Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 85
  • UJesu Uzalelwa Esitebeleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uzalelwa Esitebeleni
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Lo YiNdodana Yami”
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ukuzalwa KukaJesu​—⁠Kuphi, Nini?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 85
UJosefa, uMariya noJesu oyingane esitebeleni

INdaba 85

UJesu Uzalelwa Esitebeleni

UYAZI ukuthi ubani lo mntwana? Yebo, uJesu. Usanda kuzalwa nje esitebeleni. Isitebele indawo okugcinwa kuyo izilwane. UMariya ulalise uJesu emkhombeni, okuyindawo okuphakelwa kuyo izimbongolo nenye imfuyo. Kodwa kungani uMariya noJosefa belapha nezilwane? Lena akuyona indawo okungazalelwa kuyona umntwana, akunjalo?

Cha akuyona. Kodwa nakhu okwenza babe lapha: Umbusi waseRoma, uKhesari Awugustu, wenza umthetho wokuthi wonke umuntu abuyele emzini wakubo wokuzalwa ayobhaliswa. UJosefa wazalelwa lapha eBhetlehema. Kodwa uma befika noMariya, yayingasekho indawo. Ngakho kwafuneka beze lapha ezilwaneni. Ngalo lelo langa uMariya wabeletha uJesu! Kodwa, njengoba ungabona, uphile kahle.

Abelusi bayafika eBhetlehema ukuzobona UJesu

Uyababona abelusi bezobona uJesu? Bebesendle ebusuku beluse izimvu zabo, kwaba khona ukukhanya okukhulu kubo. Kwakuyingelosi! Abelusi bethuka kakhulu. Kodwa ingelosi yathi: ‘Ningesabi! Nginiphathele izindaba ezinhle. Namuhla, eBhetlehema, uKristu iNkosi uzelwe. Uzosindisa abantu! Niyomthola esongwe ngembeleko elele emkhombeni.’ Ngokushesha kwafika uquqaba lwezingelosi zadumisa uNkulunkulu. Ngakho laba belusi baphuthuma bayofuna uJesu, manje sebemtholile.

Uyazi ukuthi kungani uJesu ekhetheke kangaka? Uyazi ukuthi ungubani ngempela? Khumbula, endabeni yokuqala yale ncwadi sikhulume ngeNdodana kaNkulunkulu yokuqala. Le Ndodana yasebenza noJehova ekwakheni amazulu nomhlaba nakho konke okunye. UJesu lowo!

Yebo, uJehova wathatha ukuphila kweNdodana yakhe ezulwini wakufaka kuMariya. Khona lapho umntwana waqala ukukhula ngaphakathi kuye njengoba nabanye abantwana bekhula konina. Kodwa lo mntwana wayeyiNdodana kaJehova. Ekugcineni uJesu wazalwa lapha esitebeleni eBhetlehema. Uyabona manje ukuthi kungani izingelosi zazijabule kangaka ngokutshela abantu ukuthi uJesu uzelwe?

Luka 2:1-20.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela