Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 17
  • Amawele Ayengafani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amawele Ayengafani
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJakobe Wathola Ifa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Qapha Ifa Lakho Ngokukhetha Ngokuhlakanipha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 17
UJakobe osemusha unakekela izimvu

INdaba 17

Amawele Ayengafani

LABA bafana ababili lapha abafani neze, akunjalo? Uyawazi amagama abo? Umzingeli u-Esawu, umfana onakekela izimvu kwakuwuJakobe.

U-Esawu noJakobe babengamadodana angamawele ka-Isaka noRebheka. Uyise u-Isaka, wayethanda u-Esawu kakhulu, ngoba wayengumzingeli futhi eletha ukudla kokudliwa ekhaya. Kodwa uRebheka wayethanda kakhulu uJakobe ngoba wayengumfana othulile, ozothile.

U-Esawu uyakala ukuze adubule umcibisholo wakhe

Uyisemkhulu u-Abrahama wayesaphila, futhi singazicabangela nje ukuthi uJakobe wayethanda kanjani ukumlalela ekhuluma ngoJehova. Ekugcineni u-Abrahama wafa eneminyaka eyi-175 ubudala, lapho amawele eneminyaka eyi-15 ubudala.

Lapho u-Esawu eneminyaka engu-40 washada nabesifazane ababili bezwe laseKhanani. Lokhu kwabadumaza kakhulu u-Isaka noRebheka, ngoba laba besifazane babengamkhonzi uJehova.

Khona-ke ngolunye usuku kwenzeka okuthile okwenza u-Esawu amthukuthelele kakhulu umfowabo uJakobe. Kwafika isikhathi sokuba u-Isaka abusise indodana yakhe endala. Njengoba u-Esawu wayemdala kunoJakobe, walindela ukuthola lesi sibusiso. Kodwa u-Esawu ngaphambili wayelithengisele uJakobe ilungelo lokuthola isibusiso. Futhi, lapho laba bafana bezalwa uJehova wayethe uJakobe wayeyothola isibusiso. Kwenzeka kanjalo. U-Isaka wabusisa uJakobe.

Kamuva, uma u-Esawu ezwa ngalokhu wamthukuthelela uJakobe. Wayethukuthele kangangokuthi wathi wayezombulala. Uma uRebheka ezwa ngalokhu, wakhathazeka kakhulu. Ngakho-ke watshela indoda yakhe u-Isaka: ‘Kuyoba kubi kakhulu uma noJakobe eshada nomunye wabesifazane baseKhanani.’

Ngalokho u-Isaka wabiza indodana yakhe uJakobe wathi kuye: ‘Ungashadi nowesifazane waseKhanani. Hamba uye endlini kayihlomkhulu uBhetuweli eHarana. Shada nenye yamadodakazi endodana yakhe uLabani.’

UJakobe walalela uyise, khona manjalo waqalisa uhambo olude lokuya lapho kwakuhlala khona izihlobo zakhe eHarana.

Genesise 25:5-11, 20-34; 26:34, 35; 27:1-46; 28:1-5; Hebheru 12:16, 17.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela