Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 44
  • URahabi Ufihla Izinhloli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • URahabi Ufihla Izinhloli
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • URahabi Wayenokholo KuJehova
    Fundisa Izingane Zakho
  • URahabi Wayezinaka Izindaba Ayezizwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • URahabi Wafihla Izinhloli
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Kwathiwa “Ulungile Ngemisebenzi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 44
URahabi nomunye wezinhloli efasiteleni  lakhe elinentambo ebomvu

INdaba 44

URahabi Ufihla Izinhloli

LA MADODA asenkingeni. Kufanele abaleke, ngaphandle kwalokho azokufa. Ayizinhloli zakwa-Israyeli, owesifazane owasizayo uRahabi. URahabi uhlala lapha endlini esodongeni lomuzi waseJeriko. Ake sithole ukuthi kungani la madoda esenkingeni.

Ama-Israyeli aselungele ukuwela uMfula iJordani angene ezweni laseKhanani. Kepha ngaphambi kokuba awele, uJoshuwa uthuma lezi zinhloli ezimbili. Uthi kuzo: ‘Hambani nihlole izwe nomuzi waseJeriko.’

Omunye wezinhloli wehla ngodonga esebenzisa intambo ebomvu kaRahabi

Uma izinhloli zifika eJeriko, ziya endlini kaRahabi. Kodwa othile utshela inkosi yaseJeriko: ‘Ama-Israyeli amabili afike lapha ebusuku ezohlola izwe.’ Lapho izwa ngalokhu, inkosi ithumela amadoda kuRahabi, athi kuye: ‘Khipha amadoda alapha endlini yakho!’ Kodwa uRahabi uzifihlile izinhloli ophahleni. Ngakho uthi: ‘Akhona amadoda afike endlini yami, kodwa angazi ukuthi abevelaphi. Aye ahamba uma sekuqala ukuhwalala, ngaphambi kokuvalwa kwesango lomuzi. Uma niphuthuma, nizowafica!’ Ngakho amadoda aphuthume azisukele.

Uma esehambile, uRahabi uphuthuma aye ophahleni. ‘Ngiyazi ukuthi uJehova uzoninika leli zwe,’ etshela izinhloli. ‘Sezwa ukuthi walomisa kanjani uLwandle Olubomvu lapho nisuka eGibhithe, nokuthi nawabulala kanjani amakhosi oSihoni no-Ogi. Ngiye nganiphatha kahle, ngakho ngithembiseni, ukuthi nani niyoba nomusa kimi. Sindisani ubaba nomama, nabafowethu nodadewethu.’

Izinhloli zithembisa ukuthi ziyokwenza, kodwa uRahabi kufanele enze okuthile. ‘Thatha le ntambo ebomvu uyibophele ewindini lakho,’ kusho izinhloli, ‘qoqa bonke abayizihlobo zakho endlini yakho kanye nawe. Uma sibuya ukuzothatha iJeriko, siyoyibona le ntambo ewindini lakho singabulali muntu osendlini yakho.’ Uma izinhloli zibuyela kuJoshuwa, zimtshela konke okwenzekile.

Joshuwa 2:1-24; Hebheru 11:31.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela