ISIFUNDO 43
Ukusetshenziswa Kwendaba Eyabiwe
IBHAYIBHELI liqhathanisa ibandla lobuKristu nomzimba womuntu. Ilungu ngalinye liyadingeka, kodwa ‘wonke lamalungu awanawo umsebenzi ofanayo.’ Ngokuvumelana nalokho, kufanele siwasebenzise amalungelo esiwaphathisiwe. Lokhu kudinga ukuba sisiqonde noma yisiphi isabelo senkulumo futhi sisenze kahle kunokuba sisibukele phansi ngoba sicabanga ukuthi ezinye ziyothakazelisa kangcono. (Roma 12:4-8) Inceku ethembekileyo neqondayo inomthwalo wemfanelo wokukhipha ukudla okungokomoya “ngesikhathi esifanele.” (Math. 24:45) Lapho sisebenzisa amakhono ethu ekulungiseleleni izinkulumo ngokweziqondiso esizitholile, sibonisa ukwazisa ngalelo lungiselelo. Lokhu kunomthelela ekusebenzeni kwebandla ngokushelela.
Okumelwe Ukufake. Uma wabelwe indaba ethile esikoleni, qikelela ukuthi ukhuluma ngayo, hhayi ngokunye. Ezimweni eziningi, uyonikezwa izikhombo ezithile. Uma ungatshelwanga ukuthi iyiphi incwadi oyosekela kuyo inkulumo yakho, indaba ungayikhipha emithonjeni oyithandayo. Nokho, njengoba ulungiselela inkulumo yakho, qiniseka ukuthi konke okushoyo kusekelwe endabeni oyabelwe. Lapho unquma ukuthi yini ozoyifaka, kuyodingeka ucabange nangezilaleli zakho.
Zitadishe kahle izikhombo, uhlaziye imibhalo elapho. Yibe usucabanga ngezindlela zokuyisebenzisa ngokuphumelelayo ukuze kuzuze izilaleli. Khetha amaphuzu amabili noma amathathu endabeni ozowasebenzisa njengamaphuzu enkulumo yakho ayisihluthulelo. Ngokufanayo, endabeni oyabelwe, khetha imibhalo ohlela ukuyifunda nokuxoxa ngayo.
Kumelwe uhlanganise indaba engakanani? Leyo ongakwazi ukuyisingatha ngokuphumelelayo. Ungafaki amaphuzu amaningi bese kuphazamiseka indlela enhle yokufundisa. Uma kukhona amaphuzu angahambisani nomgomo wenkulumo yakho, sebenzisa lawo ayokusiza ukuba ufinyelele lowo mgomo. Endabeni oyabelwe, sebenzisa lokho okuyofundisa kakhulu futhi kuzuzise izilaleli zakho. Umgomo wakho ngaleli phuzu leseluleko akukona ukuthola ukuthi kungakanani ongakusho, kodwa ukusebenzisa lokho okwabelwe njengesisekelo senkulumo yakho.
Injongo yenkulumo yakho akukona ukuba ubukeze indaba oyabelwe. Kufanele uhlele ukuthi kunamaphuzu ozowachaza, uwathuthukise, uwenzele imifanekiso, futhi uma kungenzeka, unikeze isibonelo sokuthi asebenza kanjani. Amaphuzu aseceleni kufanele asetshenziselwe ukuthuthukisa amaphuzu abalulekile asendabeni oyabelwe kunokuba athathe isikhundla saleyo ndaba.
Ngokuhamba kwesikhathi abazalwane abanezimfanelo ezidingekayo njengabafundisi bangase bacelwe ukuba bafundise eMhlanganweni Wenkonzo. Bayaqonda ukuthi kudingeka bayisebenzise kahle indaba abayabelwe kunokusebenzisa enye esikhundleni sayo. Ngokufanayo, abazalwane abanikeza izinkulumo zeningi banikezwa uhlaka okumelwe balulandele. Lolu hlaka lubenza bakwazi ukushintshashintsha, kodwa luwabonisa ngokucacile amaphuzu ayinhloko adinga ukukhanyiswa, amaphuzu asekelayo abangawasebenzisa, kanye nemibhalo esekelwe kuyo inkulumo. Ukufunda indlela yokufundisa usebenzisa indaba oyabelwe njengesisekelo kuyingxenye ebalulekile ekukuqeqesheleni ezinye izabelo zezinkulumo.
Loku kuqeqeshwa kungakusiza futhi ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezithuthukayo. Uyofunda ukugxila endabeni enifunda ngayo, kunokuba uchezuke endabeni ngokugcizelela ezinye izinto ezingase zithakazelise kodwa ezingadingeki ekwenzeni indaba iqondakale. Noma kunjalo, uma uwuthola umqondo walesi sifundo, ngeke unamathele kakhulu endabeni eniyifundayo uze ungabe usayinikeza incazelo eyengeziwe umfundi angase ayidinge.