Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 45 k. 110-k. 111 isig. 2
  • Umbuso Uhlukana Phakathi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbuso Uhlukana Phakathi
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbuso Uyehlukana
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJehova Ngeke Abashiye Abaqotho Bakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Wayengase Athole Izibusiso ZikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-11—1 AmaKhosi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 45 k. 110-k. 111 isig. 2
U-Ahiya uklebhula ingubo yakhe iba yizicucu ezingu-12 phambi kukaJerobowamu

ISIFUNDO 45

Umbuso Uhlukana Phakathi

U-Israyeli wayenokuthula ngesikhathi uSolomoni esakhonza uJehova. Nokho, uSolomoni washada abesifazane abaningi bezinye izizwe, futhi amakhosikazi akhe ayekhonza izithombe. Kancane kancane, uSolomoni washintsha, naye waqala ukukhonza izithombe. Wathukuthela uJehova. Wathi kuSolomoni: ‘Umndeni wakho uzophucwa isizwe sakwa-Israyeli futhi sizohlukaniswa phakathi. Ingxenye enkulu ka-Israyeli ngizoyinika inceku yakho, umndeni wakho uzobusa ingxenye encane nje kuphela.’

UJehova wasicacisa nangenye indlela isinqumo sakhe. Enye yezinceku zikaSolomoni, uJerobowamu, wayehamba emgwaqweni lapho ehlangana nomprofethi u-Ahiya. U-Ahiya waklebhula ingubo yakhe yaba izicucu ezingu-12 wathi kuJerobowamu: ‘UJehova uzowuthatha umbuso wakwa-Israyeli emndenini kaSolomoni awuhlukanise kabili. Thatha izicucu eziyishumi ngoba uzoba inkosi phezu kwezizwe eziyishumi.’ INkosi uSolomoni yezwa ngalokhu yafuna ukubulala uJerobowamu! Ngakho uJerobowamu wabaleka waya eGibhithe. Ngokuhamba kwesikhathi, uSolomoni wafa, indodana yakhe uRehobowamu yaba inkosi. Ngakho uJerobowamu wabona kuphephile ukuba abuyele kwa-Israyeli.

Ama-Israyeli amaningi enzela imihlatshelo ithole legolide elalenziwe uJerobowamu

Amadoda amadala akwa-Israyeli atshela uRehobowamu ukuthi: ‘Uma ubaphatha kahle abantu, bazoba qotho kuwe.’ Nokho, izinsizwa ezingontanga kaRehobowamu zathi: ‘Kumelwe ube nokhahlo kubantu! Benze basebenze kanzima!’ URehobowamu walalela iseluleko sabangane bakhe. Wayephatha abantu ngokhahlo futhi abantu bavukela. Benza uJerobowamu inkosi yezizwe eziyishumi, ezabe sezaziwa ngokuthi umbuso wakwa-Israyeli. Izizwe ezimbili zaziwa ngokuthi umbuso wakwaJuda futhi zahlala ziqotho kuRehobowamu. Manje izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli zase zihlukene phakathi.

UJerobowamu wayengafuni abantu bakhe bahambe bayokhulekela eJerusalema, elalisendaweni ebuswa uRehobowamu. Uyazi kungani? UJerobowamu wayesaba ukuthi abantu bangase bamjikele basekele uRehobowamu. Ngakho wenza amazinyane amabili egolide futhi wathi kubantu bakhe: ‘IJerusalema likude kakhulu. Ningakhulekela lapha.’ Abantu baqala ukukhonza amazinyane amabili egolide bamkhohlwa futhi uJehova.

“Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi? . . . Noma, umuntu okholwayo uhlanganiswa yini nongakholwa?”—2 Korinte 6:14, 15

Imibuzo: Kungani u-Israyeli ahlukana phakathi? Iziphi izinto ezimbi inkosi uRehobowamu nenkosi uJerobowamu abazenza?

1 AmaKhosi 11:1-13, 26-43; 12:1-33

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela