Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 3 k. 14-k. 15 isig. 3
  • U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulahlekelwa Ikhaya Labo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Abanye Bakhulu Kunathi
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
  • Ukuqala Kwempilo Enzima
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 3 k. 14-k. 15 isig. 3
U-Adamu no-Eva baxoshwa e-Edene

ISIFUNDO 3

U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu

U-Adamu uphethe isithelo esinqatshelwe asinikezwe u-Eva

Ngolunye usuku u-Eva eyedwa, inyoka yakhuluma naye. Yathi: ‘Kuyiqiniso yini ukuthi uNkulunkulu uyaninqabela ukuba nidle izithelo zazo zonke izihlahla?’ U-Eva wathi: ‘Singadla kuzo zonke izihlahla, sisodwa nje kuphela isihlahla okungamelwe sidle kuso. Uma sidla isithelo saso sizofa.’ Inyoka yathi: ‘Ngeke nife. Empeleni, uma nisidla lesi sithelo, nizofana noNkulunkulu.’ Kwakuyiqiniso yini lokho? Cha, kwakungamanga. Kodwa u-Eva wawakholelwa. Njengoba elokhu esibuka, waqala ukusihalela. Ekugcineni, wasidla leso sithelo futhi wanika no-Adamu. U-Adamu wayazi ukuthi babezofa uma bengamlaleli uNkulunkulu. Noma kunjalo wasidla.

U-Adamu no-Eva baxoshwa e-Edene, izingelosi kanye nenkemba evutha umlilo zigade indlela engena esangweni

Ntambama ngalolo suku, uJehova wakhuluma no-Adamu no-Eva. Wababuza ukuthi kungani bengamlalelanga. U-Eva wathi yinyoka emkhohlisile, u-Adamu yena wathi ukhohliswe u-Eva. Ngenxa yokuthi u-Adamu no-Eva abalalelanga, uJehova wabaxosha kuleyo nsimu. Ukuze kungenzeki nangephutha ukuba babuyele ensimini, uJehova wabeka izingelosi nenkemba evutha umlilo endleleni eya khona.

UJehova wathi, lo okhohlise u-Eva naye wayezojeziswa. Kodwa kwakungeyona inyoka ngempela eyakhuluma no-Eva. UJehova akazange adale izinyoka ezikwazi ukukhuluma. Yingelosi embi eyenza inyoka yakwazi ukukhuluma ukuze ikhohlise u-Eva. Igama laleyo ngelosi uSathane uDeveli. Esikhathini esizayo, uJehova uzobhubhisa uSathane ukuze angaphinde akhohlise abantu ukuba benze izinto ezimbi.

“UDeveli . . . wayengumbulali kusukela ekuqaleni, akazange abambelele eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye.”—Johane 8:44

Imibuzo: Yini eyabangela ukuba u-Eva adle isithelo? Kwenzekani ku-Adamu no-Eva ngemva kokungamlaleli uJehova? Ubani uSathane uDeveli?

Genesise 3:1-24; Johane 8:44; 1 Johane 3:8; IsAmbulo 12:9

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela