Isahluko 15
Ukufinyelela Inhliziyo Yezilaleli Zakho
1-4. Kungani inhliziyo ibalulekile kithi njengezikhonzi na?
1 Umphostoli uPawulu akazange ayeke ukukhuleka kuJehova, ngenxa yalabo ayeshumayele kubo izindaba ezilungileyo, ukuthi ‘amehlo enhliziyo yabo akhanyiswe.’ (Ef. 1:16-18) Qaphela ukuthi wakhuluma lapha, hayi ngengqondo, kepha ngenhliziyo, njengekhanyisiwe. Wayesho ukuthini na? Ukuba-yizikhulumi eziphumelelayo nabafundisayo, sidinga ukuyiqonda lendaba.
2 NgoPawulu umoya kaJehova wawembula lokho nje owawukukhulume ngezinye izinceku ezethembekile zoMlinganisi omkhulu wezinhliziyo. (IzAga 21:2) Ngokwesibonelo, kundlalifa yakhe yobukhosi, uDavide iNkosi owayesegugile wanikela lesiseluleko esihle: “Ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube-phakade.” (1 IziKr. 28:9) Ukukhulekela koqobo okuvela enhliziyweni yilokho okujabulisa uMdali.
3 UDavide oMkhulu, uJesu Kristu, wanikela esifanayo iseluleko esihlakaniphile lapho efundisa: “Woyithanda iNkosi [uJehova], uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.” (Marku 12:28-30) Endabeni yokujabulisa uNkulunkulu, lokho okusenhliziyweni yesidalwa kubaluleke kakhulu. Lapho sikwazisa lokhu, amazwi ezAga 4:23 akhanya kithi ngamandla amakhulu kakhulu: “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”
4 Lendaba yokufinyelela nokuthinta inhliziyo yesinye nesinye isilaleli imelwe ikhathaze bonke abashumayela nabafundisa izindaba ezilungileyo zombuso kaNkulunkulu. Ikhathaza umzali ongumKristu lapho efundisa abantwana, nesinye nesinye isikhonzi esiphatha isifundo seBhayibheli sasekhaya nalabo abazakulalela izindaba ezilungileyo. Idinga ukucatshangelwa ngokunakekela ngabazalwane abafundisa endaweni yesikhulumi. Kuzo zonke izimeko ezinjalo sizama ukunikeza isigijimi esiligugu elikhulu seqiniso ezingqondweni zabanye. Kepha sifanele sizame ukwenza okuningi ngaphezulu. Sifuna ukufinyelela izinhliziyo. Sifuna ukwenza abanye bavume ‘ukunikela inhliziyo yabo komkhulu uYise wasezulwini.’—IzAga 23:26.
5, 6. Kungani simelwe sizame ukwenza okungaphezu kokunikeza nje ulwazi ezingqondweni zabanye abantu na?
5 Ukwahlukanisa ingqondo nenhliziyo. Ofundisa izindaba ezilungileyo onekhono anganikeza ulwazi ezingqondweni zezilaleli. Masinyane umfundi noma isilaleli siyakwazi ukuphinda nokuchaza imfundiso sona luqobo. Siyiqondile futhi igxilisiwe engqondweni yaso. Kepha umbuzo uyaphakama, Siyokwenzani ngayo na? Ingabe sithakazelela ukungenisa ulwazi kuphela, noma ulwazi luyosisunduzela esenzweni na?
6 Yilapho inhliziyo ingena khona, ngokuba eBhayibhelini ihlanganiswa nokushukunyiswa. Umkhulekeli weqiniso kaNkulunkulu angathi nomlobi weBhayibheli ophefumulelwe: “Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.” (IHu. 119:11) Umuntu abengangenisa engqondweni yakhe ulwazi oluhle hle ngezinjongo zikaNkulunkulu, abengaqonda eziningi izimiso ezinhle zeBhayibheli, futhi nokho angabi-nakho enhliziyweni yakhe ukusebenzisa lezozimiso nalololwazi endleleni yakhe yokuphila. Abantu abaningi bawezwile amaqiniso aqabulayo eZwi likaNkulunkulu, kepha lapho kufikwa ekuwasebenziseni ekuphileni kwabo noma ekudluliseni ithuba elifanayo kwabanye—abanaso nje isibindi sonjalo umsebenzi osindisa ukuphila.
7, 8. Bonisa umahluko phakathi kwengqondo nenhliziyo.
7 Ingqondo imelwe ngokudingekile ingenise futhi ivungunye indaba. Iyindawo yokuhlakanipha, indawo eyenza ulwazi ngendlela ethize. Ihlanganisa indaba nangenqubo yokuzindla neyomqondo ohlelekile ifinyelela iziphetho ezithile. NeMibhalo ibonisa ukuthi, ngethile indlela emangalisayo, ihlangene ngokuqondile nenhliziyo. Inhliziyo inengxenye ebalulekile, ngokuba kuhlanganiswe nayo izinkanuko nokushukunyiswa. Ukuqondisa kwenhliziyo yonke indlela yomuntu yokuphila kuba-sobala kuzo zonke izibukeli. Ziyafumana ekugcineni lokho lomuntu ayikho ngempela ngaphakathi. Kepha uJehova ngazo zonke izikhathi uyamazi “umuntu osithekileyo wenhliziyo.”—1 Pet. 3:3, 4.
8 Ngezinye izikhathi inhliziyo ingahle izichithe iziphetho zengqondo, inikeza ukushukunyiswa okuvumelana nokuphakamisa umzwelo noma isifiso kunomqondo ohlelekile. Akumelwe ukuthi umuntu azi lokho okuhle phambi kukaJehova ngengqondo yakhe kuphela, kepha umelwe abenesifiso enhliziyweni yakhe sokulandela leyondlela. Lelikhono lenhliziyo lokukhetha phakathi kwezindlela ezimbili ngokuzithandela futhi imise icebo layo kwenye yazo liyachaza kungani iBhayibheli likhuluma ngenhliziyo yomuntu njenge‘yenza amacebo’ ne‘ceba [misa ingqondo yakhe] ezindleleni zakhe.’ (IzAga 19:21; 16:9) Ngaphandle kokuthi izimeko ziyabacindezela ngokufanayo ukwenza ngokunye, abantu bayolandela indlela ethinta izinhliziyo zabo. Lokhu kuliqiniso ikakhulu lapho kufikwa ezindabeni zesimilo nezingokomoya.—Math. 5:28.
9, 10. Yini eyosisiza ukufinyelela inhliziyo yomfundi na?
9 Ukufinyelela izinhliziyo. UmKristu ofundisayo umelwe azifinyelele kanjani-ke izinhliziyo zabantu na? Enye indlela wukukhuthaza abafundi ukuzindla ngokwazisa ngezinto ezifundiwe. Khumbula indlela okwalandiswa ngayo ngoMariya, unina ongokwenyama kaJesu, ukuthi “wawagcina onke lawamazwi enhliziyweni yakhe.” (Luka 2:51) Incwadi kayithi “engqondweni yakhe,” nakuba nayo yayihilelekile. Kwakusenhliziyweni yakhe, indawo yenkanuko nokushukunyiswa, kangangoba ngesikhathi esilandelayo waba-ngumKristu othembekile. Ukusiza abafundi namuhla ekutholeni iqiniso ezinhliziyweni zabo, chitha isikhathi esanele ukuthuthukisa amaphuzu ayisihluthulelo ngendlela eyanelisayo. Musa ukuzama ukuhlanganisa indaba eningi ngokweqile.
10 Imibuzo inosizo kakhulu ekunqumeni noma amaqiniso eBhayibheli acatshangelwayo ayagxila ngempela ezinhliziyweni zabafundi. Ngemuva kokuxoxa ngamaqiniso amasha ungahle uthande ukubuza, “Uzizwa kanjani ngalokhu manje na? Ingabe yilokho okukholelwayo na?” Zijwayeze ukwenza lokho lapho unikela izinkulumo zabafundi. Ngokunquma lokho okusenhliziyweni yomuntu kuphela singamsiza ukuthuthuka enkonzweni kaJehova.
11. Singabugcizelela kanjani kumfundi ubunlobo bomuntu noJehova na?
11 Ukungenisa iZwi likaNkulunkulu enhliziyweni yabo, abafundi obafundisayo badinga ukusizwa ukucabanga ngokuvumelana nobuhlobo babo noJehova. Futhi ikuphi indawo engcono yokusetshenzwa nguwe ukuthuthukisa lelikhono kunalapho unakekela khona izabelo esikolweni senkonzo na? Khuthaza labo obafundisayo ukwethemba kuJehova ngenhliziyo yabo yonke, ngenxa yokumthanda, nangenxa yokusithanda kwakhe. Ngemibuzo ebekwe kahle, ungabakhomba eqinisweni lokuthi lokho abakufunda eBhayibhelini kuvela kuMdali wethu othandekayo, uJehova, lowo ‘onesihe esikhulu nesihawu.’ (Jak. 5:11) Iviki ngeviki, uma uphatha isifundo, gcizelela uthando lukaJehova nokuhlakanipha njengoba kuboniswe emaqinisweni amangalisayo lawo eniwafunda ndawonye. Khuthaza abafundi ukubona indlela ukuphila kwabo okuthinteka ngayo nendlela okuyothinteka ngayo ngezinsuku ezizayo. Bukeza nabo izimiso zeBhayibheli kaningi ukuze bazazi kakhulu. Basize ukuzijwayeza injwayelo yokuzama ngaso sonke isikhathi ukufumana intando kaYise wasezulwini kunoma iyiphi indaba ngaphambi kokwenza isinqumo. Kancane kancane uyobe ubasiza ukubona ukuthi ukuphila kwethu nakho konke esinakho ngokukaNkulunkulu, ngokuba ‘yena ubapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke’; nokuthi ukukhulekela kwakhe, inkonzo yakhe, kufanele kube-phambili kokubili enhliziyweni yethu nasengqondweni yethu.—IzE. 17:25.
12-14. Yini abafundi abadinga ukuyifunda ngesisusa, futhi umuntu angazihlaziya kanjani izisusa zakhe na?
12 Ngezinye izikhathi khanyisa ukuthi kuNkulunkulu akukhona kuphela lokho esikwenzayo okubalulekile, kepha isisusa sethu ekukwenzeni. Ufuna sikujabulele ukwenza intando yakhe. Njengoyise encwadini yezAga, njalo uBaba wethu wasezulwini uyasicela ngenhlonipho: “Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.”—IzAga 4:20-22.
13 Njalo labo obafundisayo bangakhuthazwa ukuhlaziya izisusa zabo zokwenza izinto nokuzibuza imibuzo enjengalena: Kungani ngifuna ukwenza lokhu noma lokho na? Yini engiqhubela-phambili ukukhetha lendlela ethile yesenzo na? Ngiyakwazi lokho ingqondo yami ekushoyo, kepha yini esenhliziyweni yami ngempela na? Ingabe ngizama ukujabulisa uNkulunkulu noma ukwanelisa ezami izifiso na? Ingabe ukuzindla kwami kuqinisekile ngempela na? Noma ngizama ukuzikhohlisa ngokuzindla okwedukile na?
14 Abafundi bangaxwayiswa nangezingozi nezinkohliso ezifaka engozini abangaxwayile. Ngokwesibonelo, umuntu abengahle abeke inhliziyo yakhe emgomweni othile, mhlawumbe ovunyelwe ngumthetho ngempela wona luqobo, kepha lowo ophazamisana nokukhulekela komuntu noma inkonzo kuJehova kuya ebangeni elithile. Ngokushaya emhloleni isaga esiphefumulelwe sinalokhu kokusho: “Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula; kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.”—IzAga 28:26.
15-17. Isibonelo sikaJesu nezingxoxo ngomkhuleko zingayizuzisa kanjani inhliziyo na?
15 Ekugcineni, kuhle ukugcina ngaphambi kwabafundi isibonelo esiphelele esinaso eNkosini uJesu. Wayethembekile kuYise wasezulwini. Kwakungokuba wa‘thanda ukulunga, wazonda okubi ukuthi uNkulunkulu [uJehova] wamgcoba ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabo bonke.’ (IHu. 45:7) Wasilondoloza kanjani lesosimo senhliziyo na? Wafunda hayi ukwazi uNkulunkulu kuphela kepha nokumjabulisa. Ngaso sonke isikhathi wayekhumbula intando kaYise. UJesu wafuna njalo uYise ngomkhuleko. Ngokungathi ngemikhuleko yakhe wayecela uNkulunkulu, ngempela, ukum‘vivinya, amlinge, ahlolisise izinso zakhe nenhliziyo yakhe.’ (IHu. 26:2) Akazange athande ukwencika ekuzindleni kwakhe nje noma ekushushisweni yinhliziyo yakhe. “Baba, . . . kungabi-njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena,” kwakuyisinqumo sakhe somkhuleko njengoba ukufa kwakhe komhlatshelo okwakushiwo ngaphambili kusondela.—Marku 14:36.
16 Ingabe leso akusona isibonelo esihle sokubekwa phambi kwabafundi na? Nabo, bangasizwa ukufuna ukuqondisa kukaNkulunkulu ekuphileni kwabo ngomkhuleko—umkhuleko oqinisekile, ozwelayo wokuhlakanipha kokulandela indlela evunyelwe nguNkulunkulu. Bafundele eminye imikhuleko kaJesu. Lapho uJesu efika emhlabeni wakhuleka kuNkulunkulu njengeNdodana yakhe. Efundisa abalandeli bakhe indlela yokukhuleka, uJesu waqala umkhuleko oyisibonelo: “Baba wethu osezulwini.” (Math. 6:9) Njalo lowo okhulekayo ufanele abe-njengendodana ecela uyise. Mhlawumbe ngaphezu kwakho konke imikhuleko yethu ibonisa uhlobo lobuhlobo esinabo noJehova. Ingabe lobobuhlobo bungobufudumele, obethembayo, obokwazana kakhulu njengobendodana noma indodakazi kuyise ohlonishwa nothandwa ngayo yonke inhliziyo yomuntu na? Noma buyilobo nje bokujwayelana ngokukhuluma nje njengomakhelwane noma umhlobo omuhle na? Zama ukufinyelela inhliziyo yalabo okhuluma nabo nalabo ofunda nabo ngokuxoxa nabo ngomkhuleko, indlela abawucabangela ngayo nezinto abazikhulekelayo.—IzAga 15:8, 29.
17 Ngenxa yokubaluleka uNkulunkulu akubeka ezinhliziyweni, nathi sidinga ukunikeza ukucabangela kokunakekela enhliziyweni lapho sifundisa iZwi lakhe. Noma unikeza inkulumo yasobala noma inkulumo yomfundi noma uphatha isifundo seBhayibheli sasekhaya, musa ukwenza ukuhlanganiswa kwendaba eningi kakhulu umgomo wakho. Chitha isikhathi esanele ukusiza abanye ukusondela kuJehova nokwenza iZwi lakhe ligxiliswe ngokuqinile ezinhliziyweni zabo.