Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 53
  • Isithembiso SikaJefta

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isithembiso SikaJefta
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yenza Ubaba Wayo NoJehova Bajabula
    Fundisa Izingane Zakho
  • Yayithandwa UNkulunkulu Nabangane Bayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukwethembeka Kuholela Ekwamukelweni UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Isithembiso SikaJefta
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 53
Indodakazi kaJefta idlala ithamborini njengoba iphuma izohlangabeza uyise

INdaba 53

Isithembiso SikaJefta

WAKE wasenza isithembiso kamuva wakuthola kunzima ukusigcina? Kwaba njalo endodeni ekulesi sithombe, kungakho idabuke kangaka. Le ndoda ingumahluleli onesibindi kwa-Israyeli, uJefta.

UJefta uphila esikhathini lapho ama-Israyeli engasamkhulekeli uJehova. Enza okubi futhi. Ngakho uJehova uvumela abakwa-Amoni bawahluphe. Lokhu kwenza ama-Israyeli akhale kuJehova: ‘Sonile kuwe. Sisindise!’

Abantu bayadabuka ngezinto ezimbi abazenzile. Babonisa ukuthi bayadabuka ngokukhulekela uJehova futhi. Ngakho uJehova uyabasiza futhi.

UJefta ukhethwe ngabantu ukuba alwe nama-Amoni amabi. UJefta ufuna ukuba uJehova amsize ekulweni. Ngakho uthembisa uJehova: ‘Uma ungipha ukunqoba abakwa-Amoni, umuntu wokuqala oyongihlangabeza uma ngibuya ukunqoba ngiyomnikela kuwe.’

UJefta udangele njengoba ebona ukuthi yindodakazi yakhe ephuma kuqala ukumhlangabeza

UJehova uyasilalela isithembiso sikaJefta, amsize anqobe empini. Uma uJefta ebuyela ekhaya, uyazi ukuthi ubani owokuqala ozomhlangabeza? Indodakazi yakhe, ewukuphela kwengane yakhe. ‘Oh, ndodakazi yami!’ kukhala uJefta. ‘Kudabuka kuni lokhu ongilethela khona. Ngenze isithembiso noJehova, anginakusihoxisa.’

Uma indodakazi kaJefta izwa ngesithembiso, nayo iyadabuka okokuqala. Kusho ukuthi kufanele ishiye uyise nabangane. Iyochitha konke ukuphila kwayo ikhonza uJehova etabernakele lakhe eShilo. Ngakho ithi kuyise: ‘Uma wenze isithembiso kuJehova, kufanele usigcine.’

Ngakho indodakazi kaJefta iya eShilo, ichitha konke ukuphila kwayo ikhonza uJehova etabernakele lakhe. Ezinsukwini ezine unyaka ngamunye abesifazane bakwa-Israyeli bayayivakashela, bajabula kakhulu bendawonye. Abantu bayayithanda indodakazi kaJefta ngoba iyinceku enhle kaJehova.

AbaHluleli 10:6-18; 11:1-40.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela