Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/08 k. 1
  • Sinamagugu Esingawahlanganyela Nabanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sinamagugu Esingawahlanganyela Nabanye
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthola Imicebo ‘Ethukuswe Ngokucophelela Kuye’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Yithande Ingcebo Oyiphiwe UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Bonisa Ukuthi Uyabonga Ngezipho Ezingabonakali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Zibekeleleni Ingcebo Ezulwini
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 11/08 k. 1

Sinamagugu Esingawahlanganyela Nabanye

1 IZwi likaNkulunkulu linenqwaba yamagugu angokomoya esiwazisayo. (IHu. 12:6; 119:11, 14) UJesu wake wasebenzisa imifanekiso ebonisa izici ezihlukene zoMbuso, wabe esebuza abafundi bakhe: “Ingabe niwutholile umqondo wazo zonke lezi zinto?” Ngemva kokuvuma kwabo, wathi kubo: “Uma kunjalo, wonke umfundisi wasobala, lapho efundiswa ngokuqondene nombuso wamazulu, unjengomuntu, umninindlu, okhipha emtatsheni wakhe wengcebo izinto ezintsha nezindala.”—Math. 13:1-52.

2 Amaqiniso eBhayibheli esawazi uma siqala ukufunda angase abhekwe njengamagugu amadala. Njengoba siqhubeka sifunda izinto ezijulile zeZwi likaNkulunkulu, sithola amanye amaqiniso eBhayibheli, angamagugu amasha kithi. (1 Kor. 2:7) Futhi, ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ siqonda amagugu amasha.—Math. 24:45.

3 Siwazisa ngempela la magugu angokomoya, amadala namasha. Lokhu kusishukumisela ukuba sifune ukuqeqeshwa futhi sibe nolwazi njengabafundisi beZwi likaNkulunkulu, siwahlanganyele nabanye ngomusa amaqiniso ayigugu esiwafundile.

4 Funda Esibonelweni SikaJesu: Ebonisa indlela ayezizwa ngayo ngala magugu, uJesu wenza konke okusemandleni akhe ukuze awahlanganyele nabanye. Ngisho nalapho ekhathele, akayekanga ukukhipha amagugu “enqolobaneni” yakhe.—Joh. 4:6-14.

5 Uthando lukaJesu ngalabo abasesimweni esibi ngokomoya lwamshukumisela ukuba abatshele ngamagugu anikeza ukuphila eqiniso likaNkulunkulu. (IHu. 72:13) Wayebahawukela abalambile ngokomoya futhi washukumiseleka ukuba ‘abafundise izinto eziningi.’—Marku 6:34.

6 Lingisa UJesu: Uma siwazisa njengoJesu amagugu angokomoya esinawo, siyofuna ukuwabonisa abantu ngokuqondile eBhayibhelini. (IzAga 2:1-5) Nakuba kungenzeka sikhathele ngezinye izikhathi, siyokhuluma ngamaqiniso angokomBhalo ngentshiseko esuka enhliziyweni. (Marku 6:34) Ukwazisa kwethu okujulile ngamagugu esinawo kuyosishukumisela ukuba sizikhandle njalo enkonzweni, sifune indlela yokuhlanganyela kuyo ngokugcwele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela