INgoma 161
Thandaza KuJehova Nsuku Zonke
1. Thandaza kuJah, yen’ uyokuzwa.
Kuyilungelo uk’bizwa ngoJah.
S’khuluma naye ngenkululeko;
Siyisa kuye zonk’ izicelo.
Thandaza nsuku zonke.
2. Thandaza kuJah, ukuba s’phile.
Cela ukuthethelelwa nguye.
Sicel’ usizo ezilingweni.
Siyovikelwa nguye uMdali.
Thandaza nsuku zonke.
3. Thandaza kuJah, uma kunzima.
Sithulul’ izifuba kuyena,
Simtshele izinkathazo zethu;
S’khuleke ngegama likaJesu.
Thandaza nsuku zonke.
4. Thandaza kuJah njalo, umbonga.
Ungakukhohlwa nokumdumisa.
Khuluma noJehova ngob’qotho,
Ubon’ ukulunga okuyikho.
Thandaza nsuku zonke.