INgoma 59
Ukwazisa Imithetho KaNkulunkulu
1. Bayajabul’ abalalel’ iNkosi,
Beyifuna ngenhliziyo,
Balalela imithetho yayo,
Futhi abasuki kuyo.
Bayayazisa nemiyalo;
Bakhuluma nangomusa wayo.
Balandela imithetho yayo,
Ngoba banothando ngayo.
2. Umusa weNkos’ uyamangalisa;
Ufinyelela nakude!
Imithetho iyasivikela,
Noma singaze s’nyundelwe.
Abathanda umthetho kaJah;
Banesibusiso sokuthula.
Njengoba beabuler impango,
Injab’lo yethu yokwanda.
3. Zicelo zethu ziye kuJehova
Ukuze s’qond’ iZwi lakhe.
Makasizwe asiphe umusa,
Ngesandla sakh’ asihlenge.
Inhliziyo mazibe qotho;
Size senze lokho akushoyo.
Ulungile uNkulunkul’ wethu.
Usivuselela njalo.