Ukuphila Nenkonzo KaJesu
Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?
NJENGOBA isikhathi sisondela ngoMariya ukuba abelethe, kungani uJosefa ethatha uhambo olude? Nokho, umbusi woMbuso wamaRoma, uKesari Awugustu, ushaye umthetho wokuthi wonke umuntu kumelwe abuyele emzini azalwa kuwo ukuze abalwe. Ngakho uJosefa uya endaweni azalelwa kuyo, umuzi waseBethlehema.
Abantu abaningi baseBethlehema ukuze babalwe, futhi okuyiyona kuphela indawo uJosefa noMariya abangayithola ukuze bahlale kusesitebeleni. Lapha, lapho izimbongolo nezinye izilwane zihlala khona, kulapho uJesu ezalelwa khona. UMariya umembesa ngengubo futhi umbeka emkhombeni, indawo ephatha ukudla kwezilwane.
Eqinisweni kwakungokuqondisa kukaNkulunkulu ukuba uKesari Awugustu ashaye umthetho wakhe wokubalwa. Lokhu kwenza kwaba nokwenzeka ngoJesu ukuba azalwe eBethlehema, umuzi owaprofethwa kudala imiBhalo ukuthi uyakuba yindawo yokuzalwa kombusi othenjisiwe.
Yeka ukuthi lobu ubusuku obubaluleke kangakanani! Ngaphandle emadlelweni ukukhanya okukhazimulayo kukhanyisa iqembu labelusi nxazonke. Kuyinkazimulo kaJehova! Futhi ingelosi kaJehova iyabatshela: ‘Nizalelwe namuhla eBethlehema uMsindisi, onguKristu iNkosi. Niyomthola elele emkhombeni.’ Masinyane olunye uquqaba lwezingelosi luyabonakala luhlabelela luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
Lapho izingelosi zimuka, abelusi bakhuluma bodwa: ‘Asihambe size sifike eBethlehema ukuze sibone lento uJehova asazise yona.’ Bahamba ngokushesha futhi bathola uJesu ngokuqondile lapho ingelosi ithé bazomfumana khona. Lapho abelusi bexoxa lokho ingelosi ebatshele khona, bonke abezwa lokho bayamangala. UMariya ugcina onke lawomazwi futhi uzindla ngawo enhliziyweni yakhe.
Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi uJesu wazalwa ngoDecember 25. Kodwa uDecember uyisikhathi semvula, nesamakhaza eBethlehema. Abelusi babengeke babe semadlelweni nemihlambi yabo ebusuku ngalesosikhathi sonyaka. Futhi, uKesari waseRoma kwakungeke kwenzeke ukuthi afune abantu kakade ababenomkhuba wokumvukela ukuba bathathe lolohambo phakathi nobusika ukuze babalwe. Ngokusobala uJesu wazalwa esikhathini esithile ekuqaleni kwekwindla yonyaka. Luka 2:1-20; Mika 5:2.
◆ UJosefa noMariya babeyelani eBethlehema?
◆ Simangaliso sini esenzeka ngobusuku uJesu azalwa ngabo?
◆ Sazi kanjani ukuthi uJesu akazalwanga ngoDecember 25?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 9]