Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 4 kk. 10-11
  • Yenza Ubaba Wayo NoJehova Bajabula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yenza Ubaba Wayo NoJehova Bajabula
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yayithandwa UNkulunkulu Nabangane Bayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukwethembeka Kuholela Ekwamukelweni UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Isithembiso SikaJefta
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Isithembiso SikaJefta
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 4 kk. 10-11
UJefta uhlezi nendodakazi yakhe ngesikhathi isencane

ISIFUNDO 4

Yenza Ubaba Wayo NoJehova Bajabula

UJefta uthandaza kuJehova ngesikhathi ibutho lakwa-Israyeli lilwa nezitha zalo

Yisiphi isithembiso uJefta asenza kuJehova?

UJefta ubuya empini, wanga indodakazi yakhe emhlangabezile

Kwakungelula, kodwa indodakazi kaJefta yenza lokho ubaba wayo ayekuthembisile

Uyayibona le ntombazane esesithombeni?— Igama likababa wayo uJefta. IBhayibheli alisitsheli igama layo, kodwa siyazi ukuthi yenza ubaba wayo noJehova bajabula. Ake sifunde ngayo nobaba wayo uJefta.

UJefta wayeyindoda elungile. Wachitha isikhathi esiningi efundisa indodakazi yakhe ngoJehova. Wayeyindoda enamandla nomholi omuhle. Ngenxa yalokho, ama-Israyeli amcela ukuba awahole lapho eyokulwa nezitha zawo.

UJefta wathandaza wacela usizo lukaNkulunkulu ukuze anqobe. UJefta wenza isithembiso sokuthi uma enqoba, umuntu wokuqala owayezophuma endlini lapho ebuyela ekhaya wayezonikela ngaye kuJehova. Lowo muntu wayezohlala futhi asebenze etabernakele likaNkulunkulu ukuphila kwakhe konke. Itabernakele kwakuyindawo abantu ababekhulekela kuyo uNkulunkulu ngaleso sikhathi. UJefta wanqoba empini! Lapho ebuyela ekhaya, uyazi ukuthi ubani owaphuma kuqala endlini?—

Indodakazi kaJefta itheza izinkuni zasetabernakele; abangane bayo bayivakashele

Njalo ngonyaka, abangane bendodakazi kaJefta babeyivakashela

Yebo, kwakuyindodakazi kaJefta! Wayengenayo enye ingane ngaphandle kwale, manje uJefta kwase kufanele ayihambise. Wezwa ubuhlungu obukhulu. Kodwa khumbula, wayenze isithembiso. Ngaso leso sikhathi, indodakazi yakhe yathi: ‘Baba, wenze isithembiso kuJehova, ngakho kumelwe usigcine.’

Indodakazi kaJefta nayo yezwa ubuhlungu. Uma isihlala etabernakele yayingeke ishade futhi ibe nabantwana. Kodwa yayifuna ngempela ukugcina isithembiso esasenziwe ubaba wayo nokwenza uJehova ajabule. Lokho kwakubaluleke kakhulu kuyo kunokushada nokuba nabantwana. Ngakho, yahamba ekhaya yayohlala etabernakele ukuphila kwayo konke.

Ucabanga ukuthi lokho eyakwenza kwamjabulisa ubaba wayo noJehova?— Yebo, kwabajabulisa! Uma ulalela futhi uthanda uJehova, nawe ungafana nendodakazi kaJefta. Nawe ungabajabulisa kakhulu abazali bakho noJehova.

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • Duteronomi 6:4-6

  • AbaHluleli 11:30-40

  • 1 Korinte 7:37, 38

IMIBUZO:

  • Wayengubani uJefta? Yisiphi isithembiso asenza?

  • Kungani kwakunzima ngendodakazi kaJefta ukwenza lokho ubaba wayo ayekuthembisile?

  • Yini indodakazi kaJefta eyayifuna ngempela ukuyenza?

  • Ungayilingisa kanjani indodakazi kaJefta?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela