Isifundo 10
Ukuthuthukisa Ikhono Lokufundisa
1-3. Ukufundisa kuhilelani, futhi yimaphi amathuba okufundisa esinawo na?
1 NjengamaKristu eqiniso sicabangela uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu njengabaFundisi bethu Abakhulu. Sihlanganyela nomhubi owakhuleka kuJehova: “Ngifundise ukwenza intando yakho.” (IHu. 143:10) Sicabanga nangokufanayo nalabobafundi bekhulu lokuqala leminyaka bakaJesu ababekhuluma naye njengo“Mfundisi.” Futhi yeka umfundisi uJesu anguye! Ngemuva kokunikela iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, “izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wayebafundisa njengonamandla.” (Math. 7:28, 29) Laba bangabaFundisi Abakhulu, futhi sizama ukubalingisa.
2 Ukufundisa yikhono elidinga ukuthuthukiswa. Lihilela ukuchaza ukuthi yini, kanjani, kungani, kuphi futhi nini endabeni. Onke amaKristu adinga ukulithuthukisa ikhono lawo lokufundisa, ikakhulu ngenxa yemiyalo kaJesu kubalandeli bakhe: “Nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise.” (Math. 28:19, 20) Ukuthi lona ngumsebenzi obizela ikhono kungabonwa esixwayisweni sikamphostoli uPawulu kuThimothewu: “Uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.”—2 Thim. 4:2.
3 Maningi ngempela amathuba okufundisa abanye. Abazali badinga ukufundisa abantwana babo. Abamemezeli bezindaba ezilungileyo badinga ukufundisa abantu abathakazela kabusha ngezifundo zeBhayibheli zasekhaya. Kaningi kukhona amathuba okufundisa abamemezeli abasha. Nabazalwane abaningi banelungelo lokunikela izinkulumo ezinenzuzo engokomoya, noma kusemhlanganweni womsebenzi noma njengezinkulumo zasobala. Bonke abafundi Esikolweni Senkonzo esingokwaseZulwini bafanele bashisekele ukubonisa ukuthuthuka kwabo njengabafundisayo. Njengoba uthuthukisa ikhono lakho lokuhlanganyela kulesisimo sokufundisa senkonzo, uyokufumana kwanelisa ngempela futhi kunomvuzo ocebile. Akukho okujabulisa ngempela njengokufundisa othile iZwi likaNkulunkulu bese umbona ethuthuka kahle ngokomoya.
4, 5. Sifanele sencike kubani nakuphi ekufundiseni na?
4 Ukwencika kuJehova. Indingeko ebalulekile ukuba-ngophumelelayo njengofundisa izindaba ezilungileyo wukwencika kuJehova, ukumqaphela, ukwencika ekuqondiseni kwakhe nokucela usizo lwakhe. (IzAga 3:5, 6) NoJesu wathi, “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.” (Joh. 7:16) Wayebhekisela njalo eZwini likaNkulunkulu, ecaphuna noma ebhekisela cishe engxenyeni yezincwadi zeMibhalo yesiHeberu ezingxoxweni zakhe ezilotshiwe. Njalo lapho ufundisa abanye, yencika eZwini likaNkulunkulu leqiniso njengoba kwenza uJesu. Thola izimpendulo zakho kulo, ngokuba kukhona eyodwa kuphela incwadi yesifundo eyinhloko yokufundisa abantu ukubangabafundi bakaJesu, naleyo yiBhayibheli eliNgcwele.—2 Thim. 3:16.
5 Uma wencika kuJehova ngempela, awudingi ukuzizwa ungenakhono. UJehova usinikeza ukuqonda kwezinjongo zakhe njengoba zibekwe obala eZwini lakhe leqiniso. Uma uhlanganyela ulwazi lwakho lwalamaqiniso nabanye, uJehova uyokukusekela. Akukho-ndingeko yokugodla, uthi, “Angiyena ofundisayo.” Ungaba-nguye uma ngomthandazo wencika kuJehova.—2 Kor. 3:5.
6-8. Ukulungiselela kunayiphi ingxenye ekufundiseni na?
6 Ukulungiselela. Phela, akukho okungabekwa endaweni yokwazi indaba yakho. Udinga ukuyiqonda ngokukhanyayo indaba ngaphambi kokuthi ukwazi ukufundisa omunye. (Roma 2:21) Njengoba ububanzi bolwazi lwakho bukhula, ngokusobala uyokuba-ngofundisayo ongcono. Kepha ngisho nakuba wazi ambalwa kuphela amaqiniso ayisisekelo, usengaba-ngofundisayo. Xoxa ngalokho okwaziyo. Nabantwana abancane bangafundisa abangane besikole amaqiniso abawafunde kubazali babo. Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini siyokukusiza ukuthuthukisa ikhono lakho lokufundisa.
7 Uma uyophatha isifundo seBhayibheli noma uyonikela inkulumo, qala ngokuthola izizathu ezisekela indaba ngokukhanyayo engqondweni. Zama ukunquma ukuthi kungani into injalo. Bona noma ungayibeka imiqondo ngamazwi akho. Thola ukuqonda okuhle kobufakazi boMbhalo. Zimisele ukusebenzisa imibhalo ngokuphumelelayo.
8 Esinye isimo sokulungiselela wukucabangela ngaphambili imibuzo engahle iphakame engqondweni yomfundi ngenxa yesizinda sakhe senkolo. Lokhu kuyokukusiza ukuba-ngolungiselele ngendaba eyofanela lowomfundi ikakhulu. Ukucabanga ngokuqonda asenakho kakade kuyokusiza ekubekeni isisekelo sendaba entsha nokumsiza ukuthuthuka. Omunye umfundi angahle adinge izizathu ezihambelanayo ezahlukile ngenxa yesizinda sakhe. Njalo ukwazi umfundi wakho kuyakusiza ukulungiselela.
9. Ungabakhuthaza kanjani abafundi ukuphendula ngamazwi abo na?
9 Imibuzo. Imibuzo inosizo ikakhulu ekufundiseni okuphumelelayo, njengoba uJesu Kristu abonisa kaningi. (Luka 10:36) Njalo lapho uphatha isifundo seBhayibheli ungalandela indlela yakhe, usebenzisa imibuzo ecindezelwe ezincwadini. Kepha uma ungofundisayo ngempela, awunakwaneliswa uma umfundi efunda kuphela impendulo encwadini. Uma kunjalo udinga imibuzo eyengeziwe eqhubezela umfundi ukubeka umcabango ngamazwi akhe. Ngezinye izikhathi odinga ukukusho kuphela wukuthi: “Kunjalo, kepha ubungakuchaza kanjani ngamazwi akho na?”
10. Chaza ukusetshenziswa kwemibuzo eholayo.
10 Uyofumana nokuthi imibuzo eholayo inosizo ekufundiseni. Lena yimibuzo ekusizayo ukuqondisa ingqondo yomuntu, ngesisekelo salokho asekwazi kakade, esiphethweni mhlawumbe angakaze acabange ngaso. (Math. 17:25, 26; 22:41-46) Ngokungathi ukhuluma wedwa uthi: ‘Ngiyazi lomfundi wazi lokhu nalokhuya, njalo uma ngibuza imibuzo ethile ngokulandelana okuqondile, angafinyelela esiphethweni esilungile. Kepha uma ngiyeqa imibuzo eholayo futhi ngimbuze umbuzo omkhulu ngokusobala, angahle ashesh’ukunquma kabi.’ Ngamanye amazwi, umfundi unayo indaba angafinyelela ngayo empendulweni. Kepha udinga usizo. Indlela elula, phela, wukumtshela impendulo. Kepha uma usebenzisa imibuzo eholayo, awenzi kuphela ukuthi impendulo yamukeleke ngaphezulu ngokuba umfundi uyisho yena uqobo, kepha uyamsiza nokuthuthukisa ikhono lokucabanga. Imibuzo yakho iyoholela ingqondo yakhe ngasezinyathelweni zomcabango ohlelekile kuya esiphethweni esiqondile. Lokhu kuyokuba-nosizo olungenakulinganiswa kuye kamuva.
11. Imibuzo yombono ingasetshenziswa kanjani na?
11 Ngezikhathi uyokufumana kuthandeka ukubuza imibuzo yombono. Ngayo uzama ukuthola lokho umfundi akukholwayo yena uqobo ngendaba. Ngokwesibonelo, ubungahle umbuze ukuthi uthini umthetho kaNkulunkulu ngokuhlobonga. Angahle akwazi ukucaphuna umbhalo obonisa ukuthi akulungile. Kepha ingabe umfundi uyavumelana nempendulo ayinikezile na? Ingabe lowo ngumbono wakhe uqobo na? Ungahle ufise ukumbuza umbuzo wokufumana lokho akucabangayo ngempela ngokuhlobonga. Ubungahle ubuze, “Kwahlukephi noma siphila ngaleyondlela noma qha na?” Ungahleke ubone izindawo lapho kudingeka khona usizo futhi ungalandela kuze kube-sekugcineni. Imibuzo yombono iyakusiza ukufinyelela inhliziyo yomfundi.
12, 13. Kungani imibuzo inosizo ekusetshenzisweni kokubili enkonzweni yendlu ngendlu nalapho kunikezwa inkulumo endaweni yesikhulumi na?
12 Imibuzo iyasiza nasenkonzweni yendlu ngendlu. Ngokwesibonelo, ufuna ukufumana ukuthi umninindlu ucabangani ukuze ukwazi ukumsiza kangcono ukuqonda amaqiniso eBhayibheli. Ubuza nemibuzo ucele nokuthi aphendule ngokuba uyazi ukuthi uma enikezwe ithuba lokuveza umbono wakhe, uyothambekela ngaphezulu ekulaleleni lokho okushoyo.
13 Nalapho unikela inkulumo endaweni yesikhulumi, kukhona izikhathi lapho ubuza imibuzo ofuna iphendulwe. Njalo ucela ngenhlonipho izilaleli ukuba ziphendule. Kepha kukhona nezikhathi lapho usebenzisa khona imibuzo yobuciko—imibuzo ebuzelwa ukuqhubezela ukucabanga, kungekho-mpendulo elindelwe ezilalelini. (Luka 12:49-51) Unikeza izimpendulo wena uqobo. Ngezikhathi ungahle ufise ukusebenzisa imibuzo elandelanayo, unganikeli impendulo uze ufike kowokugcina. Uhlobo lombuzo owusebenzisayo lwencike ezilalelini zakho nalokho okufundisayo.
14, 15. Yiziphi izinjongo ezisetshenzwa yimifanekiso nokuphindaphindwa na?
14 Imifanekiso. Lena yenza uphawu olubalulekile lokufundisa kukaJesu. Ngokufanayo, abafundisayo abangamaKristu namuhla bangathatha ezindabeni nakokuhlangenwe nakho ekuphileni ngemifanekiso eyosiza ekungeniseni izimfundiso ezinhle ezingqondweni zezilaleli zabo. (Math. 13:34, 35) Sebenzela ukwenza imifanekiso yakho ibe-lula, njengoba eyinkimbinkimbi noma elukhuni ingahle ibe-lukhuni ukuzwisiswa futhi ingahle ngisho ixoshane ezizathwini zakho. Incwadi kaJakobe iqukethe imifanekiso eminingi—igagasi lolwandle, iphini lomkhumbi, itomu lehashi, isibuko, njalonjalo. Yonke yayithathwe ezintweni ezivamile zokuphila. Ofundisayo ohlakaniphile uyozama ukwenza imifanekiso isebenze kwezomfundi izimeko, ubudala, inkolo, isiko, njalonjalo. Imifanekiso, phela, ingasetshenziswa ezinkulumweni, kanye nalapho ufundisa umuntu ngamunye.
15 Ukuphindaphindwa. Lelisu libalulekile ngokufundisa okuphumelelayo, kungakhathaleki noma usendaweni yesikhulumi noma ufundisa umuntu ngamunye ekhaya. Zama ukungenisa amazwi ayisihluthulelo nemishwana, nakakhulu imibhalo, engqondweni yomfundi wakho. Uma unenkulumo yomfundi nomninikhaya, ubungabuza imibuzo yokubukeza, kanjalo ugcizelela amaphuzu ngokuphindaphindwa. Ngalendlela ungaqiniseka ukuthi umfundi wawuthola umqondo. Ngokungathi uyobe ubuza njengoba kwenza uJesu: “Nikuqondile konke lokho na?”—Math. 13:51.
16. Uma isikhulumi singofundisayo omuhle, yini oyokwazi ukuyikhumbula ngemuva kwenkulumo yaso na?
16 Izinkulumo ezifundisayo. Uzikhumbula ngokwazisa izinkulumo ofunda kuzo okuningi. Njalo qaphela ukuthi kungani ezinye izikhulumi zingabafundisayo abahle. Qaphela ukuthi yini ebangela izinkulumo zazo zikhumbuleke kalula. Ukunikela kwazo akusheshisiwe. Zingahle zisebenzise imibuzo, noma yokuphendulwa yizilaleli noma imibuzo yobuciko ukuqhubezela ukucabanga. Ziyokucela ukuthi uhlole imibhalo eyisihluthulelo nokulandela njengoba ifundwa, uzindla ngayo, uyichasisa futhi uqokomisa imicabango emikhulu. Abanye bangahle basebenzise izinto zokusiza ukubona. Kepha kukho konke uyoqaphela ukuthi kulula kakhulu ukukhumbula amaphuzu ambalwa achazwe kahle kunamaningi athintwe kancane. Lapho kusetshenziswa ikhono lokufundisa, labo abezwa inkulumo bafanele bakwazi masinyane ukusho isihloko, amaphuzu amakhulu futhi mhlawumbe umbhalo oqhamile noma emibili esetshenzisiwe.
17, 18. Kukanjani futhi kungani sifanele sikhombe kubaFundisi Abakhulu na?
17 Ukukhomba Kubafundisi Abakhulu. Njengofundisayo ongumKristu ufanele wazi ngaso sonke isikhathi ngokubaluleka kokukhomba kuJehova uNkulunkulu njengoMthombo wokuphila nakuJesu Kristu njengendlela kaNkulunkulu okuza ngayo ukuphila nezibusiso. (Joh. 17:3) Zama ukuthuthukisa kwabanye ukwazisa okufudumele ngalababaFundisi Abakhulu ngempela.
18 Njengoba ufunda kahle ikhono lokufundisa uyokwazisa nengxenye yothando. Uma umfundi emthanda ngempela uJehova uNkulunkulu, ngakho-ke uyokumkhonza ngokwethembekile. Njalo, phakathi nesifundo, ezindaweni ezifanele, khomba ekubalulekeni kwalokho uNkulunkulu akwenzile nakwenzela abantu abanesono. Qokomisa ukuhlakanipha, ukubanomthetho, uthando namandla kaNkulunkulu, lezozimfanelo ezixubana kahle kangaka ngaso sonke isikhathi ngenzuzo yabantu abalalelayo. Uma inhliziyo yomfundi ilungile, ngesikhathi naye uyokuzwa ukwethembeka okukhulu kuJehova nesifiso sokuhlanganyela ekukhuliseni igama lakhe.