Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 10/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amawele Ayengafani
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJakobe Wathola Ifa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • URebheka—Owesifazane Owesaba UNkulunkulu Osukumela Izinto
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 10/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

UJakobe wayengenzi yini into embi lapho ezenza u-Esawu, njengoba sifunda kuGenesise 27:18, 19?

Kungenzeka ukuthi uyayazi le ndaba. Lapho u-Isaka esegugile watshela u-Esawu ukuba amzingelele inyamazane. Wathi: ‘Mangiyidle, ukuze umphefumulo wami ukubusise ngingakafi.’ Ngemva kokuzwa lokho okwakushiwo umyeni wakhe, uRebheka wapheka isidlo esihlwabusayo wabe esethi kuJakobe: “Kumelwe usiyise kuyihlo asidle, ukuze akubusise engakafi.” UJakobe owayesegqoke izingubo zika-Esawu futhi efake izikhumba zamazinyane entanyeni nasezandleni, waya kuyise esephethe isidlo esihlwabusayo. Lapho u-Isaka embuza, “Ungubani, ndodana yami?” UJakobe waphendula: “Ngingu-Esawu izibulo lakho.” U-Isaka wamkholwa futhi wambusisa.—Genesise 27:1-29.

IBhayibheli alisiniki yonke imininingwane yokuthi kungani uRebheka noJakobe benza lokho, kodwa liyabonisa ukuthi kwaba yinto eyisigubhukane. Kufanele siphawule ukuthi iZwi likaNkulunkulu alikuvuni futhi alikulahli okwenziwa uRebheka noJakobe, futhi alibeki sisekelo sokuqamba amanga noma sokukhohlisa. Nokho, iBhayibheli liyasikhanyisela ngale ndaba.

Okokuqala, ukulandisa kubonisa ngokucacile ukuthi nguJakobe owayenelungelo lokuthola isibusiso sikayise; hhayi u-Esawu. Ngaphambidlana, uJakobe wayethenge ilungelo lobuzibulo eweleni lakhe elalingenakwazisa elabuthengisa ngokudla ukuze lithibe iphango. U-Esawu ‘wabudelela ubuzibulo bakhe.’ (Genesise 25:29-34) Ngakho, lapho uJakobe eya kuyise, wayefuna isibusiso esasingesakhe ngempela.

Okwesibili, lapho u-Isaka eqaphela ukuthi wayebusise uJakobe, akafunanga ukukushintsha ayekwenzile. Mhlawumbe wakhumbula lokho uJehova ayekutshele uRebheka ngaphambi kokuzalwa kwala mawele: “Omdala uyokhonza omncane.” (Genesise 25:23) Kufanele siphawule nokuthi lapho uJakobe esezohamba aye eHarana, u-Isaka wanezela esibusisweni ayemnike sona ngaphambili.—Genesise 28:1-4.

Okokugcina, kufanele sikhumbule ukuthi uJehova wayekubona konke okwakwenzeka futhi enesithakazelo kukho. Isibusiso sika-Isaka sasihlobene nalokho uNkulunkulu akuthembisa u-Abrahama. (Genesise 12:2, 3) Ukube uNkulunkulu wayengafuni kubusiswe uJakobe, ngabe wangenela ngandlela-thile. Kunalokho, uJehova waqinisa le ndaba kuJakobe lapho ethi: “Ngenzalo yakho yonke imindeni yomhlaba iyozibusisa ngokuqinisekile.”—Genesise 28:10-15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela