Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 65
  • Umbuso Uyehlukana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbuso Uyehlukana
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbuso Uhlukana Phakathi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJehova Ngeke Abashiye Abaqotho Bakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-11—1 AmaKhosi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Wayengase Athole Izibusiso ZikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 65
Umprofethu u-Ahiya udabula ingubo yakhe njengoba ekhuluma noJerobowamu

INdaba 65

Umbuso Uyehlukana

UYAZI ukuthi le ndoda iyidabulelani ingubo yayo? UJehova uyi-tshele ukuba yenze kanjalo. Le ndoda ingumprofethi kaJehova u-Ahiya. Uyazi ukuthi umprofethi yini? Umuntu uNkulunkulu amtshela kusengaphambili okuzokwenzeka.

U-Ahiya lapha ukhuluma noJerobowamu. UJerobowamu uyindoda uSolomoni ayibeka ekwengameleni omunye womsebenzi wokwakha. Uma u-Ahiya ehlangana noJerobowamu lapha endleleni, u-Ahiya wenza into exakayo. Ukhumula ingubo entsha ayigqokile ayidabule ibe yimidweshu eyi-12. Uthi kuJerobowamu: ‘Zithathele imidweshu eyi-10.’ Uyazi ukuthi kungani u-Ahiya enikeza uJerobowamu imidweshu eyi-10?

U-Ahiya uyachaza ukuthi uJehova uzowuthatha umbuso kuSolomoni. Uthi uJehova uzonikeza uJerobowamu izizwe eziyi-10. Lokhu kusho ukuthi indodana kaSolomoni uRehobowamu uzosala nezizwe ezimbili kuphela azozibusa.

Uma uSolomoni ezwa u-Ahiya akutshele uJerobowamu, uyathukuthela. Uzama ukubulala uJerobowamu. UJerobowamu ubalekela eGibhithe. Ngemva kwesikhathi uSolomoni uyafa. Wayeyinkosi iminyaka engu-40, manje indodana yakhe uRehobowamu uba yinkosi. Lé eGibhithe uJerobowamu uyezwa ukuthi uSolomoni ufile, abuyele kwa-Israyeli.

URehobowamu akayona inkosi ekahle. Ulukhuni kakhulu kubantu kunoyise uSolomoni. UJerobowamu namanye amadoda abalulekile aya eNkosini uRehobowamu amcele ukuba abaphathe kahle abantu. Kodwa uRehobowamu akalaleli. Eqinisweni, ulukhuni nangokungaphezulu. Ngakho abantu benza uJerobowamu inkosi yezizwe eziyi-10, kodwa izizwe ezimbili esakwaBhenjamini nesakwaJuda zisala noRehobowamu njengenkosi yazo.

UJerobowamu akafuni ukuba abantu bakhe baye eJerusalema bakhuleke ethempelini likaJehova. Ngakho wenza amathole amabili egolide kuthi abantu bombuso wezizwe eziyi-10 bakhulekele wona. Ngokushesha izwe ligcwala ubugebengu nobudlova.

Kukhona inkathazo futhi nasembusweni wezizwe ezimbili. Eminyakeni engaphansi kweyisihlanu ngemva kokuba uRehobowamu eyinkosi, inkosi yaseGibhithe izókulwa neJerusalema. Ithatha ingcebo eningi yethempeli likaJehova. Ithempeli lihlala isikhathi esifushane nje lisesimweni elalikuso uma lakhiwa.

1 AmaKhosi 11:26-43; 12:1-33; 14:21-31.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela