INgoma 213
Ukusebenza Ndawonye Ngobunye
1. Masisebenze ngobunye.
Ukuz’busa sikugweme.
Ubunye nok’vumelana
Kuletha uk’thula (ukuthula).
Buleth’ iz’busiso.
Uma bukhona (nab’ ubunye).
Ngisho noma s’neziphiwo,
Uk’qhosha makungabikho.
Ngothando nokuthobeka,
Mas’dumise uJah.
2. Ivamile imibango
Kulelizwe el’nenzondo.
Masifune ukuthula,
Kuyosiqabula (kus’qabule).
Uk’thula kunjalo;
K’yas’jabulisa (s’qabuleke).
K’yokwenzeka uk’ngezwani
Ngoba sonke siyizoni!
Asobuy’sana ngok’shesha,
Ubunye sob’londa.
3. Ekusebenzeni kwethu,
Mas’bonis’ ubunye bethu.
Bulungile futhi buhle.
Budinga s’bazise (sibazise).
Yebo s’yabazisa,
Ngokuba buhle (s’yabazisa).
Ubunye buyazuzisa
—Sinob’hlobo noJehova.
Ukuthula sesinakho
Kanye nez’busiso.