Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 8 k. 107-k. 110 isig. 2
  • Izwi Elifanele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwi Elifanele
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izwi Nokuhlaba Ikhefu
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukushintshashintsha Kwezwi
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Efundisayo, Inikezwe Ngokukhanyayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukushintshashintsha Kwezwi
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 8 k. 107-k. 110 isig. 2

ISIFUNDO 8

Izwi Elifanele

Yini okudingeka uyenze?

Khuluma ngezwi elizwakala ngokwanele noma elinamandla ngokwanele. Ukuze uthole ukuthi elinjani elifanelekayo, cabangela (1) ukuthi izilaleli zakho zingaki nokuthi zingobani, (2) imisindo ephazamisayo, (3) indaba okhuluma ngayo (4) kanye nomgomo wakho.

Kungani Kubalulekile?

Uma abantu bengakuzwa kalula, izingqondo zabo zingase zizule futhi ukwaziswa obatshela kona kungase kungacaci. Uma ukhulumela phezulu kakhulu, kungabacasula abantu lokho—futhi mhlawumbe kubonise ukwedelela.

UMA isikhulumi seningi singenalo izwi elizwakalayo, izilaleli zingase zozele. Uma ummemezeli ekhuluma kancane kakhulu enkonzweni yasensimini, umninikhaya angase angamnaki. Futhi lapho izilaleli zingaphenduli ngezwi eliphakeme emihlanganweni, abakhona ngeke basithole isikhuthazo abasidingayo. (Heb. 10:24, 25) Ngakolunye uhlangothi, uma isikhulumi siphakamisa izwi laso ngesikhathi esingafanele izilaleli zingase zingakhululeki—zize zicasuke nokucasuka.—IzAga 27:14.

Cabangela Izilaleli Zakho. Ukhuluma nobani? nomuntu oyedwa? nomkhaya? neqembu elincane elisemhlanganweni wenkonzo yasensimini? nebandla lonke? noma emhlanganweni omkhulu? Kusobala ukuthi izwi elifanele esimweni esithile lingase lingafaneleki kwesinye.

Ezenzakalweni ezihlukahlukene, izinceku zikaNkulunkulu ziye zakhuluma nezindimbane zezilaleli. Lapho kunikezelwa ithempeli eJerusalema ezinsukwini zikaSolomoni, zazingekho izikhulisa-zwi. Ngakho uSolomoni wama endaweni ephakeme wabusisa abantu “ngezwi elikhulu.” (1 AmaKh. 8:55; 2 IziKr. 6:13) Emakhulwini eminyaka kamuva, ngemva kokuthululwa komoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E., inqwaba yabantu—abanye bethakazela, abanye behleka usulu—yangunga iqembu elincane lamaKristu eJerusalema. Ebonisa ukuhlakanipha, uPetru “wasukuma . . . waphakamisa izwi lakhe.” (IzE. 2:14) Kwanikezwa ubufakazi obunamandla.

Ungazi kanjani ukuthi izwi okhuluma ngalo liyafanelana nesimo? Izilaleli zakho yizona eziyobonisa kahle. Uma uphawula ukuthi ezinye izilaleli zinobunzima bokuzwa, kumelwe uzame ukulungisa izwi lakho.

Kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma nomuntu oyedwa noma neqembu, kuwukuhlakanipha ukucabangela ukuthi zingobani izilaleli zethu. Uma kukhona ongezwa kahle, kungase kudingeke uphakamise izwi lakho. Kodwa ukumemeza ngeke kukwenze uthandeke kubantu abangasheshi ukusabela kokushoyo ngenxa yokuguga. Ukumemeza kungase ngisho kubhekwe njengokwedelela. Kwamanye amasiko, izwi eliphakeme libhekwa njengobufakazi bokuthi umuntu uthukuthele noma akanasineke.

Cabangela Imisindo Ephazamisayo. Lapho usenkonzweni yasensimini, izimo obhekana nazo nakanjani ziyonquma ukuthi uzokhuluma ngezwi elingakanani lapho ufakaza. Kungase kudingeke ushumayele kunomsindo wezimoto, izingane ezinomsindo, izinja ezikhonkothayo, umculo odlalela phezulu noma ithelevishini enomsindo. Ngakolunye uhlangothi, ezindaweni lapho izindlu zisondelene kakhulu khona, kungase kumcasule umninikhaya uma ukhulumela phezulu kuze kuzwe nomakhelwane.

Abazalwane abanikeza izinkulumo ebandleni noma emihlanganweni emikhulu nabo kudingeka babhekane nezimo ezihlukahlukene. Ukukhuluma nezilaleli endaweni evulekile kuhlukile kunokunikeza inkulumo ehholo elikwazi kahle ukubamba umsindo. ELatin America, izithunywa zevangeli ezimbili zanikeza inkulumo yeningi kuvulandi womuzi womuntu othakazelayo kuyilapho kuqhunyiswa iziqhumane zokudlala emakethe eseduze, neqhude lingazibekile phansi likikilikiga!

Phakathi nenkulumo, kungase kwenzeke okuthile okungase kudinge ukuba ume kancane kuze kudambe umsindo noma uphakamise izwi. Ngokwesibonelo, uma umhlangano uqhutshelwa esakhiweni esifulelwe ngothayela, imvula ingase yenze izilaleli zingasizwa nakancane isikhulumi. Umntwana okhalayo noma umsindo obangelwa abafika sekwephuzile nakanjani uyodala inkinga. Funda ukubhekana neziphazamiso ukuze izilaleli zakho zizuze ngokugcwele endabeni oyinikezayo.

Izikhulisa-zwi zingase zibe usizo uma zikhona, kodwa azisiqedi isidingo sokuba isikhulumi siphakamise izwi uma izimo zidinga lokho. Kwezinye izindawo lapho ugesi uvame ukucima khona, izikhulumi ziye zibopheke ukuba ziqhubeke nenkulumo ngaphandle kosizo lombhobho.

Cabangela Indaba Edingidwayo. Indaba okhuluma ngayo ngokwayo inesandla ekutheni uzokhuluma ngezwi elingakanani. Uma indaba ifuna umfutho, ungalulazi inkulumo ngokukhulumela phansi. Ngokwesibonelo, uma ufunda ngezahlulelo ezisemiBhalweni, izwi lakho kumelwe liqine kunalokho elingaba yiko uma ufunda iseluleko sokubonisa uthando. Fanelanisa izwi lakho nendaba, kodwa qaphela ukuba ukwenze ngendlela engeke yenze kunakwe wena.

Cabangela Umgomo Wakho. Uma ufuna ukushukumisela izilaleli zakho ekusebenzeni ngentshiseko, kungase kudingeke ukhulume ngezwi elithé ukuqina. Uma ufuna ukushintsha indlela ezicabanga ngayo, ungazidediseli kude ngokukhuluma ngezwi eliphakeme kakhulu. Uma uzama ukududuza, izwi elimnene ngokuvamile lingcono kakhulu.

Ukulisebenzisa Ngempumelelo Izwi Eliphakeme. Uma uzama ukunakwa ngothile omatasa, izwi elithé ukuphakama ngokuvamile liyasiza. Abazali bayakwazi lokhu, ngakho baphakamisa amazwi ukuze babize izingane zabo lapho sekuyisikhathi sokuba zibuye ekudlaleni. Izwi eliphakeme lingase lidingeke uma usihlalo ecela izilaleli ukuba zithule ngoba sekuzoqala isimiso. Lapho abamemezeli besenkonzweni yasensimini, bangase bababingelele ngezwi eliphakeme abantu abasebenza ngaphandle njengoba besondela kubo.

Ngisho nalapho umuntu esekulalele, kubalulekile ukuqhubeka ukhuluma ngezwi elifanele. Izwi eliphansi kakhulu lingase linikeze umuzwa wokuthi isikhulumi asilungiselele kahle noma asiqiniseki.

Lapho uphakamisa izwi ngesikhathi ukhipha umyalo othile, abantu bangase bashukumiseleke esenzweni. (IzE. 14:9, 10) Ngokufanayo, ukumemeza lapho ukhuza kungase kunqande ingozi. EFilipi, umgcini wejele wayesezozibulala ngoba ecabanga ukuthi iziboshwa ziphunyukile. “UPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, ethi: ‘Ungazilimazi, ngoba sikhona sonke!’” Ngaleyo ndlela, wavinjwa ukuba angazibulali. UPawulu noSila babe sebefakaza kulo mgcini wejele nendlu yakhe, balamukela bonke iqiniso.—IzE. 16:27-33.

Indlela Yokuthuthukisa Izwi Lakho. Kudingeka umzamo ongaphezu kovamile kwabanye ukuze bakhulume ngezwi elifanele. Umuntu angase akhulume ngezwi eliphansi ngenxa yokuthi unezwi elincane. Nokho, uma ezama, angathuthuka, yize engaqhubeka enezwi elincane. Nakisisa ukuphefumula nokuma komzimba. Prakthiza ukuhlala nokuma uqonde. Hlehlisa amahlombe bese udonsa kakhulu umoya. Qiniseka ukuthi umoya uyagcwala engxenyeni engezansi yamaphaphu. Lo moya, uma ulawulwa kahle, wenza ukwazi ukulawula izwi lakho lapho ukhuluma.

Inkinga yabanye ukuthi bakhulumela phezulu kakhulu. Mhlawumbe bajwayela lowo mkhuba ngenxa yokusebenza ngaphandle noma endaweni enomsindo. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka bákhulela lapho wonke umuntu ememeza khona noma lapho ukungenana emlonyeni kuvamile. Ngenxa yalokho, baba nomuzwa wokuthi okuwukuphela kwendlela abangahlanganyela ngayo engxoxweni ukukhuluma kakhulu kunabanye. Njengoba beqhubeka belandela iseluleko seBhayibheli sokugqoka ‘ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade,’ bayolilungisa izwi abakhuluma ngalo lapho bekhuluma nabanye.—Kol. 3:12.

Ukulungiselela kahle, ulwazi oluthola ngokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini kanye nokukhuleka kuJehova kuyokusiza ukuba ukhulume ngezwi eliphakeme ngokulingene. Kungakhathaliseki ukuthi ukhuluma endaweni yesikhulumi noma ukhuluma nothile enkonzweni yasensimini, zama ukugxila ekutheni umuntu angasizakala kanjani ngokuzwa lokho okushoyo.—IzAga 18:21.

LAPHO KUNGASE KUDINGEKE KHONA IZWI ELIPHAKEME

  • Ukuze uzwakale eqenjini elikhulu.

  • Ukuze unqobe iziphazamiso.

  • Ukuze abantu bakunake lapho usho into ebaluleke kakhulu.

  • Ukuze ushukumisele esenzweni.

  • Ukuze umuntu noma iqembu likunake.

INDLELA YOKUTHUTHUKA

  • Phawula ukusabela kwalabo okhuluma nabo; khuluma ngesilinganiso esifanele sezwi ukuze bezwe kahle.

  • Funda ukugcwalisa umoya engxenyeni engezansi yamaphaphu njengoba udonsa umoya.

ISIVIVINYO: Qala ngokufunda izEnzo 19:23-41 ngenhliziyo, uqonde isimo njengoba sivezwa indaba elandiswayo nomongo. Bheka ukuthi ubani okhulumayo nesimo sengqondo esivezwayo. Yibe usufunda ngokuzwakalayo ngezwi elifanela ingxenye ngayinye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela