Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 48
  • AbaseGibheyoni Abahlakaniphile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AbaseGibheyoni Abahlakaniphile
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJoshuwa NabaseGibheyoni
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Esikufundayo Endabeni YabaseGibheyoni
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • “UJehova UNkulunkulu Wethu Siyakumkhonza”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ilanga Liyama
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 48
AbaseGibheyoni basekamu lama-Israyeli futhi babonisa uJoshuwa izingubo zabo ezigugile nesinkwa esidala esomile

INdaba 48

AbaseGibheyoni Abahlakaniphile

EMININGI imizi yaseKhanani manje ilungela ukulwa nama-Israyeli. Icabanga ukuthi inganqoba. Kodwa abantu basemzini waseGibheyoni oseduze abacabangi kanjalo. Bakholelwa ukuthi uNkulunkulu usiza ama-Israyeli, futhi abathandi ukulwa noNkulunkulu. Uyazi ukuthi abaseGibheyoni benzani?

Banquma ukuba benze sengathi bahlala kude kakhulu. Ngakho amanye amadoda agqoka izingubo ezimanikiniki nezimbadada ezigugile. Alayisha amasaka agugile ezimbongolweni zawo, athatha nesinkwa esidala esomile. Aya kuJoshuwa athi: ‘Siphuma ezweni elikude kakhulu, ngoba sizwile ngoNkulunkulu wenu uJehova. Siye sezwa ngazo zonke izinto anenzela zona eGibhithe. Ngakho abaholi bethu basitshela ukuba silungiselele ukudla kohambo size kini sithi: “Siyizigqila zenu. Sithembiseni ukuthi ngeke nilwe nathi.” Niyabona nani ukuthi izingubo zethu sezigugile ngenxa yohambo olude nesinkwa sethu sesisidala somile.’

UJoshuwa nabanye abaholi bayabakholelwa abaseGibheyoni. Ngakho bathembisa ukuthi abanakulwa nabo. Kodwa ngemva kwezinsuku ezintathu bezwa ukuthi abaseGibheyoni bakhelene nabo.

‘Kungani nisitshele ukuthi nihlala ezweni elikude?’ uJoshuwa ebabuza.

AbaseGibheyoni bayaphendula: ‘Senze kanjalo ngoba sitsheliwe ukuthi uNkulunkulu wenu uJehova wathembisa ukuninika lonke izwe laseKhanani. Ngakho besesaba ukuthi nizosibulala.’ Kodwa abakwa-Israyeli bayasigcina isithembiso sabo, abababulali abaseGibheyoni. Kunalokho babenza izinceku zabo.

Inkosi yaseJerusalema ithukuthele ngokuthi abaseGibheyoni benzé ukuthula no-Israyeli. Ngakho ithi kwamanye amakhosi amane: ‘Yizani ningisize silwe neGibheyoni.’ Enza kanjalo la makhosi ayisihlanu. Ingabe abaseGibheyoni babenza ukuhlakanipha ngokwenza ukuthula no-Israyeli, manje osekubangela la makhosi alwe nabo? Sizobona.

Joshuwa 9:1-27; 10:1-5.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela