INgoma 223
Abaqotho Bakho Bayokubusisa
1. Bayok’busis’ abaqotho,
Jehova Nkosi yethu.
Bayokhuluma ngezakho
Izenzo ezinkulu.
Yeka iphakeme, Ifanele udumo,
Iyamangalisa Im’sebenzi yonke yakho.
Abaqotho bakho
Nkosi Bachichim’ injabulo
Bafuna uk’tshel’ abantu
Lokho abakwaziyo.
2. Ubakhethile abakhe
Abazisa ngodumo.
Sebekhona labobantu,
Sibabona ngenkambo.
Les’gaba senceku,
Sondla ’eziny’ izimvu.’
KuIel’ izw’ elibi
Baholwa nguye uJesu.
Abaqotho badumisa
Lona igama lakho.
Bachichima ngenjabulo
Ngenxa yodumo lwakho.
3. UJehova muhle k’bantu
Asingabazi ngakho.
NgoJesu wabasindisa
—Masimazise njalo.
Uyabekezela;
Abakhe bayamazi.
Siyabonga Nkosi
Ngobuhlobo bakho nathi!
Usivusele’ amandla
Ngisho nalapho siwa.
Situsa ubuhlebakhe;
Futhi siyamdumisa.