INgoma 67
Zibekeleleni Ingcebo Ezulwini
1. Masimthande uJehova
OnguBaba wethu sonke!
Zonke izinto ezinhle,
Nezipho z’vela kuye.
Usiph’ ingubo nokudla,
Imbew’kanye nemvula.
Masimbong’ uBaba wethu
Ngoba uyasiphasa.
2. Kuwubuwula kanjani
Ukuchitha isikhathi,
S’butha imicebo yezwe
Engenanzuzo kithi!
Kungani singeneliswa
Ngezmt’ esiz’dingayo,
Ngezenzo ezinhle s’bambe
Uk’phila okuyikho.
3. Masisebenzis’ umcebo
Nesikhathi sethu njalo,
Sondle ’abalambileyo’
Abafun’ iqiniso.
Ngakho siyoba y’zihlobo
ZikaKristu noYise.
Sizibekela umcebo
Ezulwini phakade.