INgoma 1
“Mbonge UJehova, Mphefumulo Wami”
1. Ngiyombonga uJehova
—Ngidumise igama lakhe—
Yena othethelelayo,
Asuse ubuhlungu bonke.
Uyephuza uk’thukuthela,
Unomusa, unobubele.
Bonke abamesabayo,
Bayobon’ umusa wakhe.
2. Uyakwaz’ uk’bunjwa kwethu,
UnjengoBaba onomusa.
Njengembali ebunayo,
Siyophela ngaleyondlela.
Kodwa umusa kaJehova
Ukubo abalalelayo.
UJehov’ uyos’sekela,
Uma sigcin’ imiyalo.
3. UJehova umisile
Isihlalo senkazimulo.
Ubonis’ amandla akhe;
Kukho konke ungobusayo.
Zingelosi zonke mbongeni;
Dumisani igama lakhe.
Mabuth’ akhe mdumiseni.
Mphefumlo wami mubonge.