Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 5
  • Ukuqala Kwempilo Enzima

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqala Kwempilo Enzima
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulahlekelwa Ikhaya Labo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
  • U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 5
U-Eva nezingane zakhe ngaphandle kwase-Edene

INdaba 5

Ukuqala Kwempilo Enzima

NGAPHANDLE kwensimu yase-Edene, o-Adamu no-Eva babenezinkinga eziningi. Kwakufanele bakusebenzele kanzima ukudla. Esikhundleni semithi yezithelo, babona kukhula ameva namakhakhasi phakathi kwabo. Lokhu kwenzeka lapho u-Adamu no-Eva bedelela uNkulunkulu beyeka ukuba ngabangane baKhe.

Kodwa okubi kunalokho, u-Adamu no-Eva bafa. UNkulunkulu wayebaxwayisile ngokuthi bayokufa uma bedla isithelo somuthi othile. Kusukela ngalo kanye usuku abadla ngalo baqala ukufa. Yeka indlela ababeyiziphukuphuku ngayo ngokungalaleli uJehova!

Abantwana baka-Adamu no-Eva bonke bazalwa ngemva kokuba abazali babo sebengaphandle kwensimu yase-Edene. Lokhu kusho ukuthi nabantwana babeyoguga futhi bafe.

Ukuba nje u-Adamu no-Eva babemlalele uJehova, ukuphila kwakuyojabulisa kubona nabantwana babo. Bonke babeyophila ngenjabulo kuze kube phakade emhlabeni. Akekho owayeyoguga, agule afe.

UNkulunkulu ufuna ukuba abantu baphile phakade ngenjabulo, futhi uthembisa ukuthi ngelinye ilanga kuyokwenzeka. Ngeke nje kuphela kube umhlaba omuhle, kodwa bonke abantu bayoba ngabaphilile. Wonke umuntu emhlabeni uyoba umngane kunoma ubani nakuNkulunkulu.

Kodwa u-Eva wayengaseyena umngane kaNkulunkulu. Ngakho-ke lapho ezala abantwana, kwakungelula kuyena. Wezwa ubuhlungu. Ukungamlaleli uJehova ngokuqinisekile kwamlethela ubuhlungu obukhulu, akunjalo?

U-Adamu no-Eva baba namadodana namadodakazi amaningi. Lapho kuzalwa indodana yabo yokuqala, bayibiza ngokuthi uKhayini. Eyesibili bayibiza ngokuthi u-Abela. Kwenzekani kuwona? Uyazi?

Genesise 3:16-23; 4:1, 2; IsAmbulo 21:3, 4.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela