Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 37
  • Itende Lokukhulekela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Itende Lokukhulekela
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Eksodusi Okuphakathi
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • UJehova Usimema Ukuba Sibe Izimenywa Zakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 37
Itabernakele noma itende lokuhlangana elalisetshenziswa ama-Israyeli

INdaba 37

Itende Lokukhulekela

UYASAZI ukuthi siyini lesi sakhiwo? Ite-nde elikhethekile lokukhulekela uJehova. Libizwa ngokuthi futhi itabernakele. Abantu baqeda ukulakha ngemva konyaka bephumile eGibhithe. Uyazi ukuthi ubani owavela nomqondo wokulakha?

KwakunguJehova. Ngesikhathi uMose ephezulu eNtabeni iSinayi, uJehova wamtshela indlela yokulakha. Wathi alakhele ukuba likwazi ukuhlukaniseka kalula. Ngale ndlela izingxenye zazingase zithuthwe ziyiswe kwenye indawo, zihlanganiswe futhi lapho. Ngakho lapho ama-Israyeli eya ezindaweni ezihlukahlukene ehlane, ayehamba netende.

Uma ubheka ngaphakathi endlini encane ekugcineni kwetende, ungase ubone ibhokisi. Libizwa ngokuthi umphongolo wesivumelwano. Lalinezingelosi ezimbili noma amakherubi enziwe ngegolide, lilinye ngapha nangapha. UNkulunkulu waphinde wabhala imiYalo Eyishumi ematsheni amabili ayizicaba, ngoba uMose wayewaphulile awokuqala. La matshe agcinwa ngaphakathi komphongolo. Nojeke wemana wawungaphakathi kuwo. Uyakhumbula ukuthi imana yini?

Umfowabo kaMose u-Aroni nguye uJehova amkhetha ukuba abe umpristi omkhulu. Uhola abantu ekukhonzeni uJehova. Namadodana akhe angabapristi.

Manje bheka ikamelo elikhudlwana letende. Likhulu ngokuphindwe kabili kunelincane. Uyalibona ibhokisi, nentuthu eshunqa kulo? Leli i-altare lapho abapristi beshisa khona okuthile okunuka kamnandi, impepho. Kukhona nothi lwezibani eziyisikhombisa. Into yesithathu kuleli kamelo yitafula. Kulona kunezinkwa eziyi-12.

Isitsha samanzi ne-altare

Egcekeni letabernakele kukhona umcengezi omkhulu ogcwele amanzi. Abapristi bageza kuwo. Kukhona ne-altare elikhulu. Lapha kushiswa izilwane ezifile njengomnikelo kuJehova. Itende liphakathi nendawo ekamu, ama-Israyeli ahlala amatendeni awo alizungezile.

Eksodusi 25:8-40; 26:1-37; 27:1-8; 28:1; 30:1-10, 17-21; 34:1, 2; Hebheru 9:1-5.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela