Isifundo 23
Izwi Nokuhlaba Ikhefu
1, 2. Kungani simelwe sikhulume ngezwi elikhulu ngokwanele na?
1 Ngaphandle kokuthi abanye bakwazi ukukuzwa kalula, usizo lwalokho okushoyo luyolahleka. Ngenye indlela, uma izwi lakho liphakeme kakhulu, lingacunula izilaleli nakanjalo lisusane emicabangweni emihle oyilungiselele. Indingeko yethu yokukhathazeka ngezwi elifanele ibonakala kwamaningi amaHolo oMbuso, lapho labo abaphendula emihlanganweni phambili eHolweni bevame ukungezwakali kulabo abasemuva. Ngezinye izikhathi lowo okhuluma endaweni yesikhulumi angahle angabi-nezwi elanele nakanjalo angakwazi ukushukumisa izilaleli zakhe. Nasenkonzweni yasensimini sihlangana nabantu abangezwa kahle ezindlebeni, kukhona nemisindo esimelwe siphikisane nayo, noma ngaphakathi emakhaya esiwahambelayo noma ngaphandle. Konke lokhu kubonisa ukuthi sidinga ukucabangelisisa izwi elifanele.
2 Likhulu ngokwanele ukuzwakala kamnandi. Ukucabangela kokuqala ekunqumeni ukuthi yizwi elingakanani elimelwe lisetshenziswe kuhlaziywa kahle kakhulu ngumbuzo, Ingabe amandla adingekile ezwi asetshenziswa na? Okungukuthi, ingabe uzwakele kwabangemuva ngaphandle kokubangela labo abangaphambili umsindo na? Lokho bekungahle kube-wukucatshangelwa okwanele kumfundi oqalayo, kepha labo abathuthuke ngaphezulu bafanele bazame ukufunda kahle nemibono elandelayo yendaba. Umbonisi wesikole ufanele anqume ukuthi omunye nomunye umfundi uyokwelulekwa kangakanani ngalemfanelo.
3-10. Yiziphi izimeko ezisisiza ukunquma ubukhulu bezwi esifanele sibusebenzise na?
3 Izwi limelwe lifanele izimeko. Isikhulumi simelwe siqaphele izimo eziguqukayo esikhuluma ngaphansi kwazo. Kukhulisa amandla aso obuhlakani, kusenze sikwazi ukuguquka futhi kusivumele ukufinyelela nokubamba izilaleli zaso kalula kakhulu.
4 Izimo ziguquka kusukela kwelinye iholo kuya kwelinye nangobuningi bezilaleli. Ukuphatha izimeko umelwe uphathe izwi lakho. Ukunikeza inkulumo eHolweni loMbuso kudinga izwi eliphakeme kunasekamelweni lokuhlala lomuntu othakazela kabusha. Futhi, iqenjana eliseduze nendawo ephambili yeholo, njengasemhlanganweni wenkonzo yasensimini, liyodinga izwi eliphansi kunalapho iholo ligcwele, njengasemhlanganweni womsebenzi.
5 Kepha nalezizimo azimile. Imisindo esheshayo iyaphakama ngaphandle nangaphakathi eholweni. Ukwedlula kwemoto, isitimela esiseduze, imisindo ephakeme yezilwane, ukukhala kwabantwana, ukuphuza ukufika—konke lokhu kudinga ukuguquka emandleni ezwi lakho. Ukwahluleka ukukubona nokukulinganisela ngezwi kuyobangela okuthile, mhlawumbe iphuzu elibalulekile, lilahleke.
6 Amabandla amaningi anezinto zokusebenza zokukhulisa izwi. Kepha uma kungaqashelwa ukusetshenziswa kwazo, nezwi liguquguquka kakhulu kusuka ekuphakameni kuya phansi, bekungahle kudingeke ukuba isikhulumi selulekwe ngokungacabangeli lezizimeko. (Bona Isifundo 13 ngokusetshenziswa komshini ozwakalisa izwi.)
7 Ngezinye izikhathi isikhulumi siyofumana lendaba yezwi inzima ukufundwa kahle ngenxa yemfanelo yezwi laso nje. Uma lokhu kuyinkinga yakho nezwi lakho lingafinyeleli nje endaweni ethile, umbonisi wesikole uyoyicabangela ekunikezeni iseluleko. Ubengahle asikisele ukuzijwayeza okuthile noma isimiso sokuqeqesha esiyokusiza ukulithuthukisa nokuliqinisa izwi lakho. Nokho, imfanelo yezwi uqobo lwayo yiphuzu elahlukile leseluleko futhi ayinakugcizelelwa ekucabangeleni izwi lakho.
8 Akuzona zonke izimeko ezikhona ezinganqunywa kunoma iyiphi inkulumo eyodwa. Iseluleko sifanele sinikezwe enkulumweni yamanje, hayi kukho konke okunokwenzeka okungahle kuphakame. Nokho, uma indingeko sengathi ikhona, umbonisi wesikole abengahle axwayise umfundi ngezinkinga ezinokwenzeka abengahle ahlangane nazo ngaphansi kwezimeko ezahlukene, ngisho nakuba umfundi enconyelwa inkulumo yakhe yamanje nepheshana lakhe leseluleko liphawulwa ngokuthi “L.”
9 Umfundi anganquma kanjani noma izwi lakhe lanele na? Ukusabela kwezilaleli ngesinye sezilinganiso ezinhle kakhulu. Isikhulumi esinolwazi siyoziqaphelisisa lezo ezingemuva eholweni phakathi nesethulo saso futhi siyokwazi ukunquma ngokubukeka kwazo nesimo esivamile noma zingezwa kahle yini, futhi siyoliguqula izwi laso ngokufanele. Uma sesithole “umuzwa” weholo, asisenakuba-nabunzima.
10 Enye indlela wukuqaphela ezinye izikhulumi ezisesimisweni esifanayo. Ingabe zizwakala kalula na? Zisebenzisa izwi elingakanani na? Guqula elakho ngokufanele.
11, 12. Kungani kudingekile ukuba-nezwi elifanele indaba na?
11 Izwi lifanele indaba. Lombono wengxoxo ngezwi awufanele uphambaniswe nokungafani kwezwi. Okwamanje sithakazelela ekufaneliseni nje izwi nendaba exoxwayo. Ngokwesibonelo, uma ukusola bekufundwa eMibhalweni, kusobala ukuthi izwi beliyofaneliswa ngokwahlukile kunalapho umfundi efunda iseluleko ngothando phakathi kwabazalwane. Qhathanisa futhi uIsaya 36:11 namavesi 12 no 13 futhi ubone umahluko okumelwe ube-khona endleleni lezizinkulumo ezakhulunywa ngayo. Izwi limelwe lifaneliswe nendaba kepha alifanele leqiswe noma nini.
12 Ekunqumeni ukuthi yizwi elingakanani elimelwe lisetshenziswe, hlaziyisisa indaba yakho nenjongo yakho. Uma ufuna ukuguqula ukucabanga kwezilaleli zakho, musa ukuzixosha ngezwi eliphakeme kakhulu. Nokho, uma ufuna ukuziqhubezela emsebenzini onamandla, mhlawumbe izwi belingaba-namandla amakhulu kakhulu. Uma indaba ibizela amandla, musa ukuyenza-buthakathaka ngokukhulumela phansi kakhulu.
**********
13-16. Khomba usizo lokuhlaba ikhefu.
13 Ekunikezweni kwenkulumo yakho, amakhefu ahlatshwe ngokufanele abaluleke cishe njengezwi elanele. Ngaphandle kwawo, incazelo yezinkulumo isithela kalula namaphuzu amakhulu izilaleli zakho ezifanele ziwakhumbule awangeni ngokuhlala njalo. Amakhefu akunikeza isibindi nesizotha, avumele ukuphathwa kahle komoya nethuba lokuzuza ukuthi cosololo emaphuzwini anzima enkulumo. Amakhefu abonisa izilaleli ukuthi usiphethe isimo, ukuthi awunavalo olungadingekile, ukuthi uyazicabangela izilaleli zakho, nokuthi unento ofuna ziyizwe futhi ziyikhumbule.
14 Isikhulumi esiqalayo sifanele singalahlekelwa yisikhathi ekutholeni ikhono lokuhlaba ikhefu ngokuphumelelayo. Okokuqala, umelwe ukholiseke ukuthi lokho onokukusho kubalulekile nokuthi ufuna kukhunjulwe. Unina ekwelulekeni ingane yakhe ngezinye izikhathi uyoqalisa amazwi akhe ngokusho okuthile kokuyenza ilalele. Akanakukhuluma elinye izwi ingane ize ilalelisise. Uyobe esesho-ke lokho akucabangayo. Ufuna ukuqiniseka ukuthi ingane ayisoze yangakunaka lokho akushoyo nokuthi kuyokhunjulwa.
15 Abanye abantu abalihlabi nanini ikhefu, nasenkulumweni yansuku zonke. Uma lokho kuyinkinga yakho uyothanda ukuzijwayeza lemfanelo ukuthuthukisa impumelelo yenkonzo yakho ensimini. Lapho ukukhuluma kwethu kusesimweni sengxoxo. Ukuhlaba ikhefu ukuze umninindlu wakho angaphazamisi kepha alalele futhi alinde kudinga uhlobo oluhle lokuhlaba ikhefu. Kepha ikhono nobungcwepheshi ekuhlabeni ikhefu kudingeke futhi kunomvuzo njengekhono lapho lisetshenziswa endaweni yesikhulumi.
16 Enye inkinga embi kakhulu ngokuhlangene nokusetshenziswa okufanele kokuhlaba ikhefu enkulumweni wukuba-nendaba eningi ngokweqile. Kuxwaye lokhu. Vumela isikhathi samakhefu; adingekile.
17-21. Chaza ukubaluleka kokuhlaba ikhefu ngokhefu.
17 Hlaba ikhefu ngokhefu. Ukuhlaba ikhefu ngokhefu kusho nje ngokukhanya komcabango; ukukhulisa imiqondo evumelanayo; ukubonakalisa imishwana, imisho engaphelele, iziphetho zemisho nezigaba. Ngokuvamile izinguquko ezinjalo zingabonakaliswa ngokungafani kwezwi, kepha namakhefu ayaphumelela nokunikela ukuhlatshwa kokhefu lomlomo kulokho okushiwoyo. Nanjengoba amakhefana namakhefana-ngqi anokubaluleka okwahlukile ekwahlukanisweni kwemisho, njalo amakhefu afanele aguquke ngokusetshenziswa kwawo.
18 Amakhefu ahlatshwe endaweni engeyiyo angawuguqula ngokuphelele umcabango womusho. Umfanekiso walokhu ngamazwi kaJesu akuLuka 23:43, NW, “Ngeqiniso ngithi kuwe namuhla, Uzakuba-nami ePharadesi.” Uma ikhefana noma ikhefu belihlatshwe phakathi kuka“kuwe” no“namuhla” bekuyophumela emcabangweni owahlukile ngokuphelele, njengoba kuboniswe wukuphendukezelwa okuvamile kwalelitekisi. Ukuhlaba ikhefu okuhle-ke, kudingekile ukuze kunikezwe umcabango ohlosiwe.
19 Funda ukwahlukanisa ngokhefu ngomlomo ekukhulumeni okungahloswanga ngokuqaphela bonke okhefu abalotshiwe lapho ufunda. Ukhefu olotshiwe okukuphela kwakhe okungenzeka anganakwa ngezinye izikhathi ekufundeni yikhefana. Ukuhlaba ikhefu noma ukungahlabi ikhefu kukhefana kuvame ukuba-yindaba yokuzikhethela. Kepha okhefana-ngqi, ongqi, osokucaphuna, nokwahlukaniswa kwezigaba, konke kumelwe kuqashelwe.
20 Ubungahle ukufumane kunosizo ekufundeni umbhalo olotshiwe noma ingxenye yeBhayibheli ukuphawula isiboniselo. Dweba umudwana ome nqo phakathi kwemishwana lapho kumelwe kuhlatshwe khona ikhefu elincane (mhlawumbe ukuzindela nje); imidwa emibili noma u“X” ngekhefu elidana.
21 Uma, ngenye indlela, ufumana ekufundeni kwakho kokuzijwayeza ukuthi eminye imisho ilukhuni kuwe futhi ikhefu ulihlaba kaningi ezindaweni ezingezona, ubungahle wenze izimpawu zepensele ezihlanganisa onke amazwi enza umshwana. Njengoba ufunda-ke, musa ukuhlaba ikhefu noma ukuzindela uze ufike kwelokugcina lamazwi ahlanganisiwe. Eziningi izikhulumi ezinolwazi zenza lokhu.
22-24. Kungani kudingekile ukuhlaba ikhefu ngokuguquka komcabango na?
22 Hlaba ikhefu ngokuguquka komcabango. Ekuguqukeni kusuka kwelinye iphuzu elikhulu kuya kwelinye, ikhefu linikeza izilaleli ithuba lokuzindla. Ngaphandle kwalokho, livimbela ukungaqondi kahle. Linikeza ingqondo ithuba lokuzihlela, ukubona ukuguquka kwendlela nokulandela ukuthuthukiswa komcabango omusha onikezwayo. Kubalulekile ngesikhulumi ukuhlaba ikhefu ekuguquleni imiqondo njengoba kunjalo kumshayeli wemoto ukuhamba kancane ukuze ajike.
23 Enkulumweni engahloswanga, indaba imelwe ihlanganiswe ngesu ohlakeni lwenkulumo ukuze kuvunyelwe ikhefu phakathi kwamaphuzu amakhulu. Lokhu akudingi ukuba kuphazamisane nokuqhubeka noma ukuvumelana kwamaphuzu kwenkulumo, kepha imiqondo ifanele ihlanganiswe kahle ukuze wakhele iphuzu elithile kuvuthondaba, hlaba ikhefu, bese udlulela emcabangweni omusha. Imivuthondaba enjalo nezinguquko kungaphawulwa nasohlakeni lwakho lwenkulumo, uma kudingekile, ukukukhumbuza.
24 Amakhefu okuguquka komcabango ngokuvamile made kunamakhefu okwahlukanisa ngokhefu; nokho, amakhefu amade awafanele eqiswe enkulumweni noma ukunikela kuyoqhubeka isikhathi eside. Ngaphandle kwalokho, kungenzeka ezwakale enokuzenzisa.
25-28. Bonisa indlela ukuhlaba ikhefu okusisiza ngayo ukugcizelela iphuzu kanye nokubhekana nezimeko eziphazamisayo.
25 Hlaba ikhefu ngokugcizelela. Ikhefu lokugcizelela livame ukuba-yikhefu elinamadlingozi. Lenza kulindelwe okuthile noma linikeza izilaleli ithuba lokuzindla.
26 Ukuhlaba ikhefu ngaphambi kwephuzu elibalulekile kwenza kulindelwe okuthile. Ikhefu ngemuva kwalokho livumela ingqondo egcwele yomqondo izike. Lokhukusetshenziswa okubili kwekhefu akufani, njalo umelwe unqume ukuthi yikuphi okufanele kakhulu ngesikhathi esithile noma kumelwe kusetshenziswe kokubili.
27 Amakhefu okugcizelela afanele alinganiselwe ezinkulumweni ezibaluleke kakhulu, uma kungenjalo usizo lwawo luyalahleka.
28 Hlaba ikhefu lapho kubizelwa yizimeko. Iziphazamiso zivame ukubizela ukuthi isikhulumi sihlabe ikhefu okwesikhashanyana. Uma isiphazamiso singesibi kakhulu futhi ukwazi ukuphakamisa izwi lakho futhi uqhubeke, ngokuvamile lokhu bekuyokuba-kuhle kakhulu. Kepha, uma isiphazamiso sanele ukuphazamisa inkulumo ngokuphelele, umelwe uhlabe ikhefu-ke. Izilaleli zakho ziyokwazisa ukucabangela kwakho. Ngaphandle kwalokho, kaningi azilalele nakanjani, ngokuba isiphazamiso sesikhashana siziphazamisile. Njalo sebenzisa ukuhlaba ikhefu ngokuphumelelayo, ukuqiniseka ukuthi izilaleli zakho zithola inzuzo egcwele yezinto ezinhle ofuna ukuzitshela zona.