle lwaseGalile, njengesibonelo salokho ayokwenzela isintu ngaphansi koMbuso waKhe wobuMesiya. (Marku 4:37-41) Ngokufulathela uNkulunkulu, uAdamu wenqaba ukungenela okunjalo kwaphezulu ngenxa yakhe nenzalo yakhe. Labo abayonikezwa ukuphila phakathi nokuBusa KukaKristu KobuMesiya bayokuthola ukunakekelwa okunjalo kothando, okuwuhlobo lokunakekelwa okunganikezwa uhulumeni onikezwe uNkulunkulu kuphela amandla.—Isaya 11:9.
Ingabe abantu ababhekana nosizi bajeziswa uNkulunkulu ngenxa yobubi?
Labo abeqa izindinganiso zokulunga zokuphila bayabhekana nemiphumela emibi. (Gal. 6:7) Ngezinye izikhathi bavuna ubuhlungu ngokushesha. Kwezinye izimo, bangase babonakale bechuma isikhathi eside. Ngokuphambene, uJesu Kristu, ongakaze enze okubi, waphathwa kabi ngonya futhi wabulawa. Ngakho-ke, kulesimiso sezinto ukuchuma akumelwe kubhekwe njengobufakazi besibusiso sikaNkulunkulu, nosizi akumelwe lucatshangelwe njengobufakazi bokungamukeleki kuye.
Lapho uJobe elahlekelwa impahla yakhe futhi ehlaselwa isifo esinyanyekayo, lokho kwakungeve kungenxa yokungamukelwa uNkulunkulu. IBhayibheli lisho ngokukhanyayo ukuthi uSathane owayenecala. (Jobe 2:3, 7, 8) Kodwa abangane abafika bezobona uJobe baqinisa ngokuthi usizi lukaJobe kumelwe ukuba lwalufakazela ukuthi wayenze okuthile okubi. (Jobe 4:7-9; 15:6, 20-24) UJehova wabasola, ethi: “Intukuthelo yami iyavuthela wena . . . ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”—Jobe 42:7.
Eqinisweni, ababi bangase bachume isikhashana. UAsafa wabhala: “Ngaba-nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi. Abahlupheki njengabanye abantu; abahlushwa njengabanye abantu. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla; bakhuluma besekuphakameni. Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.”—IHu. 73:3, 5, 8, 12.
Usuku lokulandisa kuNkulunkulu luyofika. Ngalesosikhathi uyojezisa ababi, ababhubhise phakade. IzAga 2:21, 22 zithi: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” Khona-ke abaqotho, abaningi babo abaye babhekana nosizi, bayojabulela impilo ephelele futhi bahlanganyele ngokukhululekile enaleni yomkhiqizo womhlaba.
Uma Umuntu Ethi—
‘Kungani uNkulunkulu evumela konke lokhu kuhlupheka?’
Ungase uphendule: ‘Leyo indaba esithinta ngokujulile sonke. Ngicela ukukubuza, Yini ekwenza uyiphakamise namuhla?’ Khona-ke mhlawube unganezela: (1) ‘(Sebenzisa ukwaziswa okusemakhasini 284-287.)’ (2) ‘(Faka eminye imibhalo enikeza ithemba lenkululeko kulolohlobo lwesimo oluye lwaletha ukuhlupheka kulowomuntu siqu.)’
Noma ungase uthi (uma okubakhathazayo kungenxa yokungaphathwa kahle kulelizwe): ‘IBhayibheli liyabonisa ukuthi kungani lezizimo zikhona namuhla. (UmSh. 4:1; 8:9) Bewazi ukuthi libonisa nokuthi yini uNkulunkulu azoyenza ukuze asilethele inkululeko? (IHu. 72:12, 14; Dan. 2:44)’
Okunye ongakusho: ‘Ngokusobala ungumuntu okholelwayo kuNkulunkulu. Uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu uluthando? . . . Uyakholelwa ukuthi uhlakaniphile nokuthi unguMninimandla onke? . . . Khona-ke kumelwe abe nezizathu ezinhle zokuvumela ukuhlupheka. IBhayibheli liyabonisa ukuthi lezozizathu ziyini. (Bheka amakhasi 284-287.)’