Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 88
  • UJohane Ubhapathiza UJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJohane Ubhapathiza UJesu
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uyabhapathizwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukubhapathizwa KukaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • UJesu Uqala Ukwenza Abafundi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukubhapathizwa KukaJesu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 88
UJesu uphuma eMfuleni iJordani ngemva kokubhapathizwa uJohane

INdaba 88

UJohane Ubhapathiza UJesu

BHEKA ijuba lehlela kule ndoda. Le ndoda uJesu. Uneminyaka ecishe ibe u-30 manje. Indoda ekanye naye uJohane. Kakade sesifunde okuthile ngaye. Uyakhumbula ngesikhathi uMariya evakashele isihlobo sakhe u-Elizabethe, kwathi umntwana osesiswini sika-Elizabethe wagxuma ngenjabulo? Lowo mntwana owayengakazalwa kwakunguJohane. Kodwa manje uJohane noJesu benzani?

UJohane ubekade ecwilisa uJesu emanzini oMfula iJordani. Umuntu ubhapathizwa kanjena. Okokuqala, ucwi-liswa ngaphansi kwamanzi, abese ekhishwa. Ngenxa yokuthi uJohane wenza lokhu kubantu, ubizwa ngokuthi uJohane uMbhapathizi. Kodwa uJohane umbhapathizeleni uJesu?

UJohane wenze lokhu ngoba uJesu uze kuye wamcela ukuba ambhapathize. UJohane ubhapathiza abantu abafuna ukubonisa ukuthi bayazisola ngezinto ezimbi abazenzile. Kodwa ingabe uJesu kunobubi ake wabenza okufanele azisole ngabo? Cha, uJesu akakaze, ngoba uyiNdodana kaJehova evela ezulwini. Ngakho ucele uJohane ukuba ambhapathize ngesizathu esihlukile. Ake sisibone.

Ngaphambi kokuba uJesu afike lapha kuJohane, wayengumbazi. Umbazi umuntu owenza izinto ngepulangwe, njengamatafula, izihlalo namabhentshi. Umyeni kaMariya uJosefa wayengumbazi, ngakho wafundisa noJesu. Kodwa uJehova akayithumelelanga ukubaza iNdodana yakhe emhlabeni. Unomsebenzi okhethekile afuna iwenze, futhi sesifikile isikhathi ngoJesu ukuba aqale ukuwenza. Ngakho ukuze abonise ukuthi uzele ukwenza intando kaYise, uJesu ucela uJohane ambhapathize. Ingabe kuyamjabulisa lokhu uJehova?

Umoya ongcwele obonakala njengejuba wehla uvela ezulwini

Yebo, ngoba ngemva kokuphuma kukaJesu emanzini, izwi ezulwini lithi: ‘Lena iNdodana yami engithokozile ngayo.’ Futhi, kubonakala sengathi izulu liyavuleka, ijuba lehlele kuJesu. Kodwa akulona ijuba langempela. Libonakala nje njengalo. Eqinisweni umoya ongcwele kaJehova.

Manje uJesu kufanele acabange ngokuningi, ngakho uya endaweni eyihlane izinsuku ezingama-40. USathane uza kuye. USathane uzama kathathu ukwenza uJesu enze okumelene nomthetho kaJehova. Kodwa uJesu akanakukwenza.

Ngemva kwalokho, uJesu uyabuya uhlangana namadoda aba ngabalandeli bakhe bokuqala, noma abafundi. Amanye amagama awo ngo-Andreya, uPetru (othiwa uSimoni), uFiliphu noNathanayeli (othiwa uBartolomewu). UJesu nalaba bafundi abasha baya esifundeni saseGalile. EGalile bangenisa emzaneni wakubo kaNathanayeli eKhana. Lapho uJesu uya edilini elikhulu lomshado, enze isimangaliso sakhe sokuqala. Uyazi ukuthi siyini? Uphendula amanzi aba yiwayini.

Mathewu 3:13-17; 4:1-11; 13:55; Marku 6:3; Johane 1:29-51; 2:1-12.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela