Ingxenye 2
UZamcolo Kuya Ekukhululweni EGibhithe
Bayisishiyagalombili kuphela abasinda kuZamcolo, kodwa ngemva kwesikhathi banda baba izinkulungwane eziningi. Eminyakeni engama-352 ngemva kukaZamcolo, kwazalwa u-Abrahama. Siyafunda ngendlela uNkulunkulu agcina ngayo isithembiso sakhe ngokunikeza u-Abrahama indodana eyayingu-Isaka. Khona-ke, emadodaneni ka-Isaka amabili, uJakobe wakhethwa uNkulunkulu.
UJakobe wayenomkhaya omkhulu wamadodana ayi-12 namadodakazi. Amadodana kaJakobe ayi-10 amzonda umfowabo omncane uJosefa amthengisa ebugqilini eGibhithe. Kamuva, uJosefa waba umbusi obalulekile eGibhithe. Lapho kufika indlala enzima, uJosefa wavivinya abafowabo ukuze abone ukuthi babeziguqulile yini izinhliziyo. Ekugcineni, wonke umkhaya kaJakobe, ama-Israyeli, athuthela eGibhithe. Lokhu kwenzeka eminyakeni engama-290 ngemva kokuzalwa kuka-Abrahama.
Eminyakeni engama-215 eyalandela ama-Israyeli ayehlala eGibhithe. Ngemva kokufa kukaJosefa, aba yizigqila. Ngemva kwesikhathi, kwazalwa uMose, futhi uNkulunkulu wamsebenzisa ukuba akhulule ama-Israyeli eGibhithe. Sekukonke, kuhlanganiswa iminyaka engama-875 yomlando kule Ngxenye YESIBILI.