OFakazi BakaJehova Bazoqhuba Imihlangano Yezizwe
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ihlela ukuqhuba imihlangano yezizwe phakathi no-1998. Lesi simemezelo samukelwa ngentshiseko emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, owawuseHholo LoMhlangano eJersey City ngoMgqibelo, ngo-October 5, 1996.
Ngaphezu kwemihlangano yesigodi evamile, kuyoba nemihlangano yezizwe eminingana eNyakatho Melika phakathi no-1998. Kulindeleke ukuba lemibuthano ihlanganise ndawonye amakhulu ezinkulungwane oFakazi abavela ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Ukuze kube namazwe amaningi ngangokunokwenzeka amelelwe, ngalinye lamahhovisi egatsha e-Watch Tower Society angaphezu kwekhulu liyokwabelwa inani lezihambeli eliyoba sedolobheni elikhethiwe lomhlangano wezizwe eNyakatho Melika.
Ngokusobala, akubona bonke abangathanda ukuya eNyakatho Melika abayokwazi ukwenza kanjalo. Nokho, kungenzeka ngezinkulungwane ukuba ziye emhlanganweni wezizwe oseduze nazo. Kwenziwa amalungiselelo okuba kuqhutshwe imihlangano yezizwe emazweni amabili noma amathathu eYurophu neminye e-Afrika, e-Asia, eLatin America, eSouth Pacific, naseCaribbean.
Ngesikhathi esifanele, amahhovisi egatsha eNhlangano ayokwazisa amabandla asemasimini awo ngedolobha noma amadolobha omhlangano amenyelwa kuwo. Kuyonikezwa ukwaziswa ngezinsuku zomhlangano namalungiselelo okuhlunga izicelo zezihambeli. Labo abacabangela ukufaka izicelo bangathanda ukuqala bonge enye yemali yabo bebheke phambili kulezi zenzakalo ezikhethekile.
Bonke oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bangabheka phambili kulokho abakugcinelwe kulemibuthano yezizwe ka-1998. Imihlangano yesigodi kuwo wonke amazwe iyoba nesimiso esifanayo.