Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • je k. 18-k. 19 isig. 9
  • Ukujabula Nokudumisa UNkulunkulu Emihlanganweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukujabula Nokudumisa UNkulunkulu Emihlanganweni
  • Ukwenza Intando KaNkulunkulu (je)
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • UJehova Ubutha Abantu Bakhe Abajabulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • OFakazi BakaJehova Bazoqhuba Imihlangano Yezizwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • IMihlangano Yesifunda Iyizikhathi Zokubonisa Uthando
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
Bheka Okunye
Ukwenza Intando KaNkulunkulu (je)
je k. 18-k. 19 isig. 9

Ukujabula Nokudumisa UNkulunkulu Emihlanganweni

Kusukela ekuqaleni kwawo-1880 abaFundi BeBhayibheli babona ukuthi, ngaphezu kwemihlangano yebandla, kuyoba okunenzuzo ngabo ukuba bajwayelane nabakholwa kanye nabo abavela kwezinye izindawo. Ngakho baqala ukuhlela imihlangano emikhulu yaminyaka yonke yabaFundi BeBhayibheli abavela kulo lonke elaseUnited States, futhi kamuva nabavela eCanada. Lezi kwakuyizikhathi zokuqabuleka ngokomoya, kwakunikezwa imfundo enamandla yeBhayibheli ezinsukwini eziningana, futhi bonke babejabulela ukukhuthazana okujabulisayo. Ukubhapathizwa kwabasand’ ukukholwa kwaba yinto evamile emihlanganweni emikhulu. Imihlangano futhi yayisetshenziselwa ukunikeza ubufakazi obengeziwe emphakathini.—Roma 1:11, 12.

Namuhla oFakazi BakaJehova bajabulela imihlangano eba khona njalo. Ngokuvamile cishe amabandla ayi-18 kuya kwangama-25 ahlanganiswa ndawonye akhe lokho okubizwa ngokuthi izifunda, ezihanjelwa, noma zikhonzwe ababonisi abajikelezayo. Kabili ngonyaka kuba nemihlangano, lapho amabandla asesifundeni, noma ingxenye yalesosifunda, ihlangana ndawonye ngoMgqibelo nangeSonto noma ngoMgqibelo noma ngeSonto.

Kanye ngonyaka, kuba nemihlangano emikhulu ezweni ngalinye, ethatha izinsuku ezintathu noma ezine, ebizwa ngokuthi imihlangano yesigodi, lapho izinkulungwane zingahlangana ndawonye endaweni eyodwa. Lemihlangano inikeza ukwakhiwa okungokomoya koFakazi BakaJehova nakwabanye abanesithakazelo emisebenzini yabo, nayo futhi inikeza ubufakazi basobala.

Isimiso salemihlangano emincane nemikhulu silungiselelwa iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova futhi sisekelwe ezidingweni zoFakazi emhlabeni wonke. Sihlanganisa izinkulumo, izingxoxo, izintshumayelo ngalokho okwenzeka ngokoqobo ekuphileni ezibizwa ngokuthi imiboniso, ezinikezwa ababonisi abajikelezayo noFakazi abafanelekayo bamabandla. Abantu abahlukahlukene futhi balandisa okuhlangenwe nakho ngendlela ababhekana ngayo nenselele yokuphila njengamaKristu ezweni elingamesabi uNkulunkulu noma ngemiphumela abayitholayo enkonzweni. Emihlanganweni yesigodi kunesici esenezelwe—imidlalo engokoqobo engamadrama eBhayibheli noma amadrama ngesimo sanamuhla, ibonisa indlela amaKristu anqoba ngayo izinkinga abhekana nazo namuhla.

Kulungiselelwa futhi ukudla neziphuzo. Lokhu kwenza kube nezingxoxo ezijabulisayo lapho kunekhefu phakathi nesimiso semihlangano. Wonke umsebenzi ohilelekile ekwenzeni lezizenzakalo wenziwa izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi BakaJehova. Imali yokukhokhela izinkundla nezinye izindleko nayo ikhokhwa ngeminikelo yokuzithandela. Kungenwa mahhala, akuthathwa nkongozelo.

Ungabuza ebandleni loFakazi BakaJehova elisendaweni yakini ukuthi lemibuthano ihlelelwe ukuba ibe nini futhi kuphi endaweni yakini. Uyonikezwa nokwaziswa ngokuphathelene nanoma imaphi amalungiselelo ezinto zokuhamba, kanye nokuthi ungayithola kanjani indawo yokulala.

Lemihlangano emincane nemikhulu isiza oFakazi BakaJehova nabo bonke abahlanganyela nabo ukuba babone ngalé kwebandla lendawo yakubo futhi bazise yonke inhlangano yabazalwane babo esemhlabeni.—1 Petru 2:17.

• Iziphi izinzuzo abaFundi BeBhayibheli bakuqala ababezizuza emihlanganweni yabo?

• Chaza ukuhlelwa nesimiso semihlangano yesifunda neyesigodi.

[Izithombe ekhasini 18]

Idrama yeBhayibheli emhlanganweni wesigodi, eUnited States

Umhlangano wezizwe zonke, ePoland

Umhlangano wezizwe zonke, eArgentina

Umhlangano wesifunda, eJapane

Izihambeli zomhlangano zithola izincwadi zeBhayibheli, eSwitzerland

Ubhapathizo emhlanganweni wezizwe zonke eNingizimu Afrika

Ukukhishwa kwencwadi yeBhayibheli entsha, eCanada

Izihambeli zomhlangano zihlanganyela ekuhlabeleleni, eSpain

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela