INGOMA 47
Thandaza KuJehova Nsuku Zonke
Uhlelo Oluprintiwe
1. Thandaza kuJah, yen’ uyokuzwa.
Kuyilungelo uk’bizwa ngoJah.
Thulul’ isifuba sakho kuye.
Yiba nokholo umthembe njalo.
Thandaza nsuku zonke.
2. Thandaza kuJah, ubong’ uk’phila.
Cela ukuthethelelwa nguye.
Mas’vume izono kuJehova,
Ngoba uyasazi siluthuli.
Thandaza nsuku zonke.
3. Thandaza kuJah uma kunzima.
UnguBaba wethu oseduze.
Fun’ is’qondiso nosizo lwakhe.
Uthembekil’ ungesabi lutho.
Thandaza nsuku zonke.
(Bheka neHu. 65:5; Math. 6:9-13; 26:41; Luka 18:1.)