Isifundo 35
Indaba Ifaneliswe Inkonzo Yasensimini
1-3. Kungani kunosizo ukufunda ukufanelisa indaba yethu nenkonzo yasensimini na?
1 Ingxenye enkulu yomsebenzi wethu njengezikhonzi ezingamaKristu namuhla ihilela ukushumayela nokufundisa iZwi likaNkulunkulu kubantu abazi kancane kakhulu ngeBhayibheli. Abanye abakaze nanini babenelabo; abanye banesiboniselo nje eshalufini. Lokhu kusho ukuthi, uma beyozuza ngokugcwele kulokho esibatshela khona, sidinga ukukufanelisa izimeko zabo. Kungekhona ukuthi siguqula isigijimi, kepha senza umzamo okhethekile ukusisho ngolimi abayokuluqonda. Ngempela, ukubizelwa ukufanelisa indaba yethu ngalendlela kuyisivivinyo sokuthi siyiqonda kangakanani ngempela thina uqobo.
2 Ukufanelisa kusho ukuguqulela ukuhlangabezana nezimo ezintsha, ukuvumelanisa. Kusho ukuhlanganisa okuthile kuya ekwanelisweni kwakhe umuntu noma komunye. Ukucabangela indaba yokufanelisa indaba nenkonzo yasensimini kufanele kugcizelele indingeko yokwenza ukunikela enkonzweni yasensimini noma iyiphi enye inkulumo ibe-lula futhi iqondakale ezilalelini ezithile nakakhulu kubantu abathakazela kabusha okuhlanganwa nabo enkonzweni yasensimini. Ngokusebenzela lemfanelo esikolweni, ngakho-ke, ufanele njalo ubheke izilaleli zakho njengoba ubuyobheka labobantu ohlangana nabo ekufakazeni endlini ngendlu.
3 Lokhu akusho ukuthi inkulumo yakho imelwe ithathe isimo sokunikela kwendlu ngendlu lapho usasebenzela lemfanelo. Zonke izinkulumo ziyofana ngesimo sokunikela njengoba kubekwe amabala engwe ezelulekweni zamanje zesikole. Lokho okukushoyo wukuthi, kungakhathaleki uhlobo lokunikela olwenzayo, izimpikiswano ozithuthukisayo nolimi olusebenzisayo kuyokuba-wuhlobo obungathanda ukulusebenzisa kubantu okuhlanganwa nabo ensimini. Njengoba okuningi ukukhuluma kwethu kwenziwa enkonzweni yasensimini, lokhu kufanele kukusize ukuqaphela indingeko yokukhuluma kalula, ngesilinganiso abantu abaningi okuhlanganwa nabo enkonzweni yasensimini ababengasiqonda. Sewuke wayilungiselela lemfanelo Esifundweni sama-21. Manje imelwe iphathwe ngokwahlukile ngenxa yendingeko yayo nokubaluleka okuqhamile.
4, 5. Chaza kungani izinkulumo zethu zimelwe zenziwe ziqondakale emphakathini.
4 Izinkulumo zenziwe zaqondakala emphakathini. Indingeko yalemfanelo iboniswa yizinkulumo ezisetshenziswa ngabanye abafowethu enkonzweni yendlu ngendlu nasezifundweni ezintsha. Ukuqonda kwethu iMibhalo kusinikeze amazwi enkulumo angaziwa ngokuvamile. Sisebenzisa amazwi anjenge“nsali,” “ezinye izimvu,” njalonjalo. Uma siwasebenzisa ekukhulumeni kwethu, izinkulumo ezinjalo ngokuvamile azisho-lutho neze kulabobantu esihlangana nabo enkonzweni yasensimini. Zimelwe zichazwe ngokusetshenziswa kwenkulumo esho okufanayo efanele noma incazelo ukuze ziqondakale. Ngisho amazwi aphatha i“Armagedoni” no“kumiswa koMbuso” asho okuncane ngaphandle kokuchazelwa ngokubaluleka kwawo.
5 Ekucabangeleni lombono, umeluleki wakho uyozibuza, Ingabe umuntu ongalazi iqiniso leBhayibheli abeyokuliqonda lelophuzu noma inkulumo na? Akanakukudumaza ngokungadingekile ekusebenziseni anjalo amazwi angokwasezulwini. Ayingxenye yamazwi ethu enkulumo futhi sithanda abantu abathakazela kabusha bawazi. Kepha uma ungake uwasebenzise noma imaphi alamazwi, uyobheka noma ayachazwa.
6-8. Ekulungiseleleni izinkulumo zethu, kungani simelwe siqaphele ukukhetha amaphuzu afanele na?
6 Amaphuzu afanele akhethiwe. Ukukhetha kwakho imiqondo yokunikezwa enkonzweni yasensimini kuyoguquka njengoba amazwi owasebenzisayo eguquka, kwencike ekuhlelweni. Lokho kungokuba ngokuvamile kukhona ezinye izinto ebesingekhethe ukuzixoxa nomuntu othakazela kabusha. Ezimekweni ezinjalo ukukhethwa kwendaba kukuwe ngokuphelele. Kepha lapho unikezwa isabelo esikolweni, indaba omelwe uyihlanganise uyikhethelwa ngaphambili. Ukukhetha onakho kuphela kukulokho okuvela kokuqukethwe yisabelo. Ufanele wenzeni na?
7 Okokuqala, njengoba ulinganiselwe emaphuzwini ongawasebenzisa, umelwe unqume ukuhlelwa kwenkulumo yakho okuyovumela ukukhethwa kwamaphuzu afanele amaningi kakhulu. Umeluleki wakho uyowathakazelela amaphuzu owakhethayo nendlela afanela ngayo izimeko zenkulumo yakho. Lokho kungokuba ubonisa, kulemfanelo ecatshangelwayo, ukuthi izimo ezahlukene zenkonzo yasensimini zibizela izinhlobo ezahlukene zendaba. Ngokwesibonelo, ubungenakusebenzisa indaba efanayo ekumemeleni umuntu othakazela kabusha emhlanganweni njengasekunikeleni kwendlu ngendlu. Njalo, noma isabelo sakho sibizela ingxoxo nomninindlu noma siyokuba-yinkulumo evamile yasendaweni yesikhulumi, bonisa izilaleli ezithile okhuluma nazo ngezinto ozishoyo nangamaphuzu owakhetha endabeni eyabelwe.
8 Ukuze anqume noma amaphuzu afanele noma qha, umeluleki wakho uyocabangela injongo yenkulumo yakho. Ekuhambeleni kwendlu ngendlu injongo yakho ngokuvamile wukufundisa nokuqhubezela umninindlu ukufunda ngaphezulu. Empindelweni injongo yakho wukuthuthukisa isithakazelo futhi, uma kunokwenzeka, uqale isifundo seBhayibheli sasekhaya. Uma kuwukunikela okulandela isifundo, ngakho-ke kuwukwenza umninindlu abe-khona emhlanganweni noma angene enkonzweni yasensimini, njalonjalo.
9, 10. Singanquma kanjani noma amaphuzu esiwakhethile afanele na?
9 Phela, ngisho esimweni esifanayo senkonzo, ukukhetha kwakho amaphuzu bekungahle kuguquke ngenxa yezilaleli zakho. Njalo nalokhu kufanele kucatshangelwe. Lawomaphuzu endabeni yakho eyabelwe angayifanele injongo yakho awafanele afakwe enkulumweni yakho.
10 Ngenxa yalezizisusa ukuhlelwa kumelwe kukhethwe ngaphambi kokuba inkulumo ilungiselelwe. Zibuze: Yini engifuna ukuyifeza na? Yimaphi amaphuzu adingekayo ukuze kufezwe lenjongo, futhi lamaphuzu amelwe aguqulwe kanjani ukuze afanele izimeko zenkulumo na? Uma sewenze isinqumo ngalezindaba, amaphuzu afanele angakhethwa ngaphandle kobunzima futhi anikezwe ngendlela yokufanelisa indaba nenkonzo yasensimini.
11-13. Kungani kubalulekile ukusho usizo lwangempela lwendaba esiyinikezile na?
11 Usizo lwangempela lwendaba luqokonyisiwe. Ukuqokomisa usizo lwangempela lwendaba kusho ukubonisa umninindlu ngokukhanyayo nangokungashayi phansi ukuthi iqondene naye, ukuthi ngokuthile akudingayo noma angakusebenzisa. Kusukela khona ekuqaleni kwenkulumo umninindlu umelwe abone ukuthi “lokhu kuhilela mina.” Lokhu kudingekile ukuze ulalelwe yizilaleli. Kepha, ukugcina lokhokulalelwa kudingekile ukuqhubeka nokufanayo ukusetshenziswa kwendaba kumuntu uqobo ngokufanelana kuyo yonke inkulumo.
12 Lokhu kuhilela ngaphezu kokubheka nje izilaleli nokusiza izilaleli zakho ukuzindla. Manje umelwe uthuthuke futhi ufanelise ngempela umninindlu wakho ekusetshenzisweni kwendaba. Injongo yethu enkonzweni yasensimini wukufundisa abantu iZwi likaNkulunkulu nokubasiza ukufunda indlela eya ekusindisweni. Njalo, ngamasu okungacunuli-muntu nangokucabangela, umelwe ubonise umninindlu wakho izinzuzo ezisebenzayo zokulalela nokwenza lokho onokukusho.
13 Nakuba lombono walemfanelo ushiwo ekugcineni, akukhona ngokuba ubaluleke kancane. Uyiphuzu elibalulekile futhi awufanele unganakwa nanini. Wusebenzele, ngokuba ubalulekile enkonzweni yasensimini. Kuyokwenzeka ngokuyivelakancane ukugcina ulalelwe ngumninindlu noma isikhathi esingakanani ngaphandle kokuba akubone ngokukhanyayo lokho okushoyo ukuba kunosizo oluthile ekuphileni kwakhe.