Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • tp isahl. 14 kk. 152-162
  • Inhlonipho Ngesipho Sokuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inhlonipho Ngesipho Sokuphila
  • Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlonipha Ukuphila Kongakazalwa
  • Inhlonipho Ngokuphila Kwakho Siqu
  • Ukusetshenziswa Kwezidakamizwa
  • Ukusetshenziswa Kukagwayi Nemikhiqizo Efanayo
  • Inhlonipho Ngokuphila Njengoba Kumelelwe Yigazi
  • Izidakamizwa (Imilaliso)
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Indlela Izidakamizwa Ezingemthetho Ezikuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Inkinga Yezidakamizwa Inganqotshwa?
    I-Phaphama!—1999
  • Izidakamizwa—Ubani Ozidlayo?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
tp isahl. 14 kk. 152-162

Isahluko 14

Inhlonipho Ngesipho Sokuphila

INHLONIPHO ejulile ngesipho sokuphila iyisisekelo sokuthula kweqiniso nokulondeka. Kodwa inhlonipho enjalo ngokuphila intuleka ngokudabukisayo namuhla. Abantu baye baba nesandla ekubulaleni, kodwa akekho kubo ongakubuyisela ukuphila uma sekuke kwahamba.

2 Inhlonipho ngokuphila iyisibopho esingcwele kuMniki wokuphila, uJehova uNkulunkulu. Umhubi wathi ngaye: “Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) Ukuphila kwethu sikukweleta uNkulunkulu, hhayi nje kuphela ngoba wadala umuntu kodwa futhi ngenxa yokuthi uye wavumela isintu ukuba siqhubeke kuze kube manje futhi uye walungiselela izindlela zokusekela ukuphila. (IzEnzo 14:16, 17) Ngaphezu kwalokho, walungiselela ukuba iNdodana yakhe ibe nguMhlengi, noma uMhlawuleli, womkhaya wesintu, yawuthenga ngegazi lokuphila kwayo. (Roma 5:6-8; Efesu 1:7) Ngenxa yalokho, manje welulela ithuba lokuphila phakade kolwakhe uHlelo Olusha lokulunga kubo bonke abayolamukela. Ngokucabangela konke lokhu, singayibonisa kanjani inhlonipho yethu ejulile nokwazisa ngesipho sikaNkulunkulu sokuphila?

3 Phakathi kokunye, uma sizimisele ngempela ukubonisa inhlonipho ngokuphila, ngeke sihlanganyele nalabo okuthi, ukuze nje bazijabulise, bagcwalise izingqondo zabo ngokuzilibazisa okugcwele ubudlova. Ukwamukela ubudlova ‘njengokuzilibazisa’ kuye kwabangela abaningi ukuba benziwe lukhuni futhi bangabi naluzwela ngokuhlupheka kwabantu nokulahleka kokuphila. Kodwa uma sinokwazisa ngobuhle bukaNkulunkulu nethemba alinikezayo, siyomelana nomoya onjalo. Siyohlakulela ukwazisa ngokuphila njengesipho esivela kuNkulunkulu. Lokhu kuyothinta indlela esisebenzisa ngayo ukuphila kwethu, indlela esiphatha ngayo abanye abantu, ngisho nendlela esibheka ngayo labo abangakazalwa.

Ukuhlonipha Ukuphila Kongakazalwa

4 Amandla okudlulisela ukuphila ayilungelo elimangalisayo, eliyisipho saphezulu. Lokhu kuphila akudluliselwa ngesikhathi sokuzalwa, kodwa ngesikhathi sokukhulelwa. Njengoba iEncyclopædia Britannica isho, kungaleso sikhathi lapho “umlando wokuphila womuntu, njengento ehlukile nengokwesayensi yezempilo, uqala khona.” Ithi futhi: “Umuntu omusha uyadalwa lapho izakhi zesidoda esiphilayo zihlangana neqanda elivuthiwe.”⁠60 Ngokufanayo, isithakazelo sikaNkulunkulu ekuphileni komuntu siqala ngaphambi kokuzalwa. Umhubi uDavide wabhala, ethi kuNkulunkulu: “Wangaluka esiswini sikamame. . . . Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke [“izingxenye zalo,” NW] zalotshwa encwadini yakho.”—IHubo 139:13-16; UmShumayeli 11:5.

5 Ukuphila kwezigidi zabantwana abangakazalwa kuqedwa ngamabomu unyaka ngamunye ngokukhishwa kwezisu. Ingabe lokhu kulungile? Abanye bathi umntwana ongakazalwa akazi lutho ngokuphila futhi akakwazi ukuphila esengaphandle kwesizalo. Kodwa lokhu ngokuyisisekelo kunjalo ngomntwana osanda kuzalwa. Lapho ezalwa akazi lutho ngokushiwo ukuphila, futhi akanakuqhubeka ephila ngaphandle kokunakekelwa njalo. Ingqamuzana ephilayo eyakheka ngesikhathi sokukhulelwa iba ngumntwana uma ingaphazamisekanga. Ngakho-ke uma ukubulala umntwana osanda kuzalwa kubhekwa njengobugebengu cishe yonke indawo, futhi kwenziwa imizamo emikhulu yokusindisa ngisho nabantwana abazalwa ngaphambi kwesikhathi, kungani-ke, kungelona icala ukubulala ongakazalwa? Kungani ukuphila kubhekwa njengokungcwele kuphela ngemva kokuba kuphume esizalweni kodwa hhayi ngesikhathi kusesesizalweni?

6 Into ebalulekile akukhona nje ukuthi abantu bazibheka kanjani izinto kodwa yilokho okushiwo uNkulunkulu, uMniki wokuphila. KuJehova ukuphila kwengane engakazalwa kuyigugu, akumelwe kudlalwe ngakho. Wanikeza umthetho kumaIsrayeli asendulo ovikela ngokuqondile lokho kuphila. Uma, lapho amadoda amabili elwa, kulimala owesifazane okhulelwe noma kuphumela ekuphuphumeni kwesisu, lomthetho wawubeka izijeziso eziqatha. (Eksodusi 21:22, 23) Ukubulala ingane engakazalwa ngamabomu kwakungaba okungathi sína ngokungaphezulu. Ngokomthetho kaNkulunkulu, noma ubani obulala umuntu ngamabomu kwakumelwe agwetshelwe ukufa njengombulali. (Numeri 35:30, 31) UNkulunkulu usakubheka ngendlela ephakeme ngokufanayo ukuphila namanje.

7 Inhlonipho ejulile ngentando kaNkulunkulu ngokuqondene nokuphila kwengane engakazalwa iphumela enzuzweni yangempela. Ngokwenza abazali babe nomthwalo ogcwele ngalokho kuphila, uJehova uvimbela ubundindwa bobulili nayo yonke imiphumela yabo emibi. Lena ihlanganisa izifo ezidluliselwa ngobulili, ukukhulelwa okungafuneki, izingane ezizalelwa ekhaya, ukuwohloka kwemikhaya, nokucindezeleka kwengqondo kukanembeza ongahlanzekile. Ngaleyondlela, inhlonipho ngokuphila ingabangela ukuthula komkhaya manje futhi iyisici esibalulekile ekuzuzeni kwethu izibusiso zesikhathi esizayo.

Inhlonipho Ngokuphila Kwakho Siqu

8 Kuthiwani ngendlela esiphatha ngayo okwethu siqu ukuphila? Abantu abaningi bathi: ‘Angizange ngithi bangizale mina. Ngakho engikwenzayo ngokuphila kwami kungokwami. Ngiyokwenza noma ikuphi engikuthandayo.’ Kodwa ingabe isipho kumelwe size sicelwe ngosinikwayo ukuze asazise? Ukuphila ngokwakho kuhle ngokungenakuphikwa. Kuphela ukungapheleli kobuntu nobubi okukhinyabeza ukuphila eningi yenjabulo yakho. Akumelwe kusolwe uJehova uNkulunkulu ngalokho. Futhi uthembisa ukukulungisa ngohulumeni woMbuso wakhe. Ngakho-ke, kumelwe siphile ukuphila asinika khona ngendlela ebonisa ukuhlonipha intando yakhe nenjongo.—Roma 12:1.

9 Enye indlela esingabonisa ngayo ukwazisa okunjalo iwukulinganisela ekudleni nasekuphuzeni. Ukuminza nokudakwa uNkulunkulu akakufuni. (IzAga 23:20, 21) Futhi, njengoba nje ukudla ngokulinganisela kufanelekile kungokufanayo-ke nokusetshenziswa kophuzo oludakayo ngokulinganisela. Lokhu kuboniswa imibhalo eminingi.—Duteromoni 14:26; Isaya 25:6; Luka 7:33, 34; 1 Thimothewu 5:23.

10 Ngakho-ke akukhona ukuphuza okwenqatshwayo eBhayibhelini. Kuwukusebenzisa kabi uphuzo. Futhi kungesizathu esihle, ngoba lokho kulimaza umzimba, kwenze abaphuzile benze izenzo zobuphukuphuku, futhi kwenza babe yingozi nakwabanye. (IzAga 23:29-35; Efesu 5:18) EUnited States iyodwa, okungenani abantu abayizigidi eziyi-10 bahlulwa utshwala, omunye umphumela uwukufa kwezi-30 000 unyaka ngamunye ngenxa yokuqina nokushwabana kwesibindi. UMkhandlu Wesizwe Wokulutha Kotshwala uthi: “Ingqikithi yezindleko zesizwe icishe ibe ngamadollar ayizinkulungwane ezingama-43 zezigidi ngonyaka ngenxa yokuphutha emsebenzini, impilo nezinkonzo zenhlala-kahle, ukulimala kwempahla nezindleko zezokwelapha. . . . Kuzo zonke izingozi zokufa ezenzeka emigwaqweni namuhla, ezingama-50% zithintene notshwala. Ukufa okubangelwa umlilo okungama-80%, ukugwiliza okungama-65%, ama-22% ezingozi zasekhaya, ama-77% okuwa, ama-36% ezingozi zabahamba ngezinyawo nama-55% ababoshwayo kuthintene nokusetshenziswa kotshwala. Abafinyelela kuma-44% babashayeli bezindiza abahileleka ezingozini babekade bephuza. Ukuziphatha kobudlova okubangelwa utshwala kuyimbangela yokubulawa kwabantu okucishe kube ngama-65%, ama-40% okulinyazwa kwabantu, ama-35% okudlwengula, ama-30% amanye amacala obulili, ama-30% okuzibulala, ama-55% okulwa noma ukulimazana ekhaya nama-60% okuphathwa kabi kwezingane.”⁠61 Ukulahlekelwa ngokuwohloka kwemikhaya, ukuwohloka kokuphila, nokuhlupheka kwabantu akunakulinganiswa. Ngakho-ke akumangalisi ukuthi iZwi likaNkulunkulu lithi: “Ningadukiswa. . . . Nazifebe, . . . nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10.

11 Kuyiqiniso, abanye bayizwa ngokunamandla imiphumela ecindezelayo yesimo sezwe. Izimpi zalo, ubugebengu, ukwenyuka kwamanani, ubumpofu, kanye nokucindezela kwalo kubangela izinkinga zomuntu siqu. Kodwa akukho lutho oluzuzwayo ngokuzama ukubalekela lezi ngokuphuza ngokweqile okuyingozi. Lokhu kumane kubangele izinkinga ezengeziwe ngomuntu nangabanye, futhi phakathi nalokho, kuqede isithunzi somuntu, injongo ekuphileni, kanye nokuma kwakhe kuNkulunkulu.

Ukusetshenziswa Kwezidakamizwa

12 Ekuzameni ukubalekela izinkinga zokuphila, abantu abaningi baye baphendukela emilalisweni edunga ingqondo. Abasebenzisa imilaliso enjalo bakhetha isimo sokuzizwa uphupha kunesimo esingokoqobo. Abanye basebenzisa izidakamizwa ezinamandla ezinjengeheroin necocaine. Abanye bathatha ngokweqile izidakamizwa ezihlukahlukene ezingamaphilisi. Ukuphila kwabo kuthinteka kanjani?

13 Ukusebenzisa kwabo lezidakamizwa kuholela kalula nje ekulahlekelweni ukuzibamba, kuveze imiphumela efanayo naleyo ebonakala kumuntu odakiwe. (IzAga 23:29-34) Futhi kuqashelwa ngokuvamile ukuthi lezidakamizwa zingase zibe yingozi. EDolobheni laseNew York, ngokwesibonelo, ukulutha kweheroin kuyimbangela ephambili yokufa phakathi kwabantu abaphakathi kobudala beminyaka engu-18 nengu-35. Yeka ukungasinaki isipho sokuphila!

14 Kodwa kuthiwani ngomlaliso okuthiwa yinsangu? Nawo futhi ungaba yingozi ngezindlela eziningi. Abasebenzisa insangu ngokuvamile baba sengozini yokuthola imilaliso enamandla ngokuthintana nabathengisi bemilaliso nabanye abayisebenzisayo. Futhi, abaningi abaye bathembela kulomlaliso, bekholelwa ukuthi uyosusa ukucindezeleka, cishe bayodlulela emilalisweni enamandla.

15 Kodwa ngisho noma lokhu kungenzeki, ukubhema insangu kuyingozi. Iqukethe izakhi ezibanga umdlavuza eziningi kunogwayi, futhi ilimaza kakhulu emaphashini. Ukuyisebenzisa ngokungayeki kungase kubangele ukulimala kwesibindi, ukuphazamiseka kwezakhi zofuzo, nokulimala kwengqondo. INhlangano YaseCanada Ecwaninga Ngokulutha ithi insangu “ingumlaliso onamandla onezingozi eziningi empilweni.”⁠62 Isazi semilaliso sathi: “Insangu iwumlaliso oyingozi kakhulu. Eminyakeni eyi-10 edlule amaphepha angaba yizi-10 000 aye anyatheliswa kwezesayensi ebonisa ingozi empilweni.” Saphawula “ingozi eqondile engengathi sína entsheni ezama ukwazi okuthile ngekhanda,” ngokuthi yenza buthaka inkumbulo namandla okugxilisa ingqondo. Ngomsebenzisi wensangu sathi: “Akanakuyishayela kahle imoto noma abhale ngomshini. Ukuyisebenzisa isikhathi eside kubangela umonakalo omkhulu emandleni omzimba okuzivikela ezifweni.”⁠63 Abesifazane ababhema insangu ngesikhathi bekhulelwe basengozini enkulu yokuba nabantwana abakhubazeke ingqondo. Ngokucabangela konke lokhu, kungashiwo yini ukuthi ukusebenzisa insangu kubonisa ukuhlonipha isipho sokuphila?

16 Kunesinye isizathu esinamandla sokugwema ukusebenzisa imilaliso. Ingase ivule indlela yokuba umuntu abe ngaphansi kokulawulwa ngamademoni. Lokhu kuhlanganiswa kwemilaliso nemilingo akukusha neze. Abathakathi esikhathini esidlule babesebenzisa imilaliso. IExpository Dictionary of New Testament Words kaVine iyaphawula: “Ebuthakathini, ukusetshenziswa kwemilaliso, kungakhathaliseki ukuthi elula noma enamandla, ngokuvamile kwakuhambisana namazwi okuloya nokunxusa emandleni emilingo.” Lokhu kukhulumela kwenziwa ngokuqondene negama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ubuthakathi” (phar·ma·kiʹa, ngokwezwi nezwi “ukusetshenziswa kwemilutha”) kwabaseGalathiya 5:20. (Bheka futhi isAmbulo 9:21; 18:23.) Ngakho-ke imilaliso ingavulela umuntu ethonyeni lamademoni. Umuntu onenhlonipho ngoMniki-kuphila wakhe angazibeka kanjani engozini enjalo ngenxa nje yomuzwa wesikhashana?

17 Kuyinto eyaziwa kahle ukuthi ukusetshenziswa kwemilaliso kuhlangene ngokungenakwehlukaniswa nobugebengu kanye nokuwohloka kokuziphatha emphakathini. Ukuthengiswa kwezidakamizwa okungemthetho kuwumthombo oyinhloko wokwenza imali ebugebengwini obuhleliwe. Imilutha eminingi yezidakamizwa iyantshontsha ukuze isekele umkhuba wayo. Eminye iphendukela ebufebeni. Imikhaya iyehlukana uma ilungu elithile liba ngumlutha. Omama abakhulelwe badlulisela ukulutheka kubantwana babo, abafayo ngezinye izikhathi benziwa izinhlungu zokuqaleka. Futhi emazweni amaningi ukuba nezidakamizwa ezinjalo nokuzisebenzisela izizathu ezingezona ezokwelapha kungokungemthetho.—Mathewu 22:17-21.

18 Ingabe uyafuna ukuthintana nomkhuba ohambisana nazo zonke lezozithelo ezimbi? OFakazi BakaJehova abafuni! Abafuni ukuba nengxenye ekusetshenzisweni kwezidakamizwa ngenjongo yokuvukwa ngamadlingozi noma yokubalekela isimo soqobo. Bakwazisa kakhulu ukuphila futhi bafuna ukukusebenzisa ngendlela ehambisana nentando kaNkulunkulu.

Ukusetshenziswa Kukagwayi Nemikhiqizo Efanayo

19 Okuvame kakhulu namuhla ukusetshenziswa kukagwayi, futhi kwamanye amazwe, ibetel nut namahlamvu ecoca. Ngakunye kwalokhu kulimaza umzimba, futhi kwezinye izimo ingqondo. Ohulumeni baye baxwayisa ngokuthintana kukagwayi nezifo ezinjengomdlavuza wamaphaphu, izifo zenhliziyo, ukusha kwemithambo yomoya okungelapheki, ne-emphysema. Ingabe kubonisa inhlonipho ngesipho sokuphila ukusebenzisa imilaliso enjalo nemikhiqizo eyingozi?

20 Omunye angase athi lezizinto zonke ziyindalo kaNkulunkulu. Kuyiqiniso, kodwa kungokufanayo futhi nangamakhowe. Nokho ezinye izinhlobo ziyabulala uma zidliwa. Omunye angase athi iBhayibheli aliyilahli ngokuqondile imikhuba enjalo. Cha, kodwa, njengoba sesibonile, kunezinto eziningi ezingalahliwe ngokuqondile eBhayibhelini kodwa ngokusobala ezingalungile. Akukho ndawo lapho iBhayibheli lenqabela ngokuqondile ukuba usebenzise igceke likamakhelwane njengendawo yokulahla udoti. Kodwa umyalo walo ‘wokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena’ kumelwe ube ngowanele nganoma ubani wethu ukuba abone ukuthi lokhu kungaba yiphutha kanjani. Ngokufanayo, ukubhema kubonisa ukuntula uthando, ngoba intuthu ingase ibaphathe kabi abanye futhi yonakalise nempilo yabo.—Mathewu 22:39.

21 Kweyesi-2 Korinte 7:1 iZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuba “sizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.” Ngento ukuba ibe “ngcwele” kusho ukuba ibe “ehlanzekile, engenabala, engenakonakala.” UJehova uzigcina ehlanzekile ekonakaleni, akalokothi azehlise enze ngendlela engengcwele. Ngokufanelekile usilindele ukuba siqhubeke “siphelelise ubungcwele” ngezinga esingenza ngalo njengabantu. (Roma 12:1) Futhi, ulindele ukuba ‘simthande ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo, namandla.’ Kodwa umuntu angakwenza kanjani lokhu uma ezitika emikhubeni engcolisa umzimba wakhe, elimaza impilo yakhe, nefushanisa ukuphila kwakhe?—Marku 12:29, 30.

22 Nakuba omunye wemikhuba enjalo ungase ubonakale umbambile umuntu, angase awunqobe akhululeke. Ulwazi ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe lunikeza isisusa esinamandla sokwenza kanjalo. Umuntu ‘angenziwa musha emoyeni wengqondo yakhe.’ (Efesu 4:23) Lokhu kuyovula indlela entsha yokuphila ephumela ekwanelisekeni komuntu siqu nedumisa uNkulunkulu.

Inhlonipho Ngokuphila Njengoba Kumelelwe Yigazi

23 Igazi lethu, nalo lidinga ukucatshangelwa uma sikhuluma ngokuphila. UNkulunkulu uye wakhetha kokubili igazi labantu nelezilwane njengelimelele ukuphila. Lokhu kubonakala ngomthetho awunikeza uNowa futhi kamuva wawunika isizwe sakwaIsrayeli. Okuwukuphela kokusetshenziswa kwegazi okwakuvumelekile kwakuwumhlatshelo. (Genesise 9:3, 4; Levitikusi 17:10-14) Imihlatshelo yonke yafanekisela umhlatshelo owodwa kaJesu, lowo athulula ngawo igazi lakhe lokuphila ngenxa yesintu. (Heberu 9:11-14) Lokhu ngokwakho kumelwe kusibangele ukuba siyinakekele kakhulu intando kaNkulunkulu kulokhu.

24 Ingabe umthetho kaNkulunkulu ngokuqondene nokusetshenziswa kwegazi usasebenza kumaKristu eqiniso? Yebo, njengoba kuboniswe yinkulumo engokomthetho eyenziwa abaphostoli nabanye abadala bebandla lobuKristu lekhulu lokuqala. Ngaphansi kokuqondisa komoya kaNkulunkulu, babhala: “Kwaba-kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo [okungophanga igazi], nobufebe; uma nizilinda kulezozinto, noba nenza kahle.”—IzEnzo 15:28, 29.

25 Abantu abaningi abayinaki intando kaNkulunkulu ngokuqondene negazi. Balisebenzisa ekudleni, ngezinjongo zokwelapha, ngisho nasemikhiqizweni yezentengiselwano. Kodwa lokhu akumelwe kusimangaze, ngoba izwe libonisa ukwazisa okuncane kakhulu ngesipho sokuphila ngokwaso. Nokho, uma sikwazisa ukuphila nokuthi siyolandisa kuNkulunkulu, ngeke singayinaki intando yakhe noma simedelele ngokweqa imiyalo yakhe.

26 Ngaleyondlela, nakuba kumelwe siyikhathalele impilo yethu futhi sifune ukuvikela ukuphila kwethu, kunemigomo ethile okumelwe siyiqaphele. UJesu wakwenza kwakhanya lokhu uma ethi: “Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kulelizwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.”—Johane 12:25.

27 Uma kuyindaba yokubhekana nokufa ngenxa yokulalela uNkulunkulu noma yokungamlaleli ukuze igweme ukufa, inceku kaNkulunkulu iyokhetha ukufa kunokungalaleli. Ngokungamlaleli uNkulunkulu, uJesu ngabe wasinda ekufeni. Kodwa akazange enze kanjalo. Futhi amanye amadoda angaphambi kwakhe ayebonise ukuzinikela okufanayo okunganqamuki kuNkulunkulu. (Mathewu 26:38, 39, 51-54; Heberu 11:32-38) Awazange avumele ukuphila kwawo kwamanje kuwavimbele endleleni yokufanelekela ukuphila okuphakade.

28 Ingabe ileyondlela nawe obheka ngayo ukuphila? Ingabe uyaqaphela ukuthi ukuze ukuphila kusho okuthile ngempela, kumelwe uphile ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu? Ukuhlakulela lowombono manje kuyingxenye yokulungiselela ukuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu. Yeka ukuthi siyozizwa silondeke futhi siphephe kanjani ngalesosikhathi, noma kuphi nanganoma isiphi isikhathi, sazi ukuthi bonke abaphila emhlabeni banenhlonipho engokoqobo ngesipho sikaNkulunkulu sokuphila!

[Imibuzo Yesifundo]

1, 2. Kungani kumelwe sibonise inhlonipho ejulile ngesipho sokuphila?

3. Ukubukela ubudlova ngenjongo yokuzilibazisa kusithinta kanjani isimo somuntu ngokuphila?

4. (a) Ukuphila kudluliselwa nini kumntwana womuntu? (b) Yini ebonisayo noma uNkulunkulu unesithakazelo yini ekuphileni kwabantu ngaphambi kokuzalwa?

5. Kungani amaphuzu abekwayo ngomzamo wokuthethelela ukukhipha isisu engenangqondo?

6. IBhayibheli liwubonisa kanjani umbono kaNkulunkulu ngokubulala ngamabomu umntwana ongakazalwa?

7. Ikuphi esivikelwa kukho uma sihlonipha intando kaNkulunkulu ngokuqondene nokuphila kwengane engakazalwa?

8. Kungani kumelwe sibonise inhlonipho ngentando kaNkulunkulu ngendlela esiphatha ngayo imizimba yethu siqu?

9. IBhayibheli lithini ngokuminza nokudakwa?

10. (a) Isidakwa sikubonisa kanjani ukungakuhloniphi ukuphila? (b) Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Korinte 6:9, 10, kungani kubalulekile ukugwema ubudakwa?

11. Ingabe kunengqondo ukuzama ukubalekela izinkinga zomuntu siqu ngokuphuza ngokweqile?

12. Kungani abantu abaningi bephendukela emilalisweni?

13. Imiphi imiphumela ezinye zalezidakamizwa ezinayo kozisebenzisayo, futhi iBhayibheli lixwayisa kanjani ngazo?

14, 15. Kungani labo ababhema insangu bengabonisi inhlonipho ngesipho sokuphila?

16. Iyiphi enye ingozi engathi sína ukusebenzisa imilaliso okungafaka kuyo umuntu, futhi lokhu kumelwe kuwuthinte kanjani umbono wethu ngalendaba?

17, 18. (a) Isiphi esinye isithelo esibi esiye sahlanganiswa nokusebenzisa umlaliso? (b) Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova abangamaKristu bakubheka kanjani ukusetshenziswa kwemilaliso?

19. Kungani ukuhlonipha isipho sokuphila kungena embonweni womuntu ngokusebenzisa ugwayi, ibetel nut, namahlamvu ecoca?

20, 21. (a) Ingabe iqiniso lokuthi iBhayibheli aliyilahli imikhuba enjalo ngamagama lisho ukuthi ilungile? (b) Iziphi izimiso zeBhayibheli ezibonisa ukuthi imikhuba enjalo ayifanele ekuphileni kwenceku kaNkulunkulu?

22. Yini engenza ukuba umuntu akwazi ukugqashula ekubanjweni umkhuba omubi kanjalo?

23. (a) Ikuphi okuwukuphela kokusetshenziswa kwegazi uNkulunkulu akuvumela emthethweni wakhe kuIsrayeli? (b) Kungani okushiwo yileyomihlatshelo kumelwe kusibangele sicabangisise ngentando kaNkulunkulu kulendaba?

24. Izenzo 15:28, 29 zithini ngokuqondene nombono amaKristu okumelwe abe nawo ngokusetshenziswa kwegazi?

25. Imiphi imikhuba izwe elibonisa ngayo ukunganaki ngentando kaNkulunkulu ngokuqondene nokusetshenziswa kwegazi?

26, 27. Kungani imizamo yomuntu yokuvikela ukuphila kwakhe kwamanje ngokungamlaleli uNkulunkulu ingabonisi ukumhlonipha?

28. Ngokuhlakulela ukwazisa ngombono weBhayibheli ngokuphila, yini esizilungiselela yona?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela