Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 12 k. 34-k. 35 isig. 3
  • UJesu Uyabhapathizwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uyabhapathizwa
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhapathizwa KukaJesu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukubhapathizwa KukaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • UJohane Ubhapathiza UJesu
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Okushiwo Ukubhapathizwa Kwakho
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 12 k. 34-k. 35 isig. 3
UJesu ucela ukuba uJohane ambhapathize, kodwa uyenqaba

ISAHLUKO 12

UJesu Uyabhapathizwa

MATHEWU 3:13-17 MARKU 1:9-11 LUKA 3:21, 22 JOHANE 1:32-34

  • UJESU UYABHAPATHIZWA, AGCOTSHWE NGOMOYA

  • UJEHOVA UTHI UJESU UYINDODANA YAKHE

Ngemva kwezinyanga eziyisithupha uJohane uMbhapathizi eqale ukushumayela, uJesu, manje oseneminyaka engaba ngu-30, uza kuye eMfuleni iJordani. Kungani? Akazile nje ukuzomvakashela njengomngane. Kanti akazile futhi ukuzohlola ukuthi umsebenzi kaJohane uhamba kanjani. UJesu uzocela uJohane ukuba ambhapathize.

UJohane uyenqaba athi: “Yimi odinga ukubhapathizwa nguwe kodwa wena uza kimi?” (Mathewu 3:14) UJohane uyazi ukuthi uJesu uyindodana kaNkulunkulu ekhethekile. Khumbula ukuthi lapho esesesibelethweni sikanina, uJohane wagxuma ngenjabulo lapho uMariya owayekhulelwe uJesu, efika evakashele umama kaJohane, u-Elizabethe. Akungabazeki ukuthi umama kaJohane wamxoxela ngalokhu. Kumelwe ukuba wezwa nangesimemezelo sezingelosi ngokuzalwa kukaJesu kanye nangezingelosi ezabonakala kubelusi ngobusuku bokuzalwa kukaJesu.

UJohane uyazi ukuthi ubhapathizo alwenzayo luhloselwe labo abaphenduka ezonweni zabo. Kodwa uJesu akanasono. Naphezu kokwenqaba kukaJohane, uJesu uyaphikelela: “Ungangenqabeli ngoba kufanelekile ngathi ukuba sifeze konke okulungile ngale ndlela.”—Mathewu 3:15.

Kungani kufanelekile ukuba uJesu abhapathizwe? Ukubhapathizwa kukaJesu akulona uphawu lokuthi uyaphenduka ezonweni. Ukubhapathizwa kwakhe kubonisa ukuthi uyazinikela ukuba enze intando kaYise. (Hebheru 10:5-7) UJesu ubelokhu engumbazi, kodwa manje sekuyisikhathi sokuba aqale inkonzo uYise wasezulwini amthumele emhlabeni ukuba ayenze. Ucabanga ukuthi ikhona yini into engajwayelekile uJohane alindele ukuba yenzeke lapho ebhapathiza uJesu?

Kamuva uJohane uyabika: “Yena kanye ongithume ukuba ngibhapathize ngamanzi wathi kimi: ‘Noma ubani oyobona umoya wehlela phezu kwakhe futhi uhlale kuye, lowo nguye obhapathiza ngomoya ongcwele.’” (Johane 1:33) Ngakho uJohane ulindele ukuba kube nomuntu ambhapathizayo okuzokwehlela kuye umoya kaNkulunkulu. Ngokuvumelana nalokho, lapho uJesu ephuma ngaphansi kwamanzi, kumelwe ukuba uJohane akamangali ukubona “umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu [kukaJesu].”—Mathewu 3:16.

Umoya ongcwele wehlela kuJesu lapho ebhapathizwa

Kodwa kunokunye okwenzekayo lapho uJesu ebhapathizwa. ‘Amazulu ayamvulekela.’ Kusho ukuthini lokhu? Cishe kusho ukuthi ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, waqala ukukhumbula ukuphila kwakhe kwasezulwini. Ngakho uJesu manje ukhumbula ukuphila kwakhe njengendodana kaJehova engumoya, kuhlanganise namaqiniso uNkulunkulu ayemfundise wona ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni.

Ngaphezu kwalokho, lapho uJesu ebhapathizwa kuzwakala izwi elivela ezulwini lithi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:17) Yizwi likabani lelo? Akunakwenzeka ukuba kube yizwi likaJesu ngoba yena umi noJohane. Lelo zwi elikaNkulunkulu. Kusobala ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. Akayena uNkulunkulu.

Kuyaphawuleka ukuthi uJesu uyindodana kaNkulunkulu engumuntu, njengoba nje kwakunjalo ngomuntu wokuqala, u-Adamu. Ngemva kokuchaza ngokubhapathizwa kukaJesu, umfundi uLuka ube esebhala: “Lapho uJesu eqala umsebenzi wakhe, wayeneminyaka engaba ngu-30 ubudala, kucatshangwa ukuthi uyindodana kaJosefa, indodana kaHeli, . . . indodana kaDavide, . . . indodana ka-Abrahama, . . . indodana kaNowa, . . . indodana ka-Adamu, indodana kaNkulunkulu.”—Luka 3:23-38.

Njengoba nje u-Adamu ‘ayeyindodana kaNkulunkulu’ engumuntu, kunjalo nangoJesu. Lapho uJesu ebhapathizwa, uba nobuhlobo obusha noNkulunkulu, uba yiNdodana kaNkulunkulu engokomoya. Ngaleyo ndlela uJesu uba sethubeni lokufundisa iqiniso elivela kuNkulunkulu nokubonisa abantu indlela eholela ekuphileni. UJesu uqala indlela yokuphila ezophetha ngokuba anikele ngokuphila kwakhe njengomuntu ngenxa yesintu esinesono.

  • UJohane umazi kanjani uJesu?

  • UJesu akenzanga sono, pho kungani ebhapathizwa uJohane?

  • Kungani kungase kungammangazi uJohane lapho umoya kaNkulunkulu wehlela kuJesu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela