Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 30 k. 76
  • URahabi Wafihla Izinhloli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • URahabi Wafihla Izinhloli
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • URahabi Wayenokholo KuJehova
    Fundisa Izingane Zakho
  • URahabi Wayezinaka Izindaba Ayezizwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • URahabi Ufihla Izinhloli
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Kwathiwa “Ulungile Ngemisebenzi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 30 k. 76
URahabi uvikela izinhloli ngokuthumela amasosha kwenye indawo, elahla umkhondo

ISIFUNDO 30

URahabi Wafihla Izinhloli

Ngesikhathi izinhloli zakwa-Israyeli ziya eJeriko, zafike zahlala endlini yowesifazane, onguRahabi. Inkosi yaseJeriko yakuzwa lokho yabe isithumela amasosha endlini kaRahabi. Wafihla lezi zinhloli ezimbili ophahleni wabe esedukisa umkhondo, amasosha aya kwenye indawo. URahabi wathi ezinhlolini: ‘Ngizonisiza ngoba ngiyazi ukuthi uJehova unani nokuthi nizolinqoba leli zwe. Ngicela ningithembise ukuthi nizowusindisa umndeni wakithi.’

Izinhloli zathi kuRahabi: ‘Siyakuthembisa, akekho ozobe ephakathi endlini yakho ozolimala. Bopha intambo ebomvu ewindini lakho futhi umndeni wakho uzosinda.’

Indlu kaRahabi, ilenga intambo ebomvu ewindini futhi imile ayidiliki njengoba zonke izindonga zaseJeriko ziwa

URahabi wehlisela izinhloli phansi ngentambo ewindini lakhe. Zabalekela ezintabeni zacasha izinsuku ezintathu, zase zibuyela kuJoshuwa. Ama-Israyeli abe esewela uMfula iJordani, alungela ukunqoba izwe. IJeriko idolobha lokuqala alinqoba. UJehova wawatshela ukuba azungeze idolobha kanye ngosuku, izinsuku eziyisithupha. Ngosuku lwesikhombisa, azungeza idolobha izikhathi ezingu-7. Abapristi base beshaya amacilongo namasosha amemeza ngawo wonke amazwi awo. Izindonga zaseJeriko zadilika! Kodwa indlu kaRahabi eyayisodongeni ayizange idilike. URahabi nomndeni wakhe basinda ngoba wayethembela kuJehova.

“Ngendlela efanayo, uRahabi . . . akushiwongo yini ukuthi ulungile ngenxa yemisebenzi, ngemva kokuba amukele izithunywa ngomusa futhi wazikhipha ngenye indlela?”—Jakobe 2:25

Imibuzo: Kungani uRahabi asiza izinhloli? Ama-Israyeli alihlasela kanjani iJeriko? Kwenzekani kuRahabi nasemndenini wakubo?

Joshuwa 2:1-24; 6:1-27; Hebheru 11:30, 31; Jakobe 2:24-26

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela